ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 45


Isigaba 45

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi eBandleni, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 7 Mashi, 1831. Ukwandulela ukubhalwa kwalesi sambulo, umlando ka Joseph Smith uthi “kulenkathi emlandweni weBandla … imibiko eminingi engamanga … nezindaba eziwubuwula zaziswa abantu bonke … futhi zasatshalaliswa, … ngenhloso yokuvimbela abantu ukuba bahlole lomsebenzi, noma bamukele lenkolo … Kodwa ukuze kujabule abaNgcwele, … nganikwa lokhu okulandelayo”

1–5, UKristu ungummeli wethu kuBaba; 6–10, Ivangeli liyisithunywa ukulungisa indlela phambi kweNkosi; 11–15, U-Enoke nayakhe nabo bemukelwa yiNkosi; 16–23, UKristu wembula izimpawu zokubuya Kwakhe njengoba zanikwa eNtabeni yeMinqumo; 24–38, Ivangeli lizobuyiselwa, izikhathi zabeZizwe zizogcwaliseka, nesifo esibhubhisayo sizogcwala ezweni; 39–47, Izimpawu, izimangaliso, noVuko kuyoba khona ngokuZa kwesiBili; 48–53, UKristu uzoma phezu kweNtaba yeMinqumo, namaJuda ayowabona amanxeba ezandleni nasezinyaweni Zakhe; 54–59, INkosi izobusa ngesikhathi semiNyaka eyiNkulungwane; 60–62, UmPhrofethi uyalwa ukuba aqale ukuhumusha iTestamente eliSha, ngalo okuzokwembulwa ulwazi olubalulekile; 63–75, AbaNgcwele bayalwa ukuba babuthane futhi bakhe iJerusalema eNtsha, okuzoza kuyo abantu bezizwe zonke.

1 Lalelani, O nina bantu bebandla lami, okunikwe kubo umbuso; lalelani nibeke indlebe kuye owabeka isisekelo somhlaba, owenza amazulu nakho konke okukuwo, nangaye zonke izinto zenziwa eziphilayo, nezinyakazayo, nezikhona.

2 Futhi phezu kwalokho ngithi, lalelani izwi lami, kungenjalo ukufa kuzoninqoba; ngesikhathi eningasicabangiyo ihlobo liyodlula, nokuvuna kufike esiphethweni, imimoya yenu ingasindisiwe.

3 Lalelani yena ongummeli kuBaba, oniphendulelayo ecaleni lenu phambi kwakhe—

4 Ethi: Baba, bheka ukuzwa ubuhlungu nokufa kwakhe lowo ongenzanga sono, ngaye owawuthokozile kakhulu; bheka igazi leNdodana yakho elaphalala, igazi lalowo owamnikela ukuze udunyiswe;

5 Ngalokho-ke, Baba, bahawukele laba bazalwane bami abakholwa