ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 133


Isigaba 133

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eHiram, e-Ohio, ngomhlaka 3 Novemba, 1831. Ukwandulela lesi sambulo, umlando ka Joseph Smith uthi, Ukwandulela lesi sambulo umPhrofethi wabhala lokhu, “Ngalesi sikhathi zaziningi izinto amaGosa ayefisa ukuzazi mayelana nokushumayela iVangeli kubantu base mhlabeni, futhi nangokuphathelene nokubuthana; ukuze bahambe ekukhanyeni kweqiniso, futhi bafundiswe kusuka phezulu, ngomhlaka 3 Novemba 1831, ngabuza eNkosini ngase ngithola lesi sambulo esilandelayo esibalulekile.” Lesi sigaba saqala sahlanganiswa nencwadi yeMfundiso neziVumelwano njengesithasiselo kwathi kamuva saba ngesinye sezigaba.

1–6, AbaNgcwele bayalwa ukuba balungiselele ukuZa kwesiBili; 7–16, Bonke abantu bayalwa ukuba babaleke eBabiloni, beze eSiyoni, futhi balungiselele usuku olukhulu lweNkosi; 17–35, Uyokuma phezu kweNtaba iSiyoni, amazwekazi ayophenduka izwe lelilodwa, nezizwana ezilahlekileyo zika-Israyeli zizobuya; 36–40, Ivangeli labuyiselwa ngoJoseph Smith ukuze lishunyayelwe emhlabeni wonke; 41–51, INkosi izokwehla ngempindiselo phezu kwababi; 52–56, Kuyoba wunyaka wabakhululiweyo Bayo; 57–74, Ivangeli kufanele lithunyelelwe ukuhlenga abaNgcwele nokubhujiswa kwababi.

1 Lalelani, O nina bantu bebandla lami, kusho iNkosi uNkulunkulu wenu, futhi nizwe izwi leNkosi ngokuphathelene nani—

2 INkosi eyoza masinyane ethempelini layo; iNkosi eyokwehlela phezu komhlaba nesiqalekiso ukuzo kwahlulela; yebo, phezu kwazo zonke izizwe ezimkhohlwayo uNkulunkulu, naphezu kwabo bonke ababi phakathi kwenu.

3 Ngokuba uyokwambula ingalo yakhe engcwele emehlweni ezizwe zonke, futhi yonke imikhawulo yomhlaba iyoyibona insindiso kaNkulunkulu wayo.

4 Ngalokho-ke, lungiselelani, lungiselelani, O bantu bami; zingcweliseni; buthanani ndawonye, O nina bantu bebandla lami, ezweni laseSiyoni, nani nonke eningakayalwa ukuba nihlale.

5 Phumani eBabiloni. Hlanzekani nina eniphatha izitsha zeNkosi.

6 Bizani imihlangano yenu enesizotha, futhi nikhulume njalo omunye komunye. Futhi wonke umuntu makabize igama leNkosi.

7 Yebo, ngiqinisile ngiyaphinda ngithi kini, isikhathi sesifikile lapho izwi leNkosi lithi kini: Phumani eBabiloni; buthanani niphume phakathi kwezizwe, kusuka kuzo izingxenye ezine zomhlaba, kusuka emkhawulweni wezulu kuya komunye.

8 Thumelani amagosa ebandla lami ezizweni ezikude; eziqhingini zolwandle; thumelani kwamanye amazwe; nxusani izizwe zonke, kuqala kwabeZizwe, futhi emva kwalokho naku maJuda futhi.

9 Futhi bhekani, futhi bheka, lesi kuyoba yisimemezelo sabo, futhi nezwi leNkosi kubo bonke abantu: Hambani niye ezweni laseSiyoni, ukuze imingcele yabantu bami yandiswe, futhi ukuze ne zikhonkwane zakhe ziqiniswe, futhi ukuze uSiyoni aqhubekele ezifundeni ndawo zonke.

10 Yebo, isimemezelo masiye phakathi kwabo bonke abantu: Vukani futhi nisukume niyohlangabeza uMyeni; bhekani futhi bheka, uMyeni uyeza; hambani niyomhlangabeza. Zilungiseleleni usuku olukhulu lweNkosi.

