ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 90


Isigaba 90

Isambulo kuJoseph Smith umPhrofethi, esanikwa eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 8 Mashi 1833. Lesi sambulo siyisinyathelo esiqhubekayo ekumisweni kobuMongameli bokuQala (bheka isihloko sesigaba 81); ngenxa yalokho, abeluleki abashiwo bagcotshwa ngomhlaka 18 Mashi 1833.

1–5, Izikhiye zombuso zibekwa kuJoseph Smith futhi ngaye eBandleni; 6–7, USidney Rigdon noFrederick G. Williams kufanele basebenze kubuMongameli bokuQala; 8–11, Ivangeli kufanele lishunyayelwe ezizweni zikaIsrayeli, kwabeZizwe, nakumaJuda, wonke umuntu elizwa ngolimi lwakhe; 12–18, UJoseph Smith nabeluleki bakhe kufanele balungise ibandla lihleleke; 19–37, Abantu abahlukahlukene belulekwa yiNkosi ukuba bahambe ngobuqotho futhi basebenze embusweni Wayo.

1 Isho kanje iNkosi, ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe ndodana yami, uthethelelwe izono zakho, ngokwesicelo sakho, ngokuba imikhuleko yakho nemikhuleko yabazalwane bakho ifikile ezindlebeni zami.

2 Ngakho-ke, ubusisiwe kusuka manje wena ophethe izikhiye zombuso ezinikwe kuwe; umbuso lowo osuvela okokugcina.

3 Ngiqinisile ngithi kuwe, izikhiye zalombuso ngeke zithathwe kuwe, ngesikhathi usesemhlabeni, nasemhlabeni ozayo;

4 Nokho, ngawe izambulo ziyonikezwa omunye, yebo, ngisho ebandleni.

5 Futhi bonke labo abafumana izambulo zikaNkulunkulu, mabaqaphele ukuthi baziphethe kanjani hleze zithathwe njengezinto ezingabalulekile, futhi babekwe icala, futhi bakhubeke bawe uma sekwehla iziphepho, nemimoya ivunguza, nezimvula zehla, futhi zishaya phezu kwendlu yabo.

6 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kubazalwane bakho, uSidney Rigdon noFrederick G. Williams, zithethelelwe izono zabo nabo, futhi sebebalwa njengaba lingana nawe ekuphatheni izikhiye zalombuso wokugcina;

7 Njengokuphatha kwakho izikhiye ze sikole sabaphrofethi, engiyale ukuba sihlelwe;

8 Ukuze ngalokho bapheleliswe emsebenzini wabo wokusindiswa kweSiyoni, nokwezizwe zikaIsrayeli, nokwabeZizwe, ngobuningi babo abayokholwa;

9 Ukuze ngokuphatha kwakho balamukele izwi, futhi ngokuphatha kwabo izwi lihambe liye ekupheleni komhlaba, kwa beZizwe kuqala, futhi emva kwalokho, bhekani, futhi bheka, bayophendukela kumaJuda.

10 Futhi emva kwalokho kufika usuku lapho ingalo yeNkosi iyokwembulwa khona ngamandla ekukholwiseni izizwe, izizwe ezingabahedeni, indlu ka Josefa, ngevangeli lensindiso yabo.

11 Ngokuba kuyokwenzeka ngalolo suku, ukuthi wonke umuntu uyokuzwa ukuphelela kwevangeli ngolimi lwakhe, ngalabo abagcotshelwe kula mandla, ngokuholwa nguMduduzi, othunyelwe kubo ukuze kwambulwe uJesu Kristu.

12 Manje, ngiqinisile ngithi kini, ngininika umyalelo wokuthi niqhubeke emsebenzini nakubo ubumongameli.

13 Futhi uma senikuqedile ukuhumusha abaphrofethi, kusuka ngaleso sikhathi niyokwengamela izindaba zebandla nezesikole;

14 Futhi izikhathi ngezikhathi, njengoba kuyobonakaliswa nguMduduzi, nifumane izambulo ukusombulula izimfihlakalo zombuso;

15 Futhi nilungise amabandla ahleleke, futhi nifunde futhi nithole ulwazi, futhi nijwayelane nezincwadi ezinhle, futhi nezilimi, nezindlela zokukhuluma, nabantu.

