ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 84


Isigaba 84

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 22 nangomhlaka 23 Septemba 1832. Ngesikhathi senyanga kaSeptemba, amagosa ayeseqalile ukubuya emisebenzini yawo yokufundisa ivangeli ezifundazweni zangasempumalanga futhi ayesenza imibiko ngemisebenzi yabo. Kwakungesikhathi bendawonye kulesi sikhathi senjabulo lapho kwatholakala khona lomyalezo olandelayo. UmPhrofethi wawubiza ngesambulo sobuphristi.

1–5, IJerusalema eNtsha nethempeli kuzokwakhiwa eMissouri; 6–17, Uhlanga lobuphristi kusuka kuMose kuya ku-Adamu luyanikwa; 18–25, Ubuphristi obukhulu buphethe ukhiye wolwazi ngoNkulunkulu; 26–32, Ubuphristi obuncane buphethe ukhiye wokusetshenzelwa yizingelosi nowevangeli lokulungiselela; 33–44, Amadoda afumana ukuphila okuphakade ngesifungo nangesivumelwano sobuphristi; 45–53, UMoya kaKristu ukhanyisela abantu, futhi umhlaba uhlezi esonweni; 54–61, AbaNgcwele kufanele bafakaze ngalezo zinto abazifumene; 62–76, Kufanele bashumayele ivangeli, futhi izibonakaliso zizolandela; 77–91, Amagosa kufanele ahambe ngaphandle kwesikhwama semali noma kwesikhwama, futhi iNkosi izozi gcwalisa izidingo zawo; 92–97, Izinkathazo neziqalekiso zilindele labo abenqaba ivangeli; 98–102, Iculo elisha lokuhlengwa kweSiyoni liyanikwa; 103–110, Wonke umuntu makame esikhundleni sakhe futhi asebenze obizweni lwakhe; 111–120, Izinceku zeNkosi kufanele zimemezele isinengiso sencithakalo ngezikhathi zokugcina.

1 Isambulo sikaJesu Kristu encekwini yakhe uJoseph Smith, omNcane, nakumagosa ayisithupha, ngesikhathi behlangene ngezinhliziyo futhi bephakamisela amaphimbo abo phezulu.

2 Yebo, izwi leNkosi ngokuphathelene nebandla layo, elimiswe ngezikhathi zokugcina ukuze kubuyiselwe abantu bayo, njengoba isikhulumile ngemilomo yabaphrofethi bayo, futhi ukuze kuqoqwe abangcwele bayo bame phezu kweNtaba iSiyoni, okuyoba wumuzi weJerusalema eNtsha.

3 Umuzi lowo oyokwakhiwa, kusuka esabelweni sethempeli, esibekwe ngomunwe weNkosi, ngasemingceleni engasentshonalanga yesiFundazwe saseMissouri, futhi sahlukaniselwa ngesandla sikaJoseph Smith, omNcane, nabanye iNkosi eyayithokoze kakhulu ngabo.

4 Ngiqinisile leli yizwi leNkosi, ukuthi umuzi iJerusalema eNtsha uyokwakhiwa ngokubuthana kwabangcwele, kusuka kulendawo, ngisho indawo yethempeli, ithempeli lelo eliyomiswa kulesi sizukulwane.

5 Ngokuba ngiqinisile lesi sizukulwane ngeke sidlule sonke kuze kube indlu yakhelwa iNkosi, futhi nefu liyohlala phezu kwayo, ifu lelo eliyoba ngisho yinkazimulo yeNkosi, eyogcwalisa leyondlu.

6 Futhi amadodana kaMose, ngokuvumelana nobuPhristi obuNgcwele abuthola ngaphansi kwesandla sikababezala wakhe, uJethiro;

7 Futhi uJethiro wabuthola ngaphansi kwesandla sikaKalebi;

8 Futhi uKalebi wabuthola ngaphansi kwesandla sika-Elihu;

9 Futhi u-Elihu ngaphansi kwesandla sikaJeremi;

10 Futhi uJeremi ngaphansi kwasandla sikaGadi;

11 Futhi uGadi ngaphansi kwesandla sika-Esayasi;

12 Futhi u-Esayasi wabuthola ngaphansi kwesandla sikaNkulunkulu.

13 U-Esayasi futhi wayephila ezinsukwini zika-Abrahama, futhi wabusiswa nguye—

14 U-Abrahama lowo owathola ubuphristi ku Melkisedeki, owabuthola ngozalo loyise, ngisho kuze kube kuNowa;

15 Futhi kusuka kuNowa kuze kube ku-Enoke, ngozalo loyise;

16 Futhi kusuka ku-Enoke kuya ku-Abela, owabulawa ngozungu lomfowabo, owabuthola ubuphristi ngemiyalelo kaNkulunkulu, ngesandla sikayise u-Adamu, owaye ngumuntu wokuqala—

17 Ubuphristi lobo obuqhubekayo ebandleni likaNkulunkulu kuzo zonke izizukulwane, futhi abunasiqalo sezinsuku noma isiphelo seminyaka.

