ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 115


Isigaba 115

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eFar West, eMissouri, ngomhlaka 26 Epreli 1838, esazisa ngentando kaNkulunkulu ngokuphathelene nokwakhiwa kwaleyo ndawo kanye nendlu yeNkosi. Lesi sambulo siqondiswe kubaphathi abengamelayo nakumalungu eBandla.

1–4, INkosi iqamba ibandla Layo ngokuthi IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina; 5–6, USiyoni nezikhonkwane zakhe bayizindawo zokuvikeleka nezokuphephela zabaNgcwele; 7–16, AbaNgcwele bayalwa ukuba bakhe indlu yeNkosi eFar West; 17–19, UJoseph Smith uphethe izikhiye zombuso kaNkulunkulu emhlabeni.

1 Ngiqinisile isho kanje iNkosi kuwe, nceku yami uJoseph Smith, omNcane, futhi nakuwe nceku yami uSidney Rigdon, futhi nakuwe nceku yami uHyrum Smith, futhi nakubeluleki bakho ababekwayo futhi nabazobekwa emva kwalokhu;

2 Futhi nakuwe, nceku yami u-Edward Partridge, nakubeluleki bakhe;

3 Futhi nakuzo izinceku zami ezithembekileyo ezingabomkhandlu omkhulu webandla lami eSiyoni, ngokuba liyobizwa kanjalo, futhi nakuwo wonke amagosa nabantu beBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina lami, abasabalele ndawo zonke emhlabeni wonke;

4 Ngokuba liyobizwa kanjena ibandla lami ngezinsuku zokugcina, ngisho IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina.

5 Ngiqinisile ngithi kini nonke: Sukumani futhi nikhanye, ukuze ukukhanya kwenu kube umgomo wezizwe;

6 Futhi ukuze ukuqoqana ndawonye ezweni lase Siyoni, nakuzo izikhonkwane zakhe, kube okokuvikeleka, nokuphepha kuso isichotho, nakulo ulaka uma selu thululwa lungaxutshiwe emhlabeni wonke.

7 Idolobha, iFar West, malibe umhlaba ongcwele nongcweliselwe mina; futhi liyobizwa ngokuthi elingcwele kakhulu, ngokuba umhlabathi enime kuwo ungcwele.

8 Ngakho-ke, nginiyala ukuba ningakhele indlu, ukuze kuqoqane ndawonye kuyo abangcwele bami, ukuze bangikhonze.

9 Futhi makube khona isiqalo salomsebenzi, nesisekelo, nomsebenzi wokulungiselela, ngalelihlobo elilandelayo;

10 Futhi makwenziwe isiqalo ngosuku lwesine kuJulayi olandelayo; futhi kusuka ngaleso sikhathi kuya phambili abantu bami mabasebenze ngokukhuthala ukwakha indlu egameni lami;

11 Futhi ngo nyaka owodwa kusuka ngalolusuku mabaqale futhi babeke isisekelo sendlu yami.

12 Ngalesi sizathu mabasebenze ngokukhuthala kusuka ngaleso sikhathi kuya phambili kuze kube iyaqedwa, kusuka etsheni lesisekelo layo kuya phezulu, kuze kungabi bikho lutho lwayo olungaqediwe.

13 Ngiqinisile ngithi kini, inceku yami uJoseph, nenceku yami uSidney, nenceku yami uHyrum, mabangabe besangena ezikweletini ngokwakha indlu egameni lami;

14 Kodwa indlu mayakhiwe egameni lami ngokwe sifanekiso engiyobatshengisa sona.

15 Futhi uma abantu bami bengayakhi ngokwesifanekiso engiyositshengisa ubumongameli babo, ngeke ngiyamukele ezandleni zabo.

16 Kodwa uma abantu bami beyakha ngokwesifanekiso engiyositshengisa ubumongameli babo, ngisho inceku yami uJoseph nabeluleki bakhe, uma kunjalo ngizoyamukela ezandleni zabantu bami.

17 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, kuyintando yami ukuthi idolobha laseFar West kufanele lakhiwe ngokushesha ngokuqoqana kwabangcwele bami;

18 Futhi nokuthi ezinye izindawo kufanele zimiselwe ukuba yizikhonkwane ndawo zonke, njengoba kuyoboniswa inceku yami uJoseph, izikhathi ngezikhathi.

19 Ngokuba bhekani, ngizoba naye, futhi ngizomngcwelisa phambi kwabantu; ngokuba kuye nginike izikhiye zalombuso nobufundisi. Ngisho kanjalo. Amen.