11 Ngakho-ke, lindani, ngokuba anilwazi usuku noma ihora.

12 Ngakho-ke, labo aba phakathi kwabeZizwe mababalekele eSiyoni.

13 Futhi labo abayisizwe sika Juda mababalekele eJerusalema, ezintabeni zendlu yeNkosi.

14 Phumani phakathi kwezizwe, ngisho eBabiloni, phakathi kobubi, okuyiBabiloni yomoya.

15 Kodwa ngiqinisile, isho kanje iNkosi, ukubaleka kwenu makungabi ngokushesha, kodwa zonke izinto mazilungiswe ngaphambi kwenu; futhi lowo ohambayo, makangabheki emuva hleze imbubhiso engalindelekile ingamehleli.

16 Lalelani futhi nizwe, O nina bantu basemhlabeni. Lalelani, nina magosa ebandla lami ndawonye, futhi nizwe izwi leNkosi; ngokuba ubiza bonke abantu, futhi uyala bonke abantu yonke indawo ukuba baphenduke.

17 Ngokuba bhekani, iNkosi uNkulunkulu ithumele ingelosi ukuba imemezele emkhathini wezulu ithi: Lungisani indlela yeNkosi, futhi nenze imikhondo yayo iqonde, ngokuba ihora lokuza kwayo seliseduze—

18 Lapho iMvana iyoma phezu kwe Ntaba iSiyoni, futhi kumi kanye nayo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, benegama likaYise lilotshwe emabunzini abo.

19 Ngalokho-ke, lungiselelani ukuza ko Myeni; phumani, phumani niyomhlangabeza.

20 Ngokuba bhekani, uyokuma phezu kwentaba yemiNqumo, futhi naphezu kolwandle olukhulu, ngisho ukujula okukhulu, naphezu kweziqhingi zolwandle, futhi naphezu kwezwe laseSiyoni.

21 Futhi uyo khuluma izwi lakhe ese Siyoni, futhi uyokhuluma eseJerusalema, futhi izwi lakhe liyozwakala kubo bonke abantu;

22 Futhi kuyokuba yizwi njengezwi lamanzi amaningi, futhi njengezwi lokuduma okukhulu, okuyo diliza izintaba, futhi izigodi ngeke zitholakale.

23 Uyoyala ukujula okukhulu, futhi kuyohlehla kuye emazweni asenyakatho, iziqhingi ziyoba yizwe elilodwa;

24 Futhi izwe lase Jerusalema nezwe laseSiyoni ayophindiselwa ezindaweni zawo, futhi umhlaba uyoba njengoba wawunjalo ezinsukwini phambi kokuba uhlukaniswe.

25 Futhi iNkosi, ngisho umSindisi, iyoma phakathi kwabantu bayo, futhi iyobusa phezu kwayo yonke inyama.

26 Futhi labo abase mazweni asenyakatho bayokhunjulwa phambi kweNkosi; futhi nabaphrofethi babo bayolizwa izwi layo, futhi ngeke besazibamba; bayoshaya amadwala, iqwa liyogobhoza phambi kwabo.

27 Futhi kuyomiswa indlela phakathi nolwandle olukhulu.

28 Izitha zabo ziyoba ngaphansi kwabo,

29 Futhi ogwadule olomileyo kuyophuma amachibi amanzi agobhozayo; nesihlabathi esihangukileyo ngeke sisaba yizwe elomileyo.

30 Futhi bayoletha amagugu abo enani elikhulu kubantwana ba-Efrayimi, izinceku zami.

31 Futhi imikhawulo ye zintaba ezimiyo ziyothuthumela phambi kwabo.

32 Futhi lapho bayoguqa phansi futhi baqheliswe ngenkazimulo, ngisho eSiyoni, ngezandla zezinceku zeNkosi, ngisho abantwana ba-Efrayimi.

33 Futhi bayogcwaliswa nga maculo enjabulo yaphakade.

34 Bhekani, lesi yisibusiso sikaNkulunkulu waphakade kuzo izizwana zika-Israyeli, futhi nesibusiso esikhulu kuye u-Efrayimi nabangani bakhe.

