ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 49


Isigaba 49

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi kuSidney Rigdon, kuParley P. Pratt, noLeman Copley, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 7 Meyi, 1831. ULeman Copley wayelamukelile ivangeli kodwa wayesa bambelele kwezinye zezimfundiso zamaShakers (United Society of Believers in Christ’s Second Appearing) [Inhlangano yabaKholwa wukuVela kwesiBili kukaKristu], ayehlangene nabo ngaphambili. Ezinye zezinkolelo zamaShakers kwakuwukuthi ukuZa kwesiBili kukaKristu kwase kwenzekile nokuthi wavela esesimweni somuntu wesimame, u-Ann Lee; Babengaku thathi njengento ebalulekile ukubhabhadiswa ngamanzi. Babewenqaba umshado futhi bekholelwa empilweni yokunga ganwa nokungagani. Abanye bama Shakers babekwenqabela ukudla inyama. Ukwandulela lesi sambulo, umlando ka Joseph Smith uthi, “Ukuze ngibe nokuqonda okuphelele ngaloludaba, ngabuza eNkosini, ngase ngithola lokhu okulandelayo” Lesi sambulo siyayi phikisa eminye yemiqondo eqavile yeqembu lamaShakers. Laba bazalwane asebeshiwo basithatha lesi sambulo basiyisa emphakathini wamaShakers (eduze naseCleveland, e-Ohio) futhi bawafundela sona sonkana, kodwa asenqaba.

1–7, Usuku nehora lokubuya kukaKristu luyohlala lungaziwa aze Abuye; 8–14, Abantu kufanele baphenduke, bakholwe yivangeli, futhi bathobele izimiso ukuze bazuze insindiso; 15–16, Umshado umiswe nguNkulunkulu; 17–21, Ukudla inyama kuvumelekile; 22–28, ISiyoni iyochuma namaLamani aqhakaze njengembali ngaphambi kokukuZa kwesiBili.

1 Lalelani izwi lami, zinceku zami uSidney, noParley, noLeman; ngokuba bhekani, ngiqinisile ngithi kini, ngininika umyalelo wokuthi niyohamba nishumayele ivangeli lami enilamukele, njengoba nilitholile, kumaShakers.

2 Bhekani, ngithi kini, balangazelela ukwazi ingxenye yeqiniso, kodwa hhayi lonke, ngokuba abalungile phambi kwami futhi kufanele baphenduke.

3 Ngalokho-ke, ngiyanithuma, zinceku zami uSidney noParley, ukuyoshumayela ivangeli kubo.

4 Futhi inceku yami uLeman uyogcotshelwa lomsebenzi, ukuze akhulume nabo, hhayi ngalokho akuthole kubo, kodwa ngalokho azofundiswa kona yini zinceku zami; futhi ngokwenzenjalo ngizombusisa, ngale kwaloko ngeke aphumelele.

5 Isho kanje iNkosi; ngokuba nginguNkulunkulu, futhi ngithume iNdodana yami Ezelwe Yodwa emhlabeni ukuzohlenga umhlaba, futhi nginqumile ukuthi oyamukelayo uyosindiswa, futhi lowo ongayemukeli uyoba ngaphansi kwamandla kaSathane—

6 Futhi benze eNdodaneni Yomuntu njengoba bethanda; futhi usethathe amandla akhe kwesokunene isandla senkazimulo yakhe, manje ubusa emazulwini, futhi uzobusa aze ehlele emhlabeni ukuzobeka zonke izitha zakhe ngaphansi kwezinyawo zakhe, okuyisikhathi esesiseduze—

7 Mina, iNkosi uNkulunkulu, sengikukhulumile, kodwa ihora nosuku akukho muntu olaziyo, ngisho izingelosi ezulwini, futhi ngeke zazi aze abuye.

