Amasu Okufunda
INdodana yoMuntu


INdodana yoMuntu

Yibizo uJesu Kristu ayelisebenzisa ngesikhathi ekhuluma Ngaye (Luka 9:22; 21:36). Lalisho ukuthi yiNdodana yeNdoda yobuNgcwele. INdoda yobuNgcwele ngelinye lamagama kaNkulunkulu uBaba. Ngesikhathi uJesu ezibiza ngeNdodana yoMuntu, kwaku wukuqinisa ngokusobala ubudlelwano Bakhe noBaba. Lelibizo litholakala kaningi eziNdabeni zeVangeli. Isambulo sezinsuku zokugcina siyayiqinisa lencazelo ekhethekileyo kanye nobungcwele baleligama likamSindisi (Mf&V 45:39; 49:6, 22; 58:65; Mose 6:57).