ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 6


Isigaba 6

Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi no-Oliver Cowdery, eHarmony, ePennsylvania, ngo-Epreli 1829. U-Oliver Cowdery waqala imisebenzi yakhe njengombhali ekuhunyushweni kweNcwadi kaMormoni, ngomhlaka 7 Epreli 1829. Wayesesitholile isambulo esisuka kuNkulunkulu sokuthi buyiqiniso ubufakazi bomPhrofethi mayelana nezingcwephe okwakuqoshwe kuzo umlando weNcwadi kaMormoni. UmPhrofethi wabuza iNkosi nge-Urimi neThumimi wase ethola lempendulo.

1–6, Izisebenzi ensimini yeNkosi zizuza insindiso; 7–13, Asikho isipho esikhulu ngaphezulu kwesipho sensindiso; 14–27, Ubufakazi beqiniso bufika ngamandla oMoya; 28–37, Bheka kuKristu, futhi wenze okuhle njalo.

1 Umsebenzi omkhulu nomangalisayo usuzoqala phakathi kwabantwana babantu.

2 Bheka, nginguNkulunkulu; linakeni izwi lami, elisheshayo futhi elinamandla, elibukhali ngaphezu kwenkemba ebukhali nhlangothi zombili, ukuhlukanisa ujuqu amalunga nomkantsha; ngakho-ke wanakeni amazwi ami.

3 Bhekani, insimu isimhlophe isilungele ukuvunwa; ngakho-ke, noma ubani onesifiso sokuvuna, makashwibe isikela lakhe ngamandla, futhi avune ngesikhathi kusesemini, ukuze alondolozele umoya wakhe insindiso yaphakade embusweni kaNkulunkulu.

4 Yebo, yilowo nalowo ozoshwiba isikela lakhe futhi avune, nguye lowo obizwe nguNkulunkulu.

5 Ngakho-ke, uma uzocela kimi uyothola; uma uyongqongqotha uyovulelwa.

6 Manje, njengoba ucelile, bheka, ngithi kuwe, ngcina imiyalelo yami, futhi ufune ukuveza futhi umise umgomo we Siyoni.

7 Ungafuni ingcebo kepha funa inhlakanipho, futhi bheka, imfihlakalo kaNkulunkulu uyokwambulelwa yona, futhi emuva kwalokho uyokwenziwa unothe. Bheka, lowo onokuphila okuphakade unothile.

8 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, ngisho njengoba ulangazelela kimi kuyoba njalo nakuwe; futhi uma ulangazelela, uyoba oyoletha okuhle kulesi sizukulwane.

9 Ungasho lutho kulesi sizukulwane ngaphandle kokuphenduka; gcina imiyalelo yami, futhi ulekelele ekuvezeni umsebenzi wami, ngokwemiyalelo yami, futhi uyobusiswa.

10 Bheka unesipho, futhi ubusisiwe ngenxa yesipho sakho. Khumbula singcwele futhi sivela phezulu—

11 Futhi uma uzobuza, uyokwazi izimfihlakalo ezinkulu nezimangalisayo; ngakho-ke uyosebenzisa isipho sakho ukuze uthole izimfihlakalo, ukuze ukwazi ukuletha iqiniso kwabaningi, yebo, ubenze babone izindlela zabo eziphambukileyo.

12 Ungazisi ngesipho sakho kunoma ubani ngaphandle kwalabo bokholo lwakho. Ungadlali ngezinto ezingcwele.

13 Uma uyokwenza okuhle, yebo, futhi uqhubeke noku thembeka kuze kube sekugcineni, uyosindiswa embusweni kaNkulunkulu, oyisipho esikhulu kunazo zonke izipho zikaNkulunkulu; ngokuba asikho isipho esikhulu kunesipho sensindiso.

14 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, ubusisiwe ngalokho okwenzileyo; ngokuba ubuzile kimi, futhi bheka, njengoba ujwayele ukubuza uthole umyalelo ngoMoya wami. Uma bekungenjalo, ubungeke uze endaweni okuyo ngalesisikhathi.

15 Bheka, uyazi ukuthi ubuzile kimi futhi ngakukhanyisela ingqondo yakho; manje ngikutshela lezi zinto ukuze wazi ukuthi ukhanyiselwe uMoya weqiniso;

16 Yebo, ngiyakutshela, ukuze wazi ukuthi kakho muntu owazi imicabango yakho nezinhloso zenhliziyo yakho ngaphandle kukaNkulunkulu.

