ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 28


Isigaba 28

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi ku-Oliver Cowdery, eFayette, eNew York, ngoSeptemba 1830. UHiram Page, ilungu lebandla, wayenetshe elithize ayememezela ukuthi liyamsiza ekwambulelweni ngokwakhiwa kweSiyoni nohlelo lweBandla. Amalungu ayidlanzana ayesekhohlisekile ngalezi zimemezelo, futhi ngisho no-Oliver Cowdery wathonyeka ngokungalungile ngalokho. Ngaphambi nje komhlangano owawuzoba khona, umPhrofethi wabuza kakhulu eNkosini mayelana naloludaba, kwase kulandela lesi sambulo.

1–7, UJoseph Smith uphethe izikhiye zezimfihlakalo, futhi nguye kuphela othola izambulo zeBandla; 8–10, U-Oliver Cowdery kufanele ashumayele kumaLamani; 11–16, USathane umkhohlisile uHiram Page futhi wamnika izambulo ezingamanga.

1 Bheka, ngithi kuwe, Oliver, kuzonikwa kuwe ukuthi ibandla likulalele kuzo zonke izinto noma yikuphi oyobafundisa khona ngoMduduzi, ngokuphathelene nezambulo nemiyalelo engiyinikile.

2 Kodwa, bheka, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, akekho noyedwa oyoqokelwa ukuthola imiyalelo nezambulo kuleli bandla ngaphandle kuka Joseph Smith, omNcane, ngokuba uzithola ngisho nanjengoMose.

3 Futhi uyomlalela ezintweni engiyokumnika zona, ngisho njengo-Aroni, ukushumayela imiyalelo nezambulo ngokuthembeka, ngamandla nange gunya ebandleni.

4 Futhi uma uholwa nguMduduzi nganoma yisiphi isikhathi ukuthi ukhulume noma ufundise, noma ngazo zonke izikhathi ngendlela yemiyalelo ebandleni, ungakwenza lokho.

5 Kodwa awuyikubhala ngokwemiyalelo, kodwa ngenhlakanipho;

6 Futhi ungamyali oyinhloko yakho, noyinhloko yebandla;

7 Ngokuba ngimnike izikhiye zezimfihlakalo, nezambulo ezivaliwe, ngize ngibaqokele omunye esikhundleni sakhe.

8 Manje, bheka, ngithi kuwe uyokuya kumaLamani futhi ushumayele ivangeli lami kubo; futhi kangangoba bezamukela izimfundiso zakho uyokwenza ibandla lami lakhiwe phakathi kwabo; futhi uyothola izambulo, kodwa ungazibhali ngendlela yemiyalelo.

9 Manje, bheka, ngithi kuwe akwambuliwe, futhi akukho muntu owaziyo ukuthi idolobha iSiyoni liyokwakhiwa kuphi, kodwa kuyokwambulwa esikhathini esizayo. Bheka, ngithi kuwe liyokuba semingceleni ngakumaLamani.

10 Ungemuki kulendawo kuze kube semuva kwalomhlangano; futhi inceku yami uJoseph uyoqokelwa ukwengamela lomhlangano ngezwi lawo, futhi lokho akushoyo kuwe uyokukhuluma.

11 Futhi phezu kwalokho, uyothatha umfowenu, uHiram Page, ninodwa naye kuphela, futhi umtshele ukuthi lezo zinto azibhalile azithathe kulelo litshe azisuki kimi nokuthi uSathane umkhohlisile;

12 Ngokuba, bheka, lezi zinto akazinikezwanga, futhi akukho nalutho oluyonikezwa kunoma ubani waleli bandla ngokuphambhene nezivumelwano zebandla.

13 Ngokuba zonke izinto kufanele zenziwe ngohlelo, nangokuvumelana kwabo bonke ebandleni, ngomkhuleko wokukholwa.

14 Futhi uyolekelela ukulungisa zonke lezi zinto, ngokwezivumelwano zebandla, ngaphambi kokuba uthathe uhambo lwakho kuzo zonke izindawo kumaLamani.

15 Futhi kuzokwambulwa kuwe ngesikhathi uhamba, kuze kube yisikhathi oyobuya ngaso, oyokwenza.

16 Futhi kufanele uvule umlomo wakho ngazo zonke izikhathi, wazise ngevangeli lami ngezwi lenjabulo. Amen.