ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 82


Isigaba 82

Isambulo esanikwa uJoseph Smith, e-Independence, esiFundeni iJackson, eMissouri, ngomhlaka 26 Epreli 1832. Kwakungesikhathi kuhlangene abaphristi abakhulu kanye namagosa eBandla. Kulomhlangano, uJoseph Smith umPhrofethi wasekelwa njengoMongameli wobuPhristi obuKhulu, isikhundla ayekade egcotshelwe kuso phambilini emhlanganweni wabaphristi abakhulu, amagosa, namalungu, e-Amherst, e-Ohio, ngomhlaka 25 Januwari 1832 (bheka isihloko sesigaba 75). Lesi sambulo siphinda imiyalelo enikwe kwesinye isambulo phambilini (isigaba 78) ukuba kumiswe inkampani—eyaziwa ngokuthi iNkampani yoBumbano (ngokuyalela kuka Joseph Smith, igama elithi “uhlelo” lathatha indawo yaleli elithi “inkampani”)—ukuze kuphathwe imizamo yeBandla yokuthenga nokuthengisa izimpahla kanye nokukhipha izincwadi.

1–4, Lapho kuphiwe khona okuningi, kufuneka okuningi; 5–7, Ubumnyama buyabusa emhlabeni; 8–13, INkosi izibophezele uma senza lokho ekushoyo; 14–18, ISiyoni kufanele yande ngobuhle nangobungcwele; 19–24, Wonke umuntu kufunele afune ukusiza umakhelwane wakhe.

1 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, zinceku zami, kangangoba nithethelelene amacala enu, kanjalo-ke nami, iNkosi, ngiyanithethelela.

2 Nokho, kunalabo phakathi kwenu abone kakhulu; yebo, ngisho nonke nonile; kodwa ngiqinisile ngithi kini, qaphelani kusuka manje, futhi nipheze ukona, funa ukwahlulelwa okunzima kwehliselwe phezu kwamakhanda enu.

3 Ngokuba kulowo ophiwe okuningi kufuneka okuningi; futhi lowo owona enolwazi olukhudlwana uyobekwa icala kakhudlwana.

4 Nibiza igama lami ukuze nifumane izambulo, futhi ngiyani nika zona; futhi kangangoba ningakugcini engikushoyo, engini nika kona, niba ngabaphambukayo; futhi ukulunga nokwahlulelwa yizijeziso ezihlangene nomthetho wami.

5 Ngakho-ke, engikusho koyedwa ngikusho kubo bonke: Qaphelani, ngokuba omubi wandisa umbuso kwakhe, futhi nobumnyama buyabusa;

6 Futhi intukuthelo kaNkulunkulu yokhelekela abantu basemhlabeni; futhi akekho owenza okuhle, ngokuba bonke baphumile endleleni.

7 Manje, ngiqinisile ngithi kini, mina, iNkosi, ngeke nginibalele sono; hambani futhi ningabe nisona; kodwa kulowo muntu owonayo izono zakuqala ziyobuya, kusho iNkosi uNkulunkulu wenu.

8 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini, ngini nika umyalelo omusha, ukuze niyiqonde intando yami ngokuphathelene nani;

9 Noma, ngamanye amazwi, ngini nika imiyalelo yokuthi ninga ziphatha kanjani phambi kwami, ukuze lokhu kube nomphumela wokuba nisindiswe.

10 Mina, iNkosi, ngizibophezele uma nenza lokho engikushoyo; kodwa uma ningakwenzi engikushoyo, aninaso isethembiso.

11 Ngakho-ke, ngiqinisile ngithi kini, kufanele ukuthi izinceku zami u-Edward Partridge noNewel K. Whitney, u-A. Sidney Gilbert noSidney Rigdon, nenceku yami uJoseph Smith, noJohn Whitmer no-Oliver Cowdery, kanye no W. W. Phelps noMartin Harris bazibophezele ndawonye ngobudlelwano nangesivumelano esingasoze saphulwa ngesiphambeko, uma kungenjalo ukwahlulelwa kuyolandela masinyane, ebuphathini benu obahlukeneyo—

12 Ukuphatha izindaba zabampofu, nazo zonke izinto eziphathelene nobubhishobhi ezweni laseSiyoni nasezweni laseKirtland;

13 Ngokuba ngilingcwelisile izwe laseKirtland ngesikhathi sami esifanele ukuze kuzuze abangcwele balowo oPhakeme kaKhulu, futhi njenge sikhonkwane ukuze kuzuze iSiyoni.

14 Ngokuba iSiyoni kufanele ikhule ngobuhle, nangobungcwele; nemingcele yayo kufanele ikhuliswe; izikhonkwane zayo kufanele ziqiniswe; yebo, ngiqinisile ngithi kini, iSiyoni kufanele isukume futhi igqoke izingubo zayo ezinhle.

15 Ngakho-ke, ngini nika lomyalelo, wokuthi nizibophe ngalesi sivumelwano, futhi kuyokwenziwa ngokwemithetho yeNkosi.

16 Bhekani, nansi inhlakanipho futhi ekimi ukuze nizuze.

17 Futhi kufanele nilingane, noma ngamanye amazwi, nifanele nibe nelungelo elilinganayo lokuthola izimpahla, ukuze nikwazi ukuphatha izindaba zobuphathi, wonke umuntu ngokwezimfuno zakhe nangezidingo zakhe, kangangoba izimfuno zakhe zilungile—

18 Futhi konke lokhu ukuze kuzuze ibandla likaNkulunkulu ophilayo, ukuze wonke umuntu athuthukise ithalente lakhe, ukuze wonke umuntu azuze amanye amathalente, yebo, ngisho ngokuphindwe kaningi, ukuze abekwe endlini yengcebo yeNkosi, ukuze abe yimpahla yawo wonke umuntu ebandleni lonke—

19 Wonke umuntu efuna ukusiza umakhelwane wakhe, futhi enza zonke izinto ngeso eliqonde udumo lukaNkulunkulu.

20 Lolu hlelo ngilubeke ukuba lube wuhlelo lwaphakade kini, futhi nakwaba zonilandela, kangangoba ningoni.

21 Futhi lowo muntu owonayo kulesi sivumelwano, futhi nowenza lukhuni inhliziyo yakhe kuso, uyophathwa ngokwemithetho yebandla lami, futhi uyonikelwa ezinhluphweni zikaSathane kuze kube wusuku lokukhululwa.

22 Manje, ngiqinisile ngithi kini, futhi lokhu wukuhlakanipha, zenzeleni abahlobo nomamona wokungalungi, futhi ngeke banibhubhise.

23 Yekelani ukwahlulela kimi, ngokuba kungokwami futhi ngizokubuyisela mina. Ukuthula makube kini; izibusiso zami maziqhubeke zibe kini.

24 Ngokuba ngisho namanje umbuso ungowenu, futhi uyoba ngowenu ingunaphakade, uma ningawi ekwethembekeni kwenu. Ngisho kanjalo. Amen.