Amasu Okufunda
Ruthe


Ruthe

ETestamenteni eliDala, ngumalokazana wakwaMowabi kaNawomi kanye noElimeleki, ababengabakwa-Israyeli. Emuva kokufa komyeni wakhe, uRuthe wagana uBowazi owayengowomndeni kaNawomi. Indodana yabo u-Obede wayengukhokho kaDavide kanye noKristu. Indaba kaRuthe ikhombisa ngokuhle ukuguqulwa kowayengesiye umIsrayeli ukuba abe semhlambini wakwa-Israyeli. URuthe washiya unkulunkulu wakhe wangaphambilini kanye nempilo yakhe yangaphambilini ukuba azihlanganise nabomuzi bonke bokholo ekusebenzeleni uNkulunkulu ka-Israyeli (Ruthe 1:16).

Incwadi kaRuthe

Isahluko 1 sichaza ngempilo ka-Elimeleki kanye nomndeni wakhe kwaMowabi. Emuva kokufa kwabayeni babo, uNawomi kanye noRuthe baya eBetlehema. Isahluko 2 sichaza ukuthi uRuthe wakhothoza emasimini kaBowazi. Isahluko 3 sikhuluma ngokuthi uNawomi wamyala kanjani uRuthe ukuba aye ebaleni futhi alale ezinyaweni zikaBowazi. Isahluko 4 yindaba yokugana kukaRuthe kuBowazi. Bathola indodana, u-Obedi, ngohlanga lwakhe okweza uDavide kanye noKristu.