18 Futhi iNkosi yamisa ubuphristi futhi phezu kuka-Aroni nenzalo yakhe, kuzo zonke izizukulwane zabo, ubuphristi lobo obuqhubekayo futhi buhlezi ingunaphakade nobuphristi obufanayo obungokohlelo olungcwele kakhulu lukaNkulunkulu.

19 Futhi lobu buphristi obukhulu buphethe ivangeli futhi buphethe nesikhiye sezimfihlakalo zombuso, ngisho isikhiye sokwazi ngoNkulunkulu.

20 Ngakho-ke, ezimisweni zabo, amandla obunkulunkulu ayembulwa.

21 Futhi ngaphandle kwezimiso zabo, negunya lobuphristi, amandla obunkulunkulu awembulwa kubantu enyameni;

22 Ngokuba ngaphandle kwalokhu akukho muntu ongabona ubuso bukaNkulunkulu, ngisho uBaba, futhi aphile.

23 Manje lokhu uMose wakufundisa ngokucacile kubantwana bakwa-Israyeli ehlane, futhi wafuna ngokukhuthala ukungcwelisa abantu bakhe ukuze babone ubuso bukaNkulunkulu;

24 Kodwa baqinisa izinhliziyo zabo futhi abakwazanga ukubekezelela ukuba phambi kwakhe; ngakho-ke, iNkosi olakeni lwayo, ngokuba intukuthelo yayo yokheleka ngokumelene nabo, yafunga ukuthi abayiku ngena ekuphumuleni kwayo besese hlane, ukuphumula lokho okunguku phelela konke kwenkazimulo yayo.

25 Ngakho-ke, yamthatha uMose yamkhipha phakathi kwabo, ngokunjalo nobuPhristi obuNgcwele;

26 Futhi ubuphristi obuncane baqhubeka, ubuphristi lobo obuphethe ukhiye wokusetshenzelwa yizingelosi nowevangeli lokulungiselela;

27 Ivangeli lelo okuyivangeli lokuphenduka neloku bhabhadiswa, nelo kususwa kwezono, futhi nomthetho wemiyalelo wenyama, iNkosi olakeni lwayo eyawenza ukuba uqhubeke unakekelwe yindlu ka-Aroni phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli kwaze kwafika kuJohane, owavuswa nguNkulunkulu, egcwaliswe ngoMoya oNgcwele kwasesi zalweni sikanina.

28 Ngokuba wabhabhadiswa ngesikhathi esese buntwaneni bakhe, futhi wagcotshwa yingelosi kaNkulunkulu ngesikhathi enezinsuku eziyisishiyagalombili ubudala kulamandla, ukuze achithe umbuso wamaJuda, futhi ukuze enze imikhondo yeNkosi iqonde phambi kobuso babantu bakhe, futhi nokubalungiselela ukuza kweNkosi, ezandleni zayo okunikwe wonke amandla.

29 Futhi phezu kwalokho, izikhundla zobugosa nobhishobhi ziyizijobelelo ezidingekile ezihlangene nobuphristi obukhulu.

30 Futhi phezu kwalokho, izikhundla zomfundisi nesedikoni ziyizijobelelo ezidingekile ezihlangene nobuphristi obuncane, ubuphristi lobo obaqiniswa ku-Aroni namadodana akhe.

31 Ngakho-ke, njengoba ngishilo ngokuphathelene namadodana kaMose—ngokuba amadodana kaMose namadodana ka-Aroni ayonikela umnikelo nomhlatshelo omukelekayo endlini yeNkosi, indlu leyo eyokwakhelwa iNkosi kulesi sizukulwane, phezu kwebala elingcwelisiwe njengoba ngishilo—

32 Futhi amadodana kaMose namadodana ka-Aroni ayogcwaliswa nge nkazimulo yeNkosi, phezu kwe Ntaba iSiyoni endlini yeNkosi, nina eningamadodana abo; futhi nabaningi engibabizile futhi ngabathuma ukuyokwakha ibandla lami.

