ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 138


Isigaba 138

Umbono owanikwa uMongameli uJoseph F. Smith eSalt Lake City, e-Utah, ngomhlaka 3 Oktoba, 1918. Enkulumweni yakhe yokuvula uMhlangano oMkhulu weNgxenye yonyaka wamashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalolunye weBandla, ngomhlaka 4 Oktoba 1918, uMongameli uSmith wamemezela ukuthi wayesethole imiyalelo enhlobonhlobo evela kuNkulunkulu ezinyangeni ezidlulile. Omunye walena, ngokuphathelene nokuhambela komSindisi emimoyeni yabafileyo ngesikhathi umzimba Wakhe wawusethuneni, uMongameli uSmith wayewuthole ngelanga elingaphambili. Wabhalwa ngaso leso sikhathi kulandela ukuvalwa kwalomhlangano. Ngomhlaka 31 Oktoba 1918, walethwa kubeluleki kubuMongameli bokuQala, umKhandlu wabayiShumi naMbili, nakuMphatriyake, futhi wemukelwa yibona bonke ngokuvumelana.

1–10, UMongameli uJoseph F. Smith uzindla ngemibhalo kaPetru nokuhambela kweNkosi ezweni lemimoya; 11–24, UMongameli uSmith ubona abafileyo abalungileyo behlangene eparadesi nobufundisi bukaKristu phakathi kwabo; 25–37, Ubona ukuthi ukushunyayelwa kwevangeli kwamiswa kanjani phakathi kwemimoya; 38–52, Ubona u-Adamu, u-Eva, nabaningi babaphrofethi abangcwele ezweni lemimoya ababebuka isimo sabo somoya ngaphambi kokuvuswa kwabo kwabafileyo njengokuthumbeka; 53–60, Abafileyo abalungileyo balesi sikhathi bayaqhubeka nemisebenzi yabo ezweni lemimoya.

1 Ngomhlaka 3 ku-Oktoba, ngonyaka wamakhulu ayishumi nesishiyagalolunye neshumi nambili, ngahlala egunjini lami ngizindla ngemibhalo engcwele;

2 Futhi ngicabanga ngomnikelo omkhulu ohlawulayo owenziwa yiNdodana kaNkulunkulu, ukuze ku hlengwe umhlaba;

3 No thando olukhulu nolumangalisayo olwabonakaliswa nguBaba neNdodana ngokuza ko mHlengi emhlabeni;

4 Ukuthi ngenhlawulo yakhe, futhi nangoku thobela imigomo yevangeli, isintu singasindiswa.

5 Ngesikhathi ngisacabanga ngalokho, umqondo wami wabuyela emibhalweni yomphostoli uPetru, eyayibhekiswe kwabangcwele basemandulo ababesakazeke ndawo zonke ePontu, eGalathiya, eKhaphadosiya, nakwezinye izingxenye zase-Asiya, lapho ivangeli lalishunyayelwe khona emva kokubethelwa kweNkosi.

6 Ngavula iBhayibheli futhi ngafunda isahluko sesithathu nesesine sencwadi yokuqala kaPetru, futhi ngesikhathi ngifunda ngaba nokuqonda okukhulu, ngaphezu kwalokho kwaphambilini, ngalezi zigaba ezilandelayo:

7 “Ngokuba naye uKristu wake wezwa ubuhlungu kwabakanye ngezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuze asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni, kepha ephiliswa nguMoya:

8 “Ahamba ngawo futhi washumayeza imimoya esetilongweni;

9 “Ngesinye isikhathi eyayingalaleli, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kwakubalindele ezinsukwini zikaNowa, ngesikathi umkhumbi usakhiwa, kuwo abayingcosana, okungukuthi, abantu abayisishiyagalombili abasindiswa ngamanzi.” (Ⅰ kaPetru 3:18–20.)

10 “Ngokuba ngenxa yalokhu ivangeli lashunyayelwa nakwabafileyo, ukuze bahlulelwe ngokwabantu enyameni, kepha baphile ngokukaNkulunkulu emoyeni.” (Ⅰ kaPetru 4:6.)