8 Ngalokho-ke, ngifisa ukuthi wonke umuntu aphenduke, ngokuba bonke bangaphansi kwesono, ngaphandle kwalabo engizibekele bona, abantu abangcwele eningazi ngabo.

9 Ngalokho-ke, ngithi kini ngithumele kini esami isivumelwano saphakade, ngisho lokho okwakukhona kusukela ekuqaleni.

10 Futhi lokho engikuthembisile ngikufezile, futhi izizwe zomhlaba ziyokukhothamela; futhi, uma zingakhothami ngokwazo, zizokwehliswa, ngakuba lokho okuziphakamisileyo kuzokwehliswa ngamandla.

11 Ngalokho-ke, ngininikeza umyalelo wokuthi niye phakathi kwalaba bantu, futhi nithi kubo, njengomphostoli wami wakudala, ogamalakhe linguPetru:

12 Kholwani egameni leNkosi uJesu, owayesemhlabeni, futhi nozayo, isiqalo nesiphetho;

13 Phendukani futhi nibhabhadiswe egameni likaJesu Kristu, ngokwemiyalelo engcwele, ukuze nithole ukuthethelelwa kwezono;

14 Futhi lowo owenza lokhu uyofumana isipho sikaMoya oNgcwele, ngokubekwa izandla ngamagosa ebandla.

15 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, lowo owenqaba ukuganana akagcotshiwe ngokukaNkulunkulu, ngokuba umshado umiselwe abantu nguNkulunkulu.

16 Ngalokho-ke, kusemthethweni ukuthi abe nomfazi oyedwa, futhi bobabili bayoba nyamanye, futhi konke lokhu ukuze umhlaba ugcwalise inhloso yendalo yawo;

17 Futhi ukuze ugcwaliswe ngenani labantu, ngokwendalo yakhe ngaphambi kokwenziwa komhlaba.

18 Futhi lowo owenqaba ukuthi kudliwe inyama, ukuthi umuntu angakudli lokho, akagcotshiwe ngokukaNkulunkulu;

19 Ngokuba, bhekani, izilwane zasendle nezinyoni zezulu, nalokho okuphuma emhlabeni, kubekelwe ukusetshenziswa ngumuntu ukuba adle nokuba embathe, futhi ukuze abenako kubekuningi.

20 Kodwa akuvunyelwe ukuthi umuntu oyedwa abe nalokho okungaphezulu komunye, ngalokho-ke umhlaba uhlezi esonweni.

21 Futhi maye kumuntu ochitha igazi noma omosa inyama futhi engenasidingo.

22 Futhi, phezu kwalokho ngithi kini, iNdodana yoMuntu ayizi ngesimo sowesimame, noma sendoda ehamba emhlabeni.

23 Ngalokho-ke, ningadukiswa, kodwa qhubekani niqine, nibheke phambili ukuthi amazulu anyakaziswe, nomhlaba uzamazame futhi untengezele njengomuntu ophuzile, futhi nezigodi ziphakanyiswe, nezintaba zehliswe, futhi namagoxigoxi abe ngamathafa—futhi konke lokhu ngesikhathi ingelosi iyozwakalisa icilongo layo.

24 Kodwa ngaphambi kokufika kosuku olukhulu lweNkosi, uJakobe uyochuma ehlane, futhi namaLamani ayoqhakaza njengembali.

25 ISiyoni iyochuma phezu kwamaqguma futhi ijabule phezu kwezintaba, futhi iyobuthana ndawonye endaweni engiyimisileyo.

26 Bhekani, ngithi kini, hambani njengoba nginiyalile; phendukani ezonweni zenu; celani futhi nizofumana; ngqongqothani futhi nizovulelwa.

27 Bhekani, ngizohamba phambi kwenu futhi ngibe ngasemumva kwenu; futhi ngiyoba phakathi kwenu; futhi ngeke nivinjelwe.

28 Bhekani, nginguJesu Kristu, futhi ngiza masinyane. Ngisho kanjalo. Amen.