33 Ngokuba noma ubani othembekileyo ukuze afumane lobu buphristi obubili engikhulume ngabo, futhi nabakhulisa ubizo lwabo, baya ngcweliswa ngoMoya ngokwanele ukuba kwenziwa busha imizimba yabo.

34 Baba ngamadodana kaMose namadodana ka-Aroni futhi nenzalo ka-Abrahama, nebandla nombuso, naba khethiweyo baNkulunkulu.

35 Futhi phezu kwalokho bonke labo abemukela lobu buphristi bemukela mina, kusho iNkosi;

36 Ngokuba lowo owemukela izinceku zami wemukela mina;

37 Futhi lowo owemukela mina wemukela uBaba;

38 Futhi lowo owemukela uBaba wemukela umbuso kaBaba; ngakho-ke konke lokho uBaba anakho uyonikwa kona.

39 Futhi lokhu kuhambisana nesifungo nesivumelwano esihlangene nobuphristi.

40 Ngakho-ke, bonke labo abemukela lobu buphristi, bemukela lesi sifungo nesivumelwano sikaBaba, angeke asephule, futhi esingeke sisuswe.

41 Kodwa lowo ophula lesi sivumelwano emva kokusemukela, futhi asilahle impela, akasoze axolelwe izono kulomhlaba noma emhlabeni ozayo.

42 Futhi maye kubo bonke labo abangezi kulobu buphristi esenibemukele, engibuqinisayo manje phezu kwenu enikhona namhlanje, ngezwi lami uqobo liphuma emazulwini; futhi senginike ngisho uquqaba lwasezulwini nezami izingelosi isiyalezo ngokuphathelene nani.

43 Futhi manje sengininika umyalelo wokuthi niziqaphele, wokuthi ninake ngokukhuthala amazwi okuphila okuphakade.

44 Ngokuba niyophila ngawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.

45 Ngokuba izwi leNkosi liyiqiniso, futhi noma yini eyiqiniso ingukukhanya, futhi noma yini engukukhanya inguMoya, ngisho uMoya kaJesu Kristu.

46 Futhi uMoya unika ukukhanya kuwo wonke umuntu oza emhlabeni; futhi uMoya ukhanyisela wonke umuntu emhlabeni, olilalelayo izwi likaMoya.

47 Futhi wonke umuntu olilalelayo izwi likaMoya uza kuNkulunkulu, ngisho uBaba.

48 Futhi uBaba umfundisa isivumelwano asivuselelile futhi wasiqinisa phezu kwenu, esiqiniswe phezu kwenu ukuze nizuze ngaso, futhi hhayi ukuze kuzuze nina kuphela, kodwa ukuze kuzuze umhlaba wonke.

49 Futhi umhlaba wonke uhleli esonweni, futhi ububula ngaphansi ko bumnyama nangaphansi kwesibopho sesono.

50 Futhi ngalokhu ningazi ukuthi bangaphansi kwesibopho sesono, ngokuba abezi kimi.

51 Ngokuba lowo ongezi kimi ungaphansi kwesibopho sesono.

52 Futhi lowo ongalemukeli izwi lami akalazi izwi lami, futhi akasiye owami.

53 Futhi ngalokhu ningabazi abalungile kwababi, futhi nokuthi wonke umhlaba ububula ngaphansi kwesono nobumnyama ngisho manje.

54 Futhi izingqondo zenu ngesikhathi esedlule zifiphaziwe ngenxa yokungakholwa, futhi ngokuba anizihloniphanga izinto eninikwe zona—

55 Lobo buze nokungakholwa okwenze ibandla lonke libekwe icala.

56 Futhi lokhu kubekwa icala kuhleli phezu kwabantwana baseSiyoni, ngisho bonke.

57 Futhi bayoba ngaphansi kwalokhu kubekwa icala baze baphenduke futhi bakhumbule isivumelwano esisha, ngisho iNcwadi kaMormoni nemiyalelo yaphambilini engibanike yona, hhayi ukusho kuphela, kodwa ukwenza njengoba ngibhalile—

58 Ukuze baveze izithelo ezifanele zombuso kaYise; kungenjalo kusele isijeziso nokwahlulelwa okuzothululwa phezu kwabantwana baseSiyoni.