35 Futhi nalabo futhi be sizwana sikaJuda, emva kobuhlungu babo, bayongcweliswa ukuba babe ngcwele phambi kweNkosi, ukuze bahlale lapho ikhona imini nobusuku, phakade naphakade.

36 Manje, ngiqinisile ithi iNkosi, ukuze lezi zinto zaziwe phakathi kwenu, O bantu basemhlabeni, ngithumele ingelosi yami endiza emkhathini wezulu, ine vangeli laphakade, evele kwabanye futhi yalinika abantu, eyovela kwabaningi abahlala emhlabeni.

37 Futhi leli vangeli liyo shunyayelwa kuzo zonke izizwe, nezihlobo, nezilimi, nabantu.

38 Futhi izinceku zikaNkulunkulu ziyohamba, zithi ngezwi elikhulu: Mesabeni uNkulunkulu futhi nimnike udumo, ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile;

39 Futhi mkhonzeni lowo owenza izulu, nomhlaba, nolwandle, nemithombo yamanzi—

40 Zibiza igama leNkosi imini nobusuku, zithi: O sengathi unga dabula amazulu, sengathi ungehla, izintaba zigobhoze phambi kwakho.

41 Futhi ziyophendulwa; ngokuba inkazimulo yeNkosi iyofana nomlilo oncibilikisayo ongamalangabi, futhi njengomlilo owenza amanzi abile.

42 O Nkosi, uyokwehla uzokwenza igama lakho laziwe ezitheni zakho, futhi zonke izizwe ziyothuthumela ngenxa yenkazimulo yakho—

43 Lapho usuwenza izinto ezesabekayo, izinto abangazibhekile;

44 Yebo, lapho usuwehla, nezintaba sezigobhozela phansi ngenxa yenkazimulo yakho, uyo hlangana naye othokozayo nowenza ukulunga, okukhumbulayo ezindleleni zakho.

45 Ngokuba kusuka ekuqaleni komhlaba ngabe abantu abakaze bezwe na noma bazi nangendlebe, futhi ngabe iso alikaze libone na, O Nkulunkulu, ngaphandle kwakho, ukuthi zingakanani izinto osu mlungisele zona okulindileyo.

46 Futhi kuyothiwa: Ubani lona owehla ephuma kuNkulunkulu ezulwini nezingubo ezibomvu; yebo, osuka ezindaweni ezingaziwa, ogqoke ingubo yakhe ekhazimulayo, ohamba ngobukhulu bamandla akhe na?

47 Futhi uyothi: Nginguye owakhuluma ngokulunga, nonamandla okusindisa.

48 Futhi iNkosi iyoba bomvu ngezingubo zayo, futhi izingubo zayo zinjenge zonyathela kuso isikhamo sewayini.

49 Futhi iyoba nkulu kakhulu inkazimulo yobukhona bakhe kangangoba ilanga liyofihla ubuso balo ngamahloni, nenyanga iyogodla ukukhanya kwayo, nezinkanyezi ziyodedeleka zisuka ezindaweni zazo.

50 Futhi izwi lakhe liyozwakala lithi: Ngisi nyathelile isikhamo sewayini ngingedwa, futhi ngilethe ukwahlulela kubo bonke abantu; futhi kakho obenami;

51 Futhi ngibanyathelile ngolaka, futhi nginyathelile phezu kwabo ngentukuthelo yami, futhi igazi labo ngilifafazile phezu kwezingubo zami, futhi ngangcolisa zonke izambatho zami; ngokuba yilo lolu suku lwempindiselo olwaluse nhliziyweni yami.

52 Manje unyaka waba khululiweyo bami usufikile; futhi bayophawula ngesihe seNkosi yabo, nangakho konke lokho ebaphe kona ngokokulunga kwakhe, futhi nangokwesihe sakhe, phakade naphakade.

