Amasu Okufunda
Isikole sabaphrofethi


Isikole sabaphrofethi

EKirtland, e-Ohio (eMelika), ngesikhathi sobusika bango1832–1833, iNkosi yayala uJoseph Smith ukuba ahlanganise isikole ngenhloso yokuqeqesha abazalwane kuzo zonke izinto ngokuphathelene nevangeli kanye nombuso kaNkulunkulu. Kulesi sikole kwavela abaholi abaningi bokuqala beBandla. Esinye isikole sabaphrofethi noma samagosa sasiphethwe nguParley P. Pratt esiFundeni saseJackson, eMissouri (Mf&V 97:1–6). Izikole ezifanayo zenziwa emuva kwesikhashana abaNgcwele beye ukuyokwakha eNtshonalanga; kodwa, lezi masinyane zaqedwa. Ukufundiswa kwevangeli namhlanje kwenziwa ekhaya, emikhandlwini yobuphristi, kanye nasezinhlanganweni ezelekelelayo ezinhlobonhlobo, kanye nasezikoleni zeBandla kanye nasezindlini zohlelo lokufundiswa ivangeli.