ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 105


Isigaba 105

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eMfuleni iFishing, eMissouri, ngomhlaka 22 Juni, 1834. AbaNgcwele ababesuka e-Ohio nakwezinye izindawo bahamba baya eMissouri, beholwa ngumPhrofethi uJoseph Smith ohambeni olwagcina selwaziwa ngokuthi yiNkambu yeSiyoni. Inhloso yabo kwakunguku phelezela abaNgcwele ababe xoshiwe abase behlala eMissouri ukuba babuyele ezindaweni zabo esiFundeni iJackson. Abantu base Missouri ababe hluphe abaNgcwele phambilini babe saba impindiselo yeNkambu yeSiyoni, babe sebehlasela abaNgcwele ababehlala esiFundeni iClay, eMissouri, ukuze bavimbele leyo mpindiselo. Emva kokuthi umbusi wase Missouri esesi hoxisile isethembiso sakhe sokulekelela abaNgcwele, uJoseph Smith wathola lesi sambulo.

1–5, ISiyoni izokwakhiwa ngokulandela umthetho wesilestiyali; 6–13, Ukusindiswa kweSiyoni kuhlehlisiwe okwesikhashana; 14–19, INkosi izozilwa izimpi zeSiyoni; 20–26, AbaNgcwele kufanele bahlakaniphe futhi bangazigabisi ngemisebenzi emikhulu ngesikhathi behlangana; 27–30, Imihlaba eseJackson nasezifundeni ezakhelene kufanele ithengwe; 31–34, Amagosa azophiwa izipho zomoya endlini yeNkosi eseKirtland; 35–37, AbaNgcwele ababiziwe futhi nabakhethiweyo bazongcweliswa; 38–41, AbaNgcwele kufanele baphakamise isibonakaliso sokuthula emhlabeni.

1 Ngiqinisile ngithi kini enizihlanganise ndawonye ukuze nifumane ulwazi ngentando yami ngoku buyiselwa kwabantu bami esimweni sabo abahlushiwe—

2 Bhekani, ngithi kini, ukuba bekunge ngenxa ye ziphambeko zabantu bami, ngikhuluma ngokuphathelene nebandla hhayi ngabantu ngabanye, ngabe sebebuyiselwe esimweni sabo ngisho manje.

3 Kodwa bhekani, abafundile ukwenza izinto engizidinga ezandleni zabo, kodwa bagcwele lonke uhlobo lobubi, futhi ababelani izinto zabo, njengokufanele abangcwele, kwabampofu nabahlushiweyo phakathi kwabo;

4 Futhi aba munye ngokokuba munye okudingwa wumthetho wombuso wesilestiyali;

5 Futhi uSiyoni ngeke akhiwe ngaphandle kwemigomo yo mthetho wombuso wesilestiyali; kungenjalo angikwazi ukumamukela kimi.

6 Futhi abantu bami kudingeka bajeziswe baze bafunde ukulalela, uma kudingekile, ngezinto abezwa ubuhlungu ngazo.

7 Angikhulumi ngalabo ababekelwe ukuhola abantu bami, abanga magosa okuqala ebandla lami, ngokuba akubona bonke abangaphansi kwalokhu kubekwa icala;

8 Kodwa ngikhuluma ngamabandla ami akude—baningi abazothi: Uphi uNkulunkulu wabo na? Bhekani, uzobakhulula ngesikhathi sobunzima, kungenjalo ngeke siye eSiyoni, futhi sizozi godla izimali zethu.

9 Ngakho-ke, ngenxa ye ziphambeko zabantu bami, ngibona kufanele ukuba amagosa ami alinde isikhashana kuze kubuyiselwe iSiyoni—

10 Ukuze bona uqobo balungiswe, futhi nokuba abantu bami bafundiswe ngokuphelele kakhudlwana, futhi bathole ithuba lokuzenzela, futhi bazi kakhudlwana ngokuphathelene nomsebenzi wabo, futhi nezinto engizidinga ezandleni zabo.

11 Futhi lokhu ngeke kwenzeke kuze kube amagosa ami aphiwa amandla avela phezulu.

12 Ngokuba bhekani, ngilungise izipho zomoya ezinkulu nesibusiso ukuba kuthululwe phezu kwabo, kangangoba bethembekile futhi beqhubeka ngokuzithoba phambi kwami.

13 Ngakho-ke ngibona kufanele ukuba amagosa ami alinde isikhashana, kuze kubuyiselwe iSiyoni.

14 Ngokuba bhekani, angikufuni ezandleni zabo ukuthi balwe izimpi zeSiyoni; ngokuba, njengoba ngishilo emyalelweni ongaphambili, ngisho kanjalo-ke ngiyokugcwalisa lokho—ngizozilwa izimpi zenu.

15 Bhekani, umbhubhisi ngimthumele ukuba abhubhise futhi achithe izitha zami; futhi iminyaka engeminingi kusuka manje bayobe bengasekho ukungcolisa ifa lami, noku jivaza igama lami emihlabeni engiyi ngcwelisele ukuba kuqoqane ndawonye abangcwele bami.

16 Bhekani, ngiyale inceku yami uJoseph Smith, omNcane, ukuba athi emandleni endlu yami, ngisho amabutho ami, izinsizwa zami, naba neminyaka emaphakathi, mabaqoqane ndawonye ukubuyisela abantu bami, futhi badilize imibhoshongo yezitha zami, futhi bahlakaze abaqaphi babo;

17 Kodwa amandla endlu yami awaka walaleli amazwi ami.

18 Kodwa kangangoba kunalabo abawalalelayo amazwi ami, ngibalungisele isibusiso nesipho somoya, uma beqhubeka ngokuthembeka.