11 Ngisazindla ngalezi zinto ezi bhaliwe, amehlo okuqonda kwami avuleka, futhi noMoya weNkosi waba phezu kwami, futhi ngabona izixuku zabafileyo, abancane nabakhulu.

12 Futhi kwakubuthene ndawonye endaweni eyodwa amaqoqo angabaleki emimoya yabalungileyo, ababe thembekile kubo ubufakazi bukaJesu ngesikhathi besaphila emhlabeni;

13 Futhi ababenze umnikelo ofana nomnikelo omkhulu weNdodana kaNkulunkulu, futhi naba bezwe usizi egameni lomHlengi wabo.

14 Bonke laba babefe, beqinile ethembeni lo vuko oluhle lakhulu, ngo musa kaNkulunkulu uBaba ne Zelwe Yodwa iNdodana yakhe, uJesu Kristu.

15 Ngabona ukuthi babegcwele injabulo nentokozo, futhi babethokoza ndawonye ngenxa yokuthi usuku lokukhululwa lwase lusondele.

16 Babebuthene belindele ukufika kweNdodana kaNkulunkulu ezweni lemimoya, ukuzomemezela ukukhululwa kwabo kuwo amaketango okufa.

17 Uthuli lwabo oluleleyo lwaluzo buyiselwa lube sesimweni esipheleleyo, ithambo ethanjeni lalo, nemisipha nenyama phezu kwamathambo, umoya nomzimba kwakuzo hlanganiswa kungaphinde kuhlukaniswe, ukuze bafumane injabulo epheleleyo.

18 Ngesikhathi lesi sixuku esikhulu silindile futhi sixoxa, sijabulela ihora lokukhululwa kwaso kuwo amaketango okufa, iNdodana kaNkulunkulu yavela, imemezela ukukhululwa kwababoshiweyo ababethembekile;

19 Futhi lapho washumayela kubo ivangeli laphakade, imfundiso yovuko nokukhululwa kwesintu kukho ukuwa, nasezonweni zomuntu ngamunye uma ephenduka.

20 Kodwa kwababi akayanga, futhi phakathi kwabangalungile nabangaphendukile ababezi ngcolisile bese senyameni, akakhulumanga kubo;

21 Nalabo abahlubukayo nabaphika ubufakazi nezexwayiso zabaphrofethi basendulo abazange bayibone inkazimulo yakhe, noma babubheke ubuso bakhe.

22 Lapho okwakukhona laba, kwakubusa ubumnyama, kodwa phakathi kwabalungileyo kwakukhona ukuthula;

23 Futhi abangcwele bakujabulela ukukhululwa kwabo, futhi bakhothama ngamadolo abo futhi bayemukela iNdodana kaNkulunkulu njengomHlengi nomKhululi wabo ekufeni nakuwo amaketango esihogo.

24 Ubuso babo bakhanya, futhi inkazimulo ngenxa yobukhona beNkosi yahlala phezu kwabo, futhi bacula amaculo okudumisa igama lakhe elingcwele.

25 Ngamangala, ngokuba ngangiqonda ukuthi umSindisi wachitha iminyaka emithathu ebufundisini bakhe phakathi kwamaJuda nalabo bendlu ka-Israyeli, ezama ukubafundisa ivangeli laphakade futhi ebabizela ekuphendukeni;

26 Kepha, nakuba enza imisebenzi yakhe emikhulu, nezimangaliso, nokumemezela iqiniso, nga mandla nangegunya, baba yingcosana abalalela izwi lakhe, futhi bajabula ngobukhona bakhe, futhi bemukela insindiso ezandleni zakhe.

27 Kodwa ubufundisi bakhe phakathi kwalabo ababefile kwaba yisikhathi esincane phakathi kokubethelwa nokuvuka kwakhe;

28 Futhi ngamangala ngamazwi kaPetru—lapho ethi iNdodana kaNkulunkulu yashumayela emimoyeni eyayisekuboshweni, ngesinye isikhathi ababekade bangalaleli, ngesikhathi ukubekezela kukaNkulunkulu kwakubalindile ezinsukwini zikaNowa—futhi nokuthi kwenzeka kanjani ukuba ashumayele kuleyo mimoya futhi enze nemisebenzi efanele phakathi kwabo ngesikhathi esincane kangaka.