59 Ngokuba ngabe abantwana bombuso bazokonakalisa izwe lami elingcwele na? Ngiqinisile, ngithi kini, Cha.

60 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini eniwezwayo manje amazwi ami, ayiphimbo lami, nibusisiwe kangangoba nizemukela lezi zinto;

61 Ngokuba ngizonithethelela izono zenu ngalomyalelo—ukuthi nihlale nibambelele ezinqondweni zenu ngesizotha futhi nangomoya wokukhuleka, ukufakaza kuwo wonke umhlaba ngalezo zinto ezikhulunywa kini.

62 Ngakho-ke, hambani niye kuwo wonke umhlaba; futhi nakunoma iyiphi indawo eningakwazi ukuya kuyo niyothumela, ukuze ubufakazi buhambe busuka kini buye kuwo wonke umhlaba kuzo zonke izidalwa.

63 Futhi njengoba ngasho kubaphostoli bami, kanjalo-ke ngithi nakini, ngokuba ningabaphostoli bami, ngisho abaphristi abakhulu baNkulunkulu; niyibo labo uBaba wami angiphe bona; ninga bahlobo bami;

64 Ngakho-ke, njengoba ngasho kubaphostoli bami ngithi nakini futhi, wonke umuntu okholwa emazwini enu, futhi ebhabhadiswa ngamanzi ukuze athethelelwe izono, uyofumana uMoya oNgcwele.

65 Futhi lezi zibonakaliso ziyobalandela labo abakholwayo—

66 Egameni lami bayokwenza imisebenzi eminingi emangalisayo;

67 Egameni lami bayokhipha odeveli;

68 Egameni lami bayophilisa abagulayo;

69 Egameni lami bayovula amehlo ezimpumputhe, futhi bavule izindlebe zabangezwa;

70 Futhi ulimi lwesithuli luyokhuluma;

71 Futhi uma kukhona umuntu oyobanika ubuthi ngeke bubalimaze;

72 Futhi ubuthi benyoka ngeke bube namandla okubalimaza.

73 Kodwa umyalelo ngibanika wona, wokuthi bangazikhukhumezi ngalezi zinto, bangazikhulumi phambi komhlaba; ngokuba lezi zinto zinikwe kini ukuze nizuze futhi ukuze nisindiswe.

74 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, labo abangakholwa emazwini enu, futhi abanga bhabhadiswa ngamanzi egameni lami, ukuze bathethelelwe izono zabo, ukuze bafumane uMoya oNgcwele, bayoba ngaphansi kwamandla kaSathane, futhi ngeke beze embusweni kaBaba lapho uBaba nami sikhona.

75 Futhi lesi sambulo kini, nalomyalelo, kusebenza kusuka ngalelihora emhlabeni wonke, futhi ivangeli liya kubo bonke abangakalitholi.

76 Kodwa, ngiqinisile ngithi kubo bonke labo okunikwe kubo umbuso—kusuka kini kufanele lishunyayelwe kubo, ukuze baphenduke emisebenzini yabo emibi yaphambilini; ngokuba kufanele basolwe ngezinhliziyo zabo ezimbi zokungakholwa, nabazalwane benu eSiyoni ngokunivukela ngesikhathi nginithumele.

77 Futhi phezu kwalokho ngithi kini, bahlobo bami, ngokuba kusuka manje ngizonibiza ngabahlobo, kufanele ukuba ngininike lomyalelo, wokuthi nibe ngisho njengabahlobo bami ezinsukwini ngesikhathi nganginabo, ngihambela ukuyoshumayela ivangeli ngamandla ami;

78 Ngokuba angibavumelanga ukuba babe nesikhwama noma iyika, noma amabhantshi amabili.

79 Bhekani, nginithumele ukuvivinya umhlaba, futhi isisebenzi sifanelwe yinkokhelo yaso.

80 Futhi noma yimuphi umuntu oyohamba futhi ashumayele lelivangeli lombuso, ongehluleki ukuqhubeka athembeke ezintweni zonke, ngeke akhathale enqondweni, noma afiphale, noma emzimbeni, isitho, noma amalunga; nonwele lwekhanda lakhe ngeke luwele phansi lungaziwanga. Futhi ngeke balambe, noma bome.

81 Ngakho-ke, ningakhathazeki ngengomuso, ukuthi niyodlani, noma niyophuzani, noma niyokwembathani.

82 Ngokuba, bhekani iminduze yasendle, ukuthi imila kanjani, ayikhandleki, ayiphothi; futhi imibuso yomhlaba, kubo bonke ubukhazikhazi bayo, ayimbathisiwe njengomunye wayo.