19 Ngiyizwile imikhuleko yabo, futhi ngizowemukela umnikelo wabo; futhi ngikubona kufanele ukuba balethwe kuze kube lapha ukuze kuvivinywe ukholo labo.

20 Manje, ngiqinisile ngithi kini, umyalelo ngini nika wona, wokuthi kangangoba bebaningi abeze lapha, abangahlala esifundeni esiseduze, mabahlale;

21 Futhi labo abangeke bahlale, abanemindeni empumalanga, mabahlale isikhashana, kangangoba inceku yami uJoseph eyobakhombisa;

22 Ngokuba ngizomluleka ngaloludaba, futhi zonke izinto noma yini ayobabela yona iyogcwaliseka.

23 Futhi abantu bami bonke abahlala ezifundeni eziseduzane mabathembeke kakhulu, futhi bakhuleke, futhi bazithobe phambi kwami, futhi bangazambuli izinto engizambule kubo, kuze kube ngukuhlakanipha kimi ukuba zambulwe.

24 Ningakhulumi ngokwahlulelwa, ninga zigabisi ngokukholwa noma ngemisebenzi emikhulu, kodwa qoqanani ndawonye ngokucophelela, ngobuningi benu esifundeni esisodwa, ngokuvumelana nemizwa yabantu;

25 Futhi bhekani, ngizoni nika umusa emehlweni abo, ukuze niphumule ngo kuthula nangokuphepha, ngesikhathi nithi kubantu: Senzeleni ukwahlulela nokulunga ngokomthetho, futhi nisilungisele ekoniweni kwethu.

26 Manje, bhekani, ngithi kini, bahlobo bami, ngalendlela ningathola umusa emehlweni abantu, kuze kube ibutho lika-Israyeli liba likhulu kakhulu.

27 Futhi ngizozi thambisa izinhliziyo zabantu, njengoba ngenza enhliziyweni ka Faro, izikhathi ngezikhathi, kuze kube inceku yami uJoseph Smith, omNcane, namagosa ami, engiwabekile, babe nesikhathi sokuqoqa amandla endlu yami,

28 Futhi nokuthumela amadoda ahlakaniphileyo, ukugcwalisa lokho engikuyalile ngokuphathelene nokuthengwa kwayo yonke imihlaba esifundeni saseJackson engathengwa, nasezi fundazweni eziseduzane.

29 Ngokuba kuyintando yami ukuba lemihlaba ithengwe; futhi emva kokuba ithengiwe ukuba abangcwele bami ibe ngeyabo ngokwe mithetho yokunikela engiyinikile.

30 Futhi emva kokuthengwa kwale mihlaba, angiyukuwabeka cala amabutho ka-Israyeli ngokuthatha imihlaba yabo, ababeyithengile kuqala ngezimali zabo, nokuchitha imibhoshongo yezitha zami engaba phezu kwabo, nokuhlakaza abaqaphi bazo, nokungi phindiselela ezitheni zami esizukulwaneni sesithathu nese sine salabo abangizondayo.

31 Kodwa ibutho lami malibe likhulu kuqala, futhi malingcweliswe phambi kwami, ukuze libe lihle njengelanga, futhi licwebe njengenyanga, futhi ukuze izibonakaliso zabo zesabeke kuzo zonke izizwe;

32 Ukuze imibuso yalomhlaba iphoqeleke ukuvuma ukuthi umbuso weSiyoni impela ungumbuso kaNkulunkulu wethu noKristu wakhe; ngakho-ke, masibe phansi kwemithetho yakhe.

33 Ngiqinisile ngithi kini, ngibona kufanele ukuba amagosa ebandla lami okuqala athole izipho zabo zomoya ezivela phezulu endlini yami, engiyalile ukuba yakhiwe egameni lami ezweni laseKirtland.

34 Futhi leyo miyalo engiyinikile ngokuphathelene noSiyoni nomthetho wakhe mayenziwe futhi mayigcwaliseke, emva kokubuyiselwa kwakhe.

35 Kube nosuku loku bizwa, kodwa isikhathi sesifikile sosuku lokukhetha; futhi labo abakhethiweyo mabafaneleke.

36 Futhi kuzovezwa kuyo inceku yami, ngezwi likaMoya, labo abakhethiweyo; futhi bayo ngcweliswa;

37 Futhi kangangoba belandela iziyalo abazitholile, bazokuba namandla emuva kwezinsuku eziningi okufeza zonke izinto eziphathelene neSiyoni.

38 Futhi phezu kwalokho ngithi kini, ncengani ukuthula, hhayi kubantu kuphela abanishayile, kodwa futhi nakubo bonke abantu;

39 Futhi phakamisani isibonakaliso sokuthula, futhi nenze isimemezelo sokuthula siye emikhawulweni yomhlaba;

40 Futhi yenzani iziphakamiso zokuthula kulabo abanishayile, ngokwezwi loMoya elikini, futhi zonke izinto ziyosebenzelana ukuze kube kuhle kini.

41 Ngakho-ke, thembekani; futhi bhekani, futhi bheka, nginani ngisho kuze kube sekugcineni. Ngisho kanjalo. Amen.