ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 35


Isigaba 35

Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi noSidney Rigdon, khona noma maduze neFayette, eNew York, ngomhlaka 7 Disemba 1830. Ngalesi sikhathi, umPhrofethi cishe zonke izinsuku wayehlezi ehumusha iBhayibheli. Lokhu kuhumusha kwaqalwa kusuka ngoJuni 1830, futhi bobabili u-Oliver Cowdery no John Whitmer babe sebenze njengababhali. Njengoba base bebizelwe kweminye imisebenzi, uSidney Rigdon wabizwa ngokubekwa okuvela kuNkulunkulu ukuba asebenze njengombhali womPhrofethi kulomsebenzi (bheka ivesi 20). Njengesandulela kulombhalo walesi sambulo, umlando ka Joseph Smith uthi: “NgoDisemba uSidney Rigdon weza [evela e-Ohio] ukuzobuza eNkosini, ngokunjalo no-Edward Partridge weza kanye naye. … Emva kwesikhashana nje kokufika kwalabazalwane ababili, yakhuluma kanje iNkosi.”

1–2, Abantu bangaba kanjani ngamadodana kaNkulunkulu; 3–7, USidney Rigdon ubizelwa ukuba abhabhadise futhi nokuba anike uMoya oNgcwele; 8–12, Izibonakaliso nezimangaliso zenzeka ngokholo; 13–16, Izinceku zeNkosi zizobhula izizwe ngamandla oMoya; 17–19, UJoseph Smith uphethe izikhiye zezimfihlakalo; 20–21, Abakhethiweyo bazomelana nosuku lokuza kweNkosi; 22–27, U-Israyeli uzosindiswa.

1 Lalelani izwi le Nkosi uNkulunkulu wenu, ngisho u-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, ondlela yakhe yinye naphakade, ofanayo namuhla njengayizolo, naphakade.

2 NginguJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu, owabethelelwa izono zomhlaba, ngisho bonke abazo kholelwa egameni lami, ukuze babe ngamadodana kaNkulunkulu, ngisho babe munye nami njengoba ngimunye noBaba, njengoba noBaba emunye kimi, ukuze sibe munye.

3 Bheka, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi encekwini yami uSidney, ngikubhekile nemisebenzi yakho. Ngiyizwile imikhuleko yakho, futhi ngikulungiselele umsebenzi omkhulu.

4 Ubusisiwe, ngokuba uzokwenza izinto ezinkulu. Bheka wathunyelwa, ngisho njengo Johane, ukuyolungisa indlela phambi kwami, futhi naphambi kuka Eliya okufanele eze, futhi wawungakwazi lokho.

5 Wabhabhadisa ngamanzi ngenhloso yokuphenduka, kodwa abawutholanga uMoya oNgcwele;

6 Kodwa manje ngikunika umyalelo, wokuthi uzobhabhadisa ngamanzi, futhi bazothola uMoya oNgcwele ngokubekwa kwezandla, ngisho njengabaphostoli basemandulo.

7 Futhi kuyokwenzeka ukuthi kuyoba khona umsebenzi omkhulu ezweni, ngisho kwabeZizwe, ngokuba ubuwula nezinengiso zabo ziyokuba sobala emehlweni abo bonke abantu.

8 Ngokuba nginguNkulunkulu, futhi ingalo yami ayifinyeziwe; futhi ngizobonisa izimangaliso, nezibonakaliso, kubo bonke labo abakholelwa egameni lami.

9 Futhi kulowo oyokucela egameni lami ngokholo, bayokhipha amadimoni; bayolapha abagulayo; bayokwenza izimpumputhe zithole ukubona kwazo, nabangezwa ukuthi bezwe, nezimungulu ukuthi zikhulume, futhi nezishosha ukuthi zihambe.

10 Futhi isikhathi siyeza ngokushesha lapho izinto ezinkulu zizoboniswa kubantwana babantu.

11 Kodwa ngaphandle kokholo akukho okuyoboniswa ngaphandle kwencithakalo eBabiloni, lowo owenze zonke izizwe ziphuze iwayini lolaka lokuhlobonga kwakhe.

12 Futhi abekho abenza okuhle ngaphandle kwalabo asebelungele ukwemukela ukuphelela kwevangeli lami, engilithumele kulesi sizukulwane.

13 Ngalokho-ke, ngibiza izinto ezibuthakathaka zomhlaba, labo abangafundile nabadelelekile, ukuba babhule izizwe ngamandla oMoya wami;

14 Futhi ingalo yabo iyoba ngeyami, futhi ngiyoba yihawu labo nesihlangu sabo; futhi ngizobabopha izinkalo zabo, futhi bazongilwela ngesibindi; nezitha zabo ziyoba ngaphansi kwezinyawo zabo; futhi ngizobawisela inkemba, futhi ngomlilo wentukuthelo yami ngizobagcina.

15 Futhi abampofu nabazithobile bayoshunyayezwa ivangeli, futhi bayolindela isikhathi sokuza kwami, ngokuba sesiseduze

16 Futhi bayofunda umfanekiso wesihlahla somkhiwane, ngokuba ngisho namanje ihlobo seliseduze.

17 Futhi ngithumele ukuphelela kwevangeli lami ngesandla senceku yami uJoseph; futhi ngimbusisile ebuthakathakeni;

18 Futhi ngimnike izikhiye zemfihlakalo yalezo zinto ezivaliwe, ngisho izinto ezisuka ekusekelweni komhlaba, nezinto eziyofika kusuka kulesisikhathi kuze kube yisikhathi sokuza kwami, uma ehlala kimi, futhi uma kungenjalo, omunye ngiyomtshala esikhundleni sakhe.

19 Ngalokho-ke, mubheke ukuze ukholo lwakhe lungapheli, futhi kuyonikwa ngoMduduzi, uMoya oNgcwele, owazi zonke izinto.

20 Futhi ngikunika lomyalelo—ukuthi uyombhalela; futhi imibhalo engcwele iyokwambulwa, njengoba injalo esifubeni sami, ukuze kusindiswe abakhethiweyo bami;

21 Ngokuba bazolizwa izwi lami, futhi bayongibona, futhi ngeke balale, futhi bayokwazi ukumelana nosuku lokuza kwami; ngokuba bayohlanzwa; njengoba nami ngihlazekile.

22 Manje ngithi kuwe, hlala naye, futhi uzohamba nawe; ungamshiyi, futhi ngempela lezi zinto zizogcwalisela.

23 Futhi kangangoba ningabhali, bhekani, uyonikwa ukuthi aphrofethe; futhi wena uyoshumayela ivangeli lami futhi usebenzise abaphrofethi abangcwele ukuba bafakaze ngamazwi akhe, njengoba eyonikwa kuye.

24 Gcinani yonke imiyalelo nezivumelwano eniboshwe ngazo; futhi ngiyokwenza amazulu ukuba azamazame ukuze nizuze, noSathane uyoqhaqhazela futhi iSiyoni iyojabula phezu kwezintaba futhi ichume;

25 Futhi u-Israyeli uyosindiswa ngesami isikhathi esifanele; futhi bayoholwa ngezikhiye engizinikile, futhi ngeke baphinde baphanjaniswe nanini.

26 Phakamisani izinhliziyo zenu nijabule, ukuhlengwa kwenu kuyasondela.

27 Ningesabi, mhlambi omncane, umbuso ungowenu ngize ngize. Bhekani, ngiza masinyane. Ngisho kanjalo. Amen.