83 Ngokuba uYihlo, osezulwini, uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu.

84 Ngakho-ke, ingomuso malikhathalele okwalo.

85 Futhi ningakhathazeki ngaphambili ngokuthi niyothini; kodwa gcinani nilondoloze ezingqondweni zenu njalonjalo amazwi okuphila, futhi niyonikwa ngalelo hora leyongxenye eyohlukaniselwa wonke umuntu.

86 Ngakho-ke, makungabi bikho muntu phakathi kwenu, ngokuba lomyalelo ungowabo bonke abathembekile ababizwe nguNkulunkulu ebandleni ebufundisini, kusukela ngalelihora abathatha isikhwama noma iyika, labo abahamba ukuyoshumayela leli vangeli lombuso.

87 Bhekani, nginithumela ukuba niqondise umhlaba kuzo zonke izenzo zawo zokungalungi, futhi nibafundise ngokwahlulela okuzayo.

88 Futhi lowo onemukelayo, lapho ngiyoba khona nami, ngokuba ngiyohamba phambi kobuso benu. Ngizoba kwesokudla senu nakwesobunxele senu, futhi uMoya wami uyoba sezinhliziyweni zenu, futhi izingelosi zami zinizungeze, ukuze zinithwale.

89 Onemukelayo wemukela mina; futhi lowo uzonipha ukudla, futhi anembathise, futhi aniphe imali.

90 Futhi lowo onipha ukudla, noma onembathisayo, noma onipha imali, kasoze alahlekelwa umvuzo wakhe.

91 Futhi lowo ongazenzi lezi zinto akasiye umfundi wami; ngalokhu niyobazi abafundi bami.

92 Lowo onganemukeli, sukani kuye, futhi nihlanze izinyawo zenu ngisho nangamanzi, amanzi acwebileyo, noma kushisa noma kubanda, futhi nifakaze ngakho kuYihlo osezulwini, futhi ningaphindeli futhi kulowomuntu.

93 Futhi kunoma yisiphi isigodi noma idolobha eningena kulo, yenzani kanjalo.

94 Nokho, funani ngokukhuthala futhi ningazibambi; futhi maye kulowo muzi, noma kulesosigodi noma kulelo dolobha elinenqabayo, noma amazwi enu, noma ubufakazi benu ngokuphathelene nami.

95 Ngithi futhi, maye kulowomuzi, noma kulesosigodi noma kulelo dolobha elinenqabayo, noma amazwi enu, noma ubufakazi benu ngami;

96 Ngokuba mina, Mninimandla Onke, ngibeke izandla zami phezu kwezizwe zonke, ukubajezisa ngenxa yobubi babo.

97 Futhi izinhlupho ziyothunyelwa, futhi ngeke zithathwe emhlabeni kuze kube ngiwuqedile umsebenzi wami, oyofinyezwa ngokulunga—

98 Kuze kube bonke bayongazi, abasele, kusukela komncane kuze kufike komkhulu, futhi bayogcwaliswa ngokuyazi iNkosi, futhi bayo bona iso neso, futhi bayoliphakamisa iphimbo labo, futhi ngephimbo kanyekanye bahlabelele leliculo elisha, bethi:

99 INkosi iyibuyisile futhi iSiyoni;INkosi ibahlengile abantu bayo, u-Israyeli,Ngoku khethwa ngomusa,Okwafezwa ngokholoNesivumelwano soyise.

100 INkosi ibahlengile abantu bayo;Futhi uSathane uboshiwe futhi isikhathi asisekho.INkosi ihlanganise zonke izinto ndawonye.INkosi yehlisele phansi iSiyoni isuka phezulu.INkosi yenyusele phezulu iSiyoni isuka phansi.

101 Umhlaba ube nemihelo futhi wazala amandla awo;Futhi neqiniso limisiwe ezibilini akhe;Futhi namazulu awumamathekele;Futhi wembathiswe ngenkazimulo kaNkulunkulu wawo;Ngokuba yena ume phakathi kwabantu bakhe.

102 Inkazimulo, nodumo, namandla, nokunqoba,Makubuyiselwe kuNkulunkulu wethu; ngokuba ugcwele ububele,Ukulunga, umusa neqiniso, nokuthula,Phakade naphakade, Amen.

