ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 50


Isigaba 50

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 9 Meyi, 1831. Umlando ka Joseph Smith uthi amanye amagosa aye ngaziqondi izibonakaliso zemimoya eyahlukahlukene ndawozonke emhlabeni futhi nokuthi lesi sambulo sanikezwa kuphendulwa umbuzo wakhe othize kuloludaba. Okubizwa ngezehlakalo ezingajwayelekile zemimoya zazivamile phakathi kwamalungu, amanye awo ayethi anikwe imibono nezambulo.

1–5, Miningi imimoya ekhohlisayo ndawozonke emhlabeni; 6–9, Maye kubazenzisi nakulabo abasusiwe eBandleni; 10–14, Amagosa kufanele ashumayele ivangeli ngoMoya; 15–22, Abashumayeli nabezwayo kudingeka bakhanyiselwe nguMoya; 23–25, Lokho okungakhiyo akukona okukaNkulunkulu; 26–28, Abakholwayo bangabanini bezinto zonke; 29–36, Imikhuleko yabangcwelisiwe iyaphendulwa; 37–46, UKristu unguMelusi oMuhle neTshe likaIsrayeli.

1 Lalelani, O nina magosa ebandla lami, futhi ninike indlebe ezwini likaNkulunkulu ophilayo; futhi ninake amazwi okuhlakanipha ayonikezwa nina, njengokucela kwenu futhi nivumelene ngokuthinta ibandla, nemimoya esabalele ndawozonke emhlabeni.

2 Bhekani, ngithi kini, miningi imimoya ekhohlisayo, esabalele izwe lonke, ikhohlisa umhlaba.

3 Futhi uSathane ufune ukunikhohlisa, ukuze aniwise.

4 Bhekani, mina, iNkosi, nginibukile, futhi ngabona izinengiso ebandleni elimemezela igama lami.

5 Kodwa babusisiwe labo abathembekile nababekezelayo, noma kusekuphileni noma kusekufeni, ngokuba bayodla ifa lempilo engunaphakade.

6 Kodwa maye kulabo abangabakhohlisi nabazenzisi, ngokuba, isho kanje iNkosi, ngizobaletha ekwahlulelweni.

7 Bhekani, ngithi kini, kunabakhohlisi phakathi kwenu, asebekhohlise abanye, osekunikeze isitha amandla; kodwa bhekani abanjalo bazobuyiswa;

8 Kodwa abazenzisi bayokhonjwa futhi bayosuswa, noma kusekuphileni noma kusekufeni, ngisho njengokuthanda kwami; futhi maye kulabo abasusiwe ebandleni lami, ngokuba abanjalo banqotshwa ngumhlaba.

9 Ngalokho-ke, wonke umuntu makazi funa enze lokho okungelona iqiniso nokulunga phambi kwami.

10 Futhi wozani manje, kusho iNkosi, ngoMoya, kumagosa ebandla lakhe, futhi masikhulume, ukuze niqonde;

11 Masikhulume njengomuntu ekhuluma nomunye ubuso nobuso.

12 Manje, uma umuntu ekhuluma uyaqondwa ngumuntu, ngokuba ukhuluma njengomuntu; kanjalo-ke nami, iNkosi, ngizokhuluma nani ukuze niqonde.

13 Ngalokho-ke, mina iNkosi nginibuza lombuzo—nagcotshelwa ini na?

14 Ukushumayela ivangeli lami ngoMoya, ngisho uMduduzi owathunyelwa ukufundisa iqiniso.

15 Futhi emuva kwalokho nase nemukela imimoya enaningeke niyiqonde, futhi niyamukele ngoba nithi isuka kuNkulunkulu; futhi kulokhu ngabe aninacala na?

16 Bhekani nizowuphendula lombuzo nina uqobo; nokho, ngiyoba nomusa kini; lowo obuthakathaka phakathi kwenu emva kwalokhu uyokwenziwa aqine.

17 Ngiqinisile ngithi kini, lowo ogcotshwe yimi futhi nothunyiwe ukushumayela izwi leqiniso ngoMduduzi, ngoMoya weqiniso, ngabe ulishumayela ngoMoya weqiniso noma ngenye indlela na?

18 Futhi uma kungenye indlela akuyona ekaNkulunkulu.

19 Futhi phezu kwalokho, lowo olamukelayo izwi leqiniso, ngabe ulamukela ngoMoya weqiniso noma ngenye indlela na?

20 Uma kungenye indlela akuyona ekaNkulunkulu.

21 Ngakho-ke, kungani ningaqondi futhi nazi, ukuthi lowo owemukela izwi ngoMoya weqiniso ulemukela njengoba lishunyayelwa ngoMoya weqiniso na?