53 Ezinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye. Futhi ingelosi esuka kuye yabasindisa; futhi ngo thando lwakhe, nangokubahawukela kwakhe, waba khulula, wabetshatha, futhi wabathwala zonke izinsuku zasemandulo;

54 Yebo, no-Enoke futhi, nalabo ababenaye; abaphrofethi ababengaphambi kwakhe; no Nowa futhi, nalabo ababengaphambi kwakhe; no Mose futhi, nalabo ababengaphambi kwakhe;

55 Futhi kusuka kuMose kuya ku-Eliya, futhi kusuka ku-Eliya kuya kuJohane, ababenoKristu kulo uvuko lwakhe, nabaphostoli abangcwele, beno-Abrahama, u-Isaka, kanye noJakobe, bayoba khona phambi kweMvana.

56 Futhi amathuna abangcwele ayovulwa; futhi bayophuma futhi bame ngakwe sokudla isandla seMvana, ngesikhathi isiyoma phezu kwe Ntaba iSiyoni, naphezu komuzi ongcwele, iJerusalema eNtsha; futhi bayocula iculo le Mvana, imini nobusuku phakade naphakade.

57 Futhi ngenxa yalesi sizathu, ukuze abantu babe ngabahlanganyela kuzo izimfihlakalo ezazisazo kwembulwa, iNkosi yathumela ukuphelela kwe vangeli layo, isivumelwano sayo saphakade, ikhuluma ngokucacile nangokuzwakala kalula—

58 Ukulungiselela abathobekileyo izinto ezizayo emhlabeni, nomsebenzi weNkosi ngosuku lapho abathobekileyo beyothobisa abahlakaniphileyo, naba buthakathaka beyoba yisizwe esinamandla, futhi ababili bayoxosha abayizinkulungwane eziyishumi zezitha zabo.

59 Futhi ngezinto ezithobekileyo zomhlaba iNkosi iyoshaya izizwe ngamandla oMoya wayo.

60 Futhi ngenxa yalesi sizathu lemiyalelo yanikwa; yayalelwa ukuba igodlwe emhlabeni ngosuku eyanikwa ngalo, kodwa manje kufanele iye kubo bonke abantu—

61 Futhi lokhu ngokomqondo nangokwentando yeNkosi, ebusa phezu kwabo bonke abantu.

62 Futhi lowo ophendukayo futhi nozi ngcwelisayo phambi kweNkosi uyonikwa ukuphila okuphakade.

63 Futhi kulabo abangali laleli izwi leNkosi kuyogcwaliseka lokho okwalotshwa ngumphrofethi uMose, ukuthi kufanele basuswe phakathi kwabantu.

64 Futhi nalokho okwalotshwa ngumphrofethi uMalaki: Ngokuba, bhekani, usuku luyeza oluyo shisa njengeziko, futhi bonke abaziqhenyayo, yebo, futhi nabo bonke abenza okubi, bayoba ngamabibi; futhi usuku oluzayo luyobashisa, kusho iNkosi yamabandla, lungabashiyeli mpande nagatsha.

65 Ngalokho-ke, lokhu kuyoba yimpendulo yeNkosi kubo:

66 Ngalolo suku lapho ngiza kwabami, akukho muntu phakathi kwenu owangemukela, futhi naxoshwa.

67 Ngesikhathi ngibiza futhi kwakungekho muntu kini ukuphendula; kodwa ingalo yami yayingafinyeziwe neze ukuba nginganihlengi, noma amandla ami ukuba nginikhulule.

68 Bhekani, ngokukhuza kwami ngiyalomisa ulwandle. Ngenze imifula ibe yihlane; izinhlazi zayo zinuke, futhi zife ngenxa yokoma.

69 Ngigqokisa amazulu ngobumnyama, futhi ngenze ubumnyama bube yingubo yawo.

70 Futhi lokhu niyokuthola kuvela esandleni sami—niyokulala phansi ngobuhlungu.

71 Bhekani, futhi bheka, akekho ozonikhulula; ngokuba anilithobelanga izwi lami ngesikhathi nginibiza ngisemazulwini; anizikholwanga izinceku zami, futhi ngesikhathi zithunyelwe kini anizemukelanga.

72 Ngalokho-ke, zabuqinisa ubufakazi futhi zawubopha umthetho, futhi nina nayekwa ebumnyameni.

73 Laba bayoya ebumnyameni obungaphandle, lapho kukhona ukukhala, nesililo, nokugedla kwamazinyo.

74 Bhekani iNkosi uNkulunkulu wenu ikushilo lokhu. Amen.