103 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, kufanele ukuthi wonke umuntu ohamba ukuyoshumayela ivangeli lami laphakade, ukuthi kangangoba benemindeni, futhi bethola imali ngesipho, ukuthi mabayithumele kubo noma bayisebenzise ukuba bazuze, njengoba iNkosi iyobabonisa, ngokuba ngalendlela kubukeka kukuhle kimi.

104 Futhi bonke labo abangenayo imindeni, abathola imali, mabayithumele phezulu kumbhishobhi eSiyoni, noma kumbhishobhi e-Ohio, ukuze ingcweliselwe ukuveza izambulo nokucindezelwa kwazo, nokumiswa kweSiyoni.

105 Futhi uma kukhona oyopha omunye wenu ibhantshi, noma isudi, thatha endala uyiphe abampofu, futhi uhambe ngendlela yakho uthokoze.

106 Futhi uma kukhona umuntu phakathi kwenu onamandla eMoyeni, makathathe lowo obuthakathaka ahambe naye, ukuze akheke ngobumnene bonke, ukuze naye abe namandla.

107 Ngakho-ke, thathani labo abagcotshwe ngobuphristi obuncane, nibathumele ngaphambi kokuza kwenu ukuba bayohlela izikhathi zokubonana, futhi nokuba balungise indlela, futhi bagcine izikhathi zokubonana ezihleliwe nina eningakwazanga ukuzigcina.

108 Bhekani, yiyo lendlela abaphostoli bami, basendulo, abangakhela ngayo ibandla.

109 Ngakho-ke, wonke umuntu makame esikhundleni sakhe, futhi asebenze obizweni lwakhe; futhi ikhanda malingasho ezinyaweni ukuthi alizidingi izinyawo; ngokuba ngaphandle kwezinyawo umzimba ungakwazi kanjani ukuma na?

110 Futhi umzimba unesidingo sawo wonke amanye amalungu, ukuze wonke akhane ndawonye, ukuze uhlelo lugcinwe luphelele.

111 Futhi bhekani, abaphristi abakhulu kufanele bahambe, futhi ngokunjalo namagosa, futhi ngokunjalo nabaphristi abancane; kodwa amadikoni nabafundisi kufanele babekwe ukubheka ibandla, ukuba babe abefundisi abangahambi bebandla.

112 Futhi umbhishobhi, uNewel K. Whitney, naye kufanele ahambe ndawo zonke futhi phakathi kwawo wonke amabandla, efuna abampofu ukuba abaphe ngokwezimfuno zabo ngokuthobisa abacebileyo nabazazisayo.

113 Kufanele futhi aqashe umphatheli ukuze aphathe futhi ukuze amenzele umsebenzi wakhe wasemhlabeni njengokuba eyomkhombisa.

114 Nokho, umbhishobhi makahambe aye edolobheni laseNew York, nasedolobheni lase-Albany, futhi nasedolobheni laseBoston, futhi exwayise abantu balawo madolobha ngomsindo wevangeli, ngezwi elikhulu, ngokuchithakala nokuqedwa nya okubalindele uma bezinqaba lezi zinto.

115 Ngokuba uma bezinqaba lezi zinto ihora lokwahlulela kwabo selifikile, futhi indlu yabo iyosala ingenamuntu.

116 Makathembele kimi futhi ngeke anqotshwe; futhi unwele lwekhanda lakhe ngeke luwele phansi lungaziwanga.

117 Futhi ngiqinisile ngithi kini, nina nonke eniyizinceku zami, hambani njengokuvuma kwezimo zenu, obizweni lwenu olwahlukeneyo, niye emadolobheni nasezigodini ezinkulu nezaziwayo, nikhuze umhlaba ngokulunga kuzo zonke izenzo zabo ezingalungile nezingenabo ubunkulunkulu, nibeke obala ngokucacile nangokuqonda incithakalo yesinengiso ezinsukwini zokugcina.

118 Ngokuba, iNkosi uMninimandla Onke ithi ngani, ngizoyibhubhisa imibuso yabo; ngeke ngizamazamise umhlaba kuphela, kodwa namazulu agcwele izinkanyezi ayozamazama.

119 Ngokuba mina, iNkosi, ngibeke isandla sami ukubonakalisa amandla asezulwini; anikwazi ukukubona manje, kodwa isikhashana niyokubona, futhi nazi ukuthi ngiyimi, futhi nokuthi ngizoza futhi ngizobusa nabantu bami.

120 Ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho. Amen.