22 Ngalokho-ke, lowo oshumayelayo nalowo owemukelayo, bayaqonda omunye nomunye, futhi bobabili bayakhana futhi bajabule ndawonye.

23 Futhi lokho okungakhiyo akukona okukaNkulunkulu, futhi kungubumnyama.

24 Lokho okungokukaNkulunkulu kungukukhanya; futhi lowo owemukela ukukhanya, nohlala kuNkulunkulu, ufumana ukukhanya okuningi; futhi lokho kukhanya kuyakhula futhi kukhule kuze kube semini.

25 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini, futhi ngikusho lokhu ukuze nazi iqiniso, ukuze nixoshe ubumnyama phakathi kwenu;

26 Lowo ogcotshiweyo ngokuka Nkulunkulu futhi wathunywa, nguye lowo obekwe ukuba abe ngomkhulu kunani nonke, nakuba engomncane kubo bonke futhi eyinceku yabo bonke.

27 Ngalokho-ke, ungumnini wezinto zonke; ngokuba zonke izinto zingaphansi kwakhe, ezulwini nasemhlabeni, impilo nokukhanya, uMoya namandla, okuthunywe ngentando kaBaba ngoJesu Kristu, iNdodana yakhe.

28 Kodwa akukho muntu ongumnini wezinto zonke ngaphandle kokuba ecwebisiwe futhi wahlanzwa kuzo zonke izono.

29 Futhi uma nicwebisiwe futhi nahlanzwa kuzo zonke izono, niyocela noma yini eniyifisayo egameni likaJesu futhi kuyokwenziwa.

30 Kodwa yazini lokhu, kuyonikwa kini eniyokucela; futhi njengoba nibekiwe ukuba yizinhloko, imimoya iyoba ngaphansi kwenu.

31 Ngalokho-ke, kuyokwenzeka, ukuthi uma nibona umoya eningawuqondi ubonakaliswa, futhi ningawemukeli lowo moya, niyobuza kuBaba egameni likaJesu; futhi uma enganiniki lowomoya, ngalokho niyokwazi ukuthi akuwona okaNkulunkulu.

32 Futhi kuyonikwa kini, amandla phezu kwalowo moya; futhi niyomemezela ngokumelene nalowomoya ngezwi elikhulu ukuthi akuwona okaNkulunkulu—

33 Kungabi ngokusola kokuhlambalaza, ukuze ninganqotshwa, noma ngokuziqhayisa noma ukujabula, hleze ningenwe yiwo.

34 Lowo ofumana okukaNkulunkulu, makakwazise lokho njengokuvela kuNkulunkulu; futhi makajabule ukuthi ubonwe nguNkulunkulu efanele ukukufumana.

35 Futhi ngokunaka nokwenza lezi zinto enizifumene, nenizozifumana emva kwalokhu—futhi umbuso ninikiwe wona nguBaba, futhi namandla okunqoba zonke izinto ezingagcotshwanga nguye—

36 Futhi bhekani, ngiqinisile ngithi kini, nibusisiwe nina eniwezwayo manje lamazwi ami ngomlomo wenceku yami, ngokuba izono zenu zixolelwe.

37 Inceku yami uJoseph Wakefield, engithokozayo ngaye, nenceku yami uParley P. Pratt mabahambe baye phakathi kwamabandla futhi bawaqinise ngezwi lokukhuthaza;

38 Futhi nenceku yami uJohn Corrill, noma abaningi bezinceku zami abagcotshiweyo kulesi sikhundla, futhi mabasebenze esivinini; futhi makungabi bikho muntu obaphazamisayo ekwenzeni lokho engikumisele bona—

39 Ngalokho-ke, kulento inceku yami u-Edward Partridge akaxolelwe; nokho makaphenduke futhi uzothethelelwa.

40 Bhekani, ningabantwana abancane futhi anikwazi ukuthwala zonke izinto manje; kufanele nikhule emseni nasolwazini lweqiniso.

41 Ningesabi, bantwana abancane, ngokuba ningabami, futhi ngiwunqobile umhlaba, futhi niyibo labo uBaba anginike bona;

42 Futhi abekho kulabo uBaba anginike bona abayolahleka.

43 Futhi uBaba nami simunye. Mina ngikuBaba naye uBaba ukimi; futhi kangangoba ningemukelile mina, nikimi nami ngikini.

44 Ngalokho-ke, ngiphakathi kwenu, futhi ngingumalusi omuhle, netshe lika-Israyeli. Lowo owakhela phezu kwaleli dwala akasoze awa.

45 Futhi usuku luyeza lapho niyolizwa izwi lami futhi ningibone, futhi nibone ukuthi nginguye.

46 Ngakho-ke, lindani, ukuze nihlale nilungile. Ngisho kanjalo. Amen.