29 Futhi ngesikhathi ngisamangele, amehlo ami avuleka, futhi nokuqonda kwami kwandiswa, futhi ngaqonda ukuthi iNkosi ayiyanga yona uqobo phakathi kwababi nabalenqaba iqiniso, ukuyobafundisa;

30 Kodwa bheka, phakathi kwabalungileyo, wamisa amabutho akhe futhi wabeka izithunywa, ezembathiswe ngamandla nangegunya, futhi wabathuma ukuba bahambise ukukhanya kwevangeli bakuyise kulabo ababe sebumnyameni, ngisho kuyo yonke imimoya yabantu; futhi lashunyayelwa kanjalo-ke ivangeli kwabafileyo.

31 Futhi izithunywa ezazikhethiwe zahamba ukuyomemezela usuku lomusa lweNkosi futhi nokumemezela ukukhululeka kweziboshwa ezaziboshiwe, ngisho nakubo bonke ababezophenduka ezonweni zabo futhi bemukele ivangeli.

32 Lashunyayelwa kanjalo-ke ivangeli kulabo aba befe besezonweni zabo, bengenalo ulwazi lweqiniso, noma beseziphambekweni, bebenqabile abaphrofethi.

33 Laba bafundiswa ukukholwa kuNkulunkulu, ukuphenduka ezonweni, ukubhabhadiswa ngokumelwa ukuze ku thethelelwe izono, isipho sikaMoya oNgcwele ngokubekwa izandla ekhanda,

34 Futhi nayo yonke eminye imigomo yevangeli okwakubalulekile ukuba bayazi ukuze balungele ukuba bahlulelwe ngokwabantu enyameni, kodwa baphile ngokukaNkulunkulu emoyeni.

35 Kwaziswa kanjalo-ke phakathi kwabafileyo, abancane nabakhulu, abangalungile nabathembekile, ukuthi ukuhlengwa kulethwe ngo mnikelo weNdodana kaNkulunkulu esiphambanweni.

36 Kwaziswa kanjalo-ke ukuthi umHlengi wethu wachitha isikhathi ehlezi isikhashana ezweni lemimoya, efundisa futhi elungiselela imimoya ethembekile yabaphrofethi ababefakaze ngaye bese senyameni;

37 Ukuba bahambise umlayezo wokuhlengwa kubo bonke abafileyo, ayengeke akwazi ukuya yena uqobo, ngenxa yo kuhlubuka neziphambeko zabo, ukuze nabo ngokusetshenzelwa yizinceku zakhe bawezwe amazwi akhe.

38 Phakathi kwabakhulu nabanamandla ababebuthene kulelibandla elikhulu labalungileyo kwakukhona uBaba u-Adamu, umDala weziNsuku nobaba wabo bonke,

39 Futhi noMama wethu ohlonishwa kakhulu u-Eva, nabaningi bamadodakazi akhe athembekileyo ayephila ngezikhathi ezedlule futhi ayekhonza uNkulunkulu weqiniso nophilayo.

40 U-Abela, umfelukholo wokuqala, wayelapho, nomfowabo uSeti, omunye wabanamandla, nowaye fana du noyise, u-Adamu.

41 UNowa, owanika isexwayiso sozamcolo; uShemi, umphristi omkhulu owaziwayo; u-Abrahama, ubaba wabathembekileyo; u-Isaka, uJakobe, noMose, umniki-mthetho omkhulu ka-Israyeli.

42 Futhi no-Isaya, owamemezela ngesiphrofetho ukuthi umHlengi wagcotshwa ukuze kuboshwe izinhliziyo ezidabukileyo, ukumemezela inkululeko kwaba boshiweyo, nokuvulwa kwe tilongo kulabo ababe boshiwe, nabo babekhona futhi.

43 Phezu kwalokho, u-Ezekeli, owakhonjiswa embonweni isigodi esikhulu samathambo omileyo, ayezombathiswa ngenyama, ukuze aphume futhi ekuvukeni kwabafileyo, sekungabantu abaphilayo.

44 UDaniyeli, owabona kungakenzeki futhi wabikezela ngokumiswa ko mbuso kaNkulunkulu ngezinsuku zokugcina, owawungeke futhi usabhujiswa noma unikwe abanye abantu.

