ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 95


Isigaba 95

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 1 Juni, 1833. Lesi sambulo singukuqhubeka kwemiyalelo kaNkulunkulu ukuthi kwakhiwe indlu yokukhonza nokufundiswa, indlu yeNkosi (bheka isigaba 88:119–136).

1–6, AbaNgcwele bayasolwa ngokwehluleka kwabo ukwakha indlu yeNkosi; 7–10, INkosi ilangazelela ukusebenzisa indlu Yayo ukupha abantu Bayo amandla avela phezulu; 11–17, Lendlu kufanele ingcweliswe njengendawo yokukhonza nesikole sokufundisa abaPhostoli.

1 Ngiqinisile, isho kanje iNkosi kini enginithandayo, futhi engibathandayo ngiyaba jezisa futhi ukuze izono zabo zixolelwe, ngokuba ngesijeziso ngilungisa indlela yoku khululwa kwabo kuzo zonke izinto eziyi zilingo, futhi nginithandile—

2 Ngalokho-ke, kudingeka nijeziswe futhi nisoliwe phambi kobuso bami;

3 Ngokuba nonile kimi isono esikhulu, ngokuba aniwunakanga umyalelo omkhulu kuzo zonke izinto, engini nike wona ngokuphathelene nowakhiwa kwendlu yami;

4 Ukwenza ukulungiselela engihlela ngakho ukulungiselela abaphostoli bami ukuba bathene isivini sami okokugcina, ukuze ngeze isenzo sami esingajwayelekile, ukuze ngithele uMoya wami phezu kwayo yonke inyama—

5 Kodwa bhekani, ngiqinisile ngithi kini, baningi abagcotshiwe phakathi kwenu, engibabizile kodwa bambalwa kubo abakhethiweyo.

6 Labo abangakhethwanga bone isono esikhulu, ngokuba bahamba ebumnyameni kusemini.

7 Futhi ngaenxa yalokhu nganinika umyalelo wokuba nibize umhlangano wenu ozothileyo, ukuze ukuzila kwenu nokukhala kwenu kufinyelele ezindlebeni zikaJehova Sebawoti, ngokuhunyushwa okungukuthi, umdali wosuku lokuqala, isiqalo nesiphetho.

8 Yebo, ngiqinisile ngithi kini, ngini nike umyalelo wokuba kufanele nakhe indlu, kuleyondlu engihlele ukupha labo engibakhethileyo amandla asuka phezulu;

9 Ngokuba lesi yisethembiso sikaBaba kini; ngakho-ke nginiyala ukuba nihlale, njengabaphostoli bami eJerusalema.

10 Nokho, izinceku zami zonile isono esikhulu; futhi impikiswano yavuka esikoleni sabaphrofethi; okwaba kubi kakhulu kimi, kusho iNkosi yenu; ngakho-ke ngibaxoshile ukuze bajeziswe.

11 Ngiqinisile ngithi kini, kuyintando yami ukuba nakhe indlu. Uma nigcina imiyalelo yami niyokuba namandla okuyakha.

12 Uma ningayigcini imiyalelo yami, uthando lukaBaba ngeke luqhubeke nani, ngakho-ke niyohamba ebumnyameni.

13 Manje nakhu ukuhlakanipha, futhi nomqondo weNkosi—mayakhiwe indlu, hhayi ngendlela yomhlaba, ngokuba angini niki ukuba niphile ngendlela yomhlaba;

14 Ngakho-ke, mayakhiwe ngendlela engiyoyitshengisa kwabathathu benu, eniyobabeka futhi nibagcobe kulamandla.

15 Futhi ubukhulu bayo buyoba yisilinganiso samashumi amahlanu nanhlanu ububanzi, futhi mayibe yisilinganiso samashumi ayisithupha nanhlanu ubude, ingaphakathi legceke layo.

16 Futhi indawo engaphansi yegceke elingaphakathi mayingcweliselwe mina ukwenzela iminikelo yesidlo senu esingcwele, neyokushumayela kwenu, nokuzila kwenu, nokukhuleka kwenu, nokunikela ukulangazelela kwenu okungcwele kakhulu kimi, kusho iNkosi.

17 Futhi ingxenye ephezulu yegceke elingaphakathi mayingcweliselwe mina ukwenzela isikole sabaphostoli bami, kusho iNdodana u-Ahman; noma ngamanye amagama, u-Alfa; noma, ngamanye amazwi u-Omega; ngisho uJesu Kristu iNkosi yenu. Amen.