17 Ngikutshela lezi zinto ukuze kube ubufakazi kuwe—ukuthi amazwi noma umsebenzi obuwubhala uyiqiniso.

18 Ngakho-ke khuthala; ume eduze nenceku yami uJoseph, ngokuthembeka, kuzona zonke izimo ezinzima angaba kuzo ngenxa yezwi.

19 Msole emaphutheni akhe, nawe futhi wamukele ukusolwa nguye. Bekezela; ube nesizotha; uzithibe; ube nokubekezela, ukholo, ithemba futhi nesihe.

20 Bheka, ungu-Oliver, futhi ngikhulume kuwe ngenxa yezifiso zakho; ngakho-ke gcina ulondoloze lamazwi enhliziyweni yakho. Thembeka uyigcine njalo imiyalelo kaNkulunkulu, ngizobe sengikusingatha ezandleni zothando lwami.

21 Bheka, nginguJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu. Nginguye owafika kwabami, futhi abami abangemukelanga. Nginguku khanya okukhanya ebumnyameni, futhi ubunyama abukuqondanga.

22 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, uma ulangazelela obunye ubufakazi, khumbula lobo busuku mhla ukhala kimi ngenhliziyo yakho, ukuze wazi mayelana neqiniso lalezi zinto.

23 Angikunikanga yini ukuthula enqondweni yakho mayelana naloludaba na? Yibuphi-ke ubufakazi obukhulu ongaba nabo kunalobo obuvela kuNkulunkulu na?

24 Manje, bheka, usuthole ubufakazi; ngokuba uma ngikutshele izinto ezingaziwa muntu awubutholanga yini ubufakazi na?

25 Futhi, bheka, ngikupha isipho, uma usifisa kimi, ukuze uhumushe, ngisho njengenceku yami uJoseph.

26 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, kunemibhalo equkethe eliningi ivangeli lami, egodliwe ngenxa yobubi babantu;

27 Manje ngiyakuyala, ukuthi uma unezifiso ezinhle—isifiso sokuzibekela amagugu ezulwini—emuva kwalokho uzobe ususiza ekuletheni ekukhanyeni, ngesipho sakho, lezo zingxenye zemibhalo engcwele yami ebezifihliwe ngenxa yobubi.

28 Manje, bheka, nginika wena, kanye nenceku yami uJoseph, izikhiye zalesi sipho, eziyokwembula lobu bufundisi; futhi ngemilomo yofakazi ababili noma abathathu amazwi onke ayoqiniswa.

29 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, uma benqaba ukwemukela amazwi ami, kanye nalengxenye yevangeli lami nobufundisi, nibusisiwe, ngokuba ngeke benza kini okungaphezulu kwalokho abakwenza kimi.

30 Futhi ngisho bengenza kini njengoba benzile kimi, nibusisiwe, ngokuba niyohlala nami enkazimulweni.

31 Kepha uma bengawenqabi amazwi ami, ayobekwa ngobufakazi obuyonikwa, babusisiwe, futhi ngalesosikhathi niyoba nokuthokoza ngezithelo zemisebenzi yenu.

32 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, njengoba ngasho kubafundi bami, lapho ababili noma abathathu behlangene egameni lami, mayelana nodaba oluthile, bhekani, ngiyokuba khona phakathi kwabo—ngisho kanjalo-ke ngikhona phakathi kwenu.

33 Ningesabi ukwenza okuhle, madodana ami, ngokuba noma yikuphi enikutshalayo yikho futhi eniyokuvuna; ngakho-ke, uma nitshala okuhle niyovuna umvuzo omuhle.

34 Ngakho-ke, ningesabi, mhlambi omncane; yenzani okuhle; umhlaba nesihogo makuhlangane kumelane nani, ngokuba uma nakhele edwaleni lami, ngeke banqobe.

35 Bhekani, anginibeki cala, hambani futhi ningabe nisona; nenze ngesizotha umsebenzi enginiyalele wona.

36 Bhekani kimi ngayo yonke imicabango yenu; ningangabazi, ningesabi.

37 Bhekani amanxeba ahlaba uhlangothi lwami, kanye nezibazi ezenziwa yizipikili ezandleni nasezinyaweni zami; thembekani, nigcine imiyalelo yami, niyokudla ifa lombuso wasezulwini. Amen.