ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 136


Isigaba 136

Izwi nentando yeNkosi, okwanikwa ngoMongameli uBrigham Young eWinter Quarters, enkanjini ka-Israyeli, esiZweni sase-Omaha, phezu kosebe loMfula iMissouri, eduze neCouncil Bluffs, e-Iowa.

1–16, Kuchazwa ukuthi kufanele imiswe kanjani inkambu ka-Israyeli ukuze kuthathwe uhambo oluya ngasentshonalanga; 17–27, AbaNgcwele bayalwa ukuba baphile ngemigomo eminingi yevangeli; 28–33, AbaNgcwele kufanele bacule, badanse, bakhuleke, futhi bafunde ukuhlakanipha; 34–42, AbaPhrofethi bayabulawa ukuze badunyiswe futhi ababi babekwe icala.

1 Izwi neNtando yeNkosi ngokuphathelene neNkambu ka-Israyeli ekuhambeni kwabo okuningi okuya entshonalanga:

2 Abantu bonke be Bandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina, nalabo abahamba nabo, mabamiswe ngamaqoqo, ngesivumelwano nesethembiso sokugcina yonke imiyalelo nemithetho yeNkosi uNkulunkulu wethu.

3 Amaqoqo abantu mawamiswe nabaholi bamakhulu, abaholi bamashumi amahlanu, nabaholi bamashumi, kube khona nomongameli nabeluleki babo ababili abazohola lawo maqoqo, ngaphansi kokuqondiswa ngaba Phostoli abayiShumi namBili.

4 Futhi lesi kuyokuba yisivumelwano sethu—ukuthi siyo hamba ngokwe zimiso zonke zeNkosi.

5 Iqoqo ngaliye malizihlinzeke ngazo zonke izilwane ezizodonsa, izinqola, imihlinzeko, izingubo, nezinye izidingo zohambo, abangakwazi ukuzithola.

6 Uma amaqoqo esemisiwe mabahambe ngamandla abo, ukulungiselela labo abazosala.

7 Iqoqo ngalinye, nabaholi nomongameli babo, mabanqume ukuthi bangaki abazohamba ngentwasahlobo elandelayo; emva kwalokho bakhethe isibalo esanele samadoda anamandla futhi anamakhono, azothatha izilwane ezizodonsa izinqola, izimbewu, nezinto zokulima, bahambe njengezingqalabutho ukulungiselela ukuyotshala izithombo zasentwasahlobo.

8 Iqoqo ngalinye malibe nesibalo esilinganayo, ngokwesabelo sempahla yalo, ukuthatha abampofu, abafelokazi, abangenababa, nemindeni yalabo abaye emabuthweni, ukuze ukukhala kwabafelokazi nabangenababa kungakhuphukeli ezindlebeni zeNkosi ngokumelene nalaba bantu.

9 Iqoqo ngalinye malilungise izindlu, namasimu okutshala okusanhlamvu, bakwenzele labo abazosala ngemumva kulenkathi; futhi lokhu kuyintando yeNkosi ngokuphathelene nabantu bayo.

10 Wonke umuntu makasebenzise onke amandla akhe nempahla ukususa lababantu baye endaweni lapho iNkosi iyokhomba khona isikhonkwane saseSiyoni.

11 Futhi uma nenza lokhu ngenhliziyo ecwebileyo, ngakho konke ukuthembeka, niyo busiswa; niyobusiswa emihlambini yenu yezimvu, nasemihlambini yenu yezinkomo, nasemasimini enu, nasezindlini zenu, nasemindenini yenu.

12 Izinceku zami u-Ezra T. Benson no-Erastus Snow mabamise iqoqo.

13 Nezinceku zami u-Orson Pratt noWilford Woodruff mabamise iqoqo.

14 Futhi, izinceku zami u-Amasa Lyman noGeorge A. Smith mabamise iqoqo.

15 Futhi mababeke omongameli, nabaholi bamakhulu, nabamashumi amahlanu, nabamashumi.

16 Futhi izinceku zami ezibekiwe mazihambe ziyokufundisa lokhu, okuyi intando yami, kwabangcwele, ukuze balungiselele ukuhamba baye ezweni lokuthula.

17 Hambani nenze njengoba nginitshelile, futhi ningazesabi izitha zenu; ngokuba ngeke zibe namandla okumisa umsebenzi wami.

18 ISiyoni iyo khululwa ngesikhathi sami esifanele.

19 Futhi uma kukhona umuntu ofuna ukuziphakamisa, futhi engasifuni iseluleko sami, ngeke aba namandla, futhi ubuwula bakhe buyobonakaliswa.

20 Yifuneni iNkosi; futhi nigcine zonke izethembiso zenu omunye komunye; futhi ningakufisi lokho okungokomfowenu.

21 Zigcineni ebubini bokuphatha igama leNkosi ngeze, ngokuba ngiyiNkosi uNkulunkulu wenu, ngisho uNkulunkulu woyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe.

22 NgiNguye owahola abantwana bakwa-Israyeli bephuma ezweni laseGibithe; futhi ingalo yami yeluliwe ezinsukwini zokugcina, uku hlenga abantu bami u-Israyeli.

23 Phezani ukubanga omunye nomunye; phezani ukukhuluma okubi omunye ngomunye.

24 Phezani ukudakwa; futhi amazwi enu mawakhe omunye komunye.

25 Uma uboleka okungokuka makhelwane wakho, kufanele ukubuyisele lokho okubolekile; uma ungakwazi ukukubuyisela iya kuye masinyane futhi umtshele umakhelwane wakho, funa akubeke icala.

26 Uma uthola lokho okulahlekele umakhelwane wakho, uyomfuna ngokukhuthala uze ukuse kuye futhi.

27 Khuthala ekugcineni lokho onakho, ukuze ube ngumphathi ohlakaniphileyo; ngokuba kuyisipho samahala seNkosi uNkulunkulu wakho, futhi wena ungumphathi wakhe.

28 Uma uthokozile, dumisa iNkosi ngoku cula, ngomculo, ngokudansa, nango mkhuleko wokudumisa nokubonga.

29 Uma udabukile, biza iNkosi uNkulunkulu wakho ngomkhuleko, ukuze imiphefumulo yenu ijabule.

30 Ningazesabi izitha zenu, ngokuba zise zandleni zami futhi ngizokwenza intando yami ngazo.

31 Abantu bami kufanele ba vivinywe ezintweni zonke, ukuze balungele ukufumana inkazimulo engibabekele yona, ngisho inkazimulo yeSiyoni; futhi lowo ongeke akubekezelele ukujeziswa akawufanele umbuso wami.

32 Lowo ongazi makafunde ukuhlakanipha ngoku zithoba nokubiza igama leNkosi uNkulunkulu wakhe, ukuze amehlo akhe avuleke ukuze abone, futhi nezindlebe zakhe zivuleke ukuze ezwe;

33 Ngokuba uMoya wami uthunyelwe emhlabeni ukukhanyisela abazithobile nabadabukile, futhi nokubabeka icala abangamesabi uNkulunkulu.

34 Enakhe nabo banenqabile nobufakazi benu, ngisho isizwe sinixoshile;

35 Manje kuza usuku lokuhlupheka kwabo, ngisho izinsuku zosizi, njengowesifazane obelethayo; futhi usizi lwabo luyoba lukhulu ngaphandle uma bephenduka ngokushesha, yebo, ngokushesha okukhulu.

36 Ngokuba babulale abaphrofethi, nalabo ababethunywe kubo; futhi bachithe igazi elingenacala, elikhalayo phansi ngokumelene nabo.

37 Ngakho-ke, ningamangali ngalezi zinto, ngokuba anikakabi ngaba cwebileyo okwamanje; ngeke nikwazi ukumelana nenkazimulo yami; kodwa niyoyibona uma nithembekile ekugcineni wonke amazwi ami engininike wona, kusuka ezinsukwini zika-Adamu kuya ku-Abrahama, kusuka ku-Abrahama kuya kuMose, kusuka kuMose kuya kuJesu nabaphostoli bakhe, futhi kusuka kuJesu nabaphostoli bakhe kuya kuJoseph Smith, engimbize nge zingelosi zami, izinceku zami ezifundisayo, futhi nangezwi lami uqobo lisuka ezulwini, ukuba aveze umsebenzi wami

38 Leso sisekelo asibekile, futhi wathembeka; futhi ngase ngimthatha ngamletha kimi.

39 Abaningi bamangele ngokufa kwakhe; kodwa bekudingekile ukuba aqinise ubufakazi bakhe ngegazi lakhe, ukuze adunyiswe futhi ababi babekwe icala.

40 Anginihlenganga yini kuzo izitha zenu, ngendlela yokuthi ngishiye ubufakazi begama lami na?

41 Ngakho-ke, manje, lalelani, O nina bantu be bandla lami; futhi nani magosa lalelani ndawonye; niwufumene umbuso wami.

42 Khuthalani ekugcineni imiyalelo yami yonke, funa ukwahlulela kwami kwehlele phezu kwenu, futhi ukukholwa kwenu kuphele, futhi nezitha zenu zijabule ngani. Ngakho-ke, angembuli lutho olunye okwamanje. Amen futhi Amen.