16 Futhi lokhu kuyokuba ngumsebenzi wenu nomsebenzi wenu wokufundisa ivangeli izimpilo zenu zonke, ukwengamela umkhandlu, futhi nilungise zonke izindaba zaleli bandla nombuso zihleleke.

17 Ningabi namahloni, futhi ningadunyazwa; kodwa yalekani kukho konke ukuzidla nokuzazisa kwenu, ngokuba kuletha isicupho kini.

18 Lungisani izindlu zenu zihleleke; susani ukuvilapha noku ngahlanzeki kube kude nani.

19 Manje, ngiqinisile ngithi kuwe, makube khona indawo enikiweyo, ngokushesha okungenzeka, yomndeni womeluleki nomabhalane wakho, ngisho uFrederick G. Williams.

20 Futhi inceku yami esikhulile, uJoseph Smith, oMdala, makaqhubeke nokuhlala nomndeni wakhe endaweni lapho ahlala khona manje; futhi mayingadayiswa uze umlomo weNkosi usho.

21 Futhi umeluleki wami, ngisho uSidney Rigdon, makahlale lapho ehlala khona uze umlomo weNkosi usho.

22 Futhi umbhishobhi makafune ngokukhuthala ukuthola umphatheli, futhi makube umuntu one ngcebo ebekiwe—umuntu kaNkulunkulu, futhi onokholo oluqinile—

23 Ukuze ngalokho akwazi ukukhokha zonke izikweletu; ukuze indlu yengcebo yeNkosi ingangeni ehlazweni phambi kwamehlo abantu.

24 Funani ngokukhuthala, khulekani njalo, futhi nikholwe, futhi zonke izinto ziyosebenzelana kube ngokuhle kini, uma nihamba ngobuqotho futhi nikhumbula isivumelwano enivumelane ngaso omunye komunye.

25 Imindeni yenu mayibe mincane, ikakhulukazi owenceku yami esikhulile uJoseph Smith, oMdala, njengoku phathelene nalabo abangebona abemindeni yenu;

26 Ukuze lezo zinto eninikwe zona, ukwenza umsebenzi wami wenzeke, zingathathwa kini zinikwe labo abangazifanele—

27 Futhi ngalokho nivimbeleke ekufezeni lezo zinto enginiyale ngazo.

28 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, kuyintando yami ukuthi incekukazi yami uVienna Jaques afumane imali yokuthwala izindleko zakhe, futhi aye ezweni laseSiyoni;

29 Futhi esalayo imali ingangcweliselwa mina, futhi anikwe umvuzo ngesikhathi sami esifanele.

30 Ngiqinisile ngithi kini, kuhle emehlweni ami ukuba aye ezweni laseSiyoni, futhi afumane ifa esandleni sikambhishobhi;

31 Ukuze ahlale ngokuthula kangangoba ethembekile, futhi angavilaphi ezinsukwini zakhe zokuphila kusuka ngaleso sikhathi.

32 Futhi bhekani, ngiqinisile ngithi kini, niyowubhala lomyalelo, futhi niwusho kubazalwane benu eSiyoni, nibabingelele ngothando, ukuthi nginibizile futhi ukuba nengamele iSiyoni ngesikhathi sami esifanele.

33 Ngakho-ke, mabapheze ukungikhathaza ngaloludaba.

34 Bhekani, ngithi kini abazalwane benu eSiyoni sebeqala ukuphenduka, futhi nezingelosi ziyathokoza ngabo.

35 Nokho, angijabulile ngezinto eziningi; futhi angithokozile ngenceku yami uWilliam E. McLellin, nangenceku yami uSidney Gilbert; ngokunjalo nombhishobhi, nabaningi banezinto eziningi okufanele baphenduke kuzo.

36 Kodwa ngiqinisile ngithi kini, mina, iNkosi, ngizolwa ne Siyoni, futhi nginxuse labo abaqinile bakhe, futhi ngimjezise aze anqobe futhi abe ngo hlanzekile kimi.

37 Ngokuba akanaku suswa endaweni yakhe. Mina, iNkosi, sengikukhulumile lokhu. Amen.