45 U-Eliyasi, owayenoMose eNtabeni yo kuGuqulwa;

46 Futhi no Malaki, umphrofethi owafakaza ngokuza kuka-Eliya—uMoroni owakhuluma ngaye naye kumPhrofethi uJoseph Smith, ememezela ukuthi kufanele afike ngaphambi kokuqala ko suku olukhulu nolwesabekayo lweNkosi—nabo babelapho.

47 UmPhrofethi u-Eliya wayezotshala kuzo izinhliziyo zabantwana izethembiso ezenziwa koyise,

48 Okwandulela umsebenzi omkhulu okufanele wenziwe kuwo amathempeli eNkosi ngo hlelo lokwengamela lokugcwaliseka kwezikhathi, ukuze kuhlengwe abafileyo, futhi noku boshwa kwabantwana nabazali babo, funa umhlaba wonke ushaywe ngesiqalekiso futhi uchitheke ube yize ekuzeni kwakhe.

49 Bonke laba nabanye abaningi, ngisho na baphrofethi ababephakathi kwamaNefi futhi ababefakaza ngokuza kweNdodana kaNkulunkulu, babehlangene kulombuthano omkhulu futhi belindele ukukhululwa kwabo,

50 Ngokuba abafileyo babebuka ukungabi bikho isikhathi eside kwe mimoya yabo emizimbeni yabo njengoku thumbeka.

51 Laba iNkosi yabafundisa, futhi yabanika amandla okuvuka, emva kokuvuka kwakhe kwabafileyo, ukuba bangene embusweni kaYise, lapho ukuba baqheliswe ngo kungafi no kuphila okuphakade,

52 Futhi baqhubeke emisebenzini yabo kusuka ngaleso sikhathi njengoba babethenjiswe yiNkosi, futhi babe ngabahlanganyeli kuzo zonke izibusiso ezazigcinelwe labo abamthandayo.

53 UmPhrofethi uJoseph Smith, nobaba, uHyrum Smith, uBrigham Young, uJohn Taylor, uWilford Wooddruff, nemiye imimoya ekhethiweyo eyayi gcinelwe ukuba ize ekugcwalisekeni kwezikhathi ukuba nesandla ekubekweni kwe zisekelo zomsebenzi omkhulu wezinsuku zokugcina,

54 Okuhlanganisa nokwakhiwa kwamathempeli nokwenziwa kwezimiso kuwo ukuze kuhlengwe abafileyo, nabo futhi babesezweni lemimoya.

55 Ngabona ukuthi babephakathi kwalabo ababe nobuntu nabakhulu ababe khethiwe ekuqaleni ukuba babe ngababusi eBandleni likaNkulunkulu.

56 Ngisho bengakazalwa, bona, nabaningi abanye, bathola izifundo zabo zokuqala ezweni lemimoya futhi balungiselelwa ukuba beze nge sikhathi esifanele seNkosi ukuzosebenza kuso isivini sayo ukuze kusindiswe imiphefumulo yabantu.

57 Ngabona ukuthi amagosa athembekile alolu hlelo lokwengamela, uma ehamba emhlabeni, ayaqhubeka nemisebenzi yawo yokushunyayelwa kwevangeli lokuphenduka nokuhlengwa, ngomnikelo weNdodana eZelwe Yodwa kaNkulunkulu, phakathi kwalabo abase bumnyameni futhi bengaphansi kobugqili besono ezweni elikhulu lemimoya yabafileyo.

58 Abafileyo abaphendukayo bazo hlengwa, ngokuthobela izimiso zendlu kaNkulunkulu,

59 Futhi emva kokuba sebeyikhokhile inhlawulo yeziphambeko zabo, futhi ba hlanzwa baba msulwa, bayofumana umvuzo ngokwe misebenzi yabo, ngokuba bayizindlalifa zensindiso.

60 Wembulwa kanjalo-ke umbono wokuhlengwa kwabafileyo kimi, futhi ngiyafakaza, futhi ngiyazi ukuthi lombhalo uliqiniso, ngesibusiso seNkosi noNkulunkulu wethu, uJesu Kristu, ngisho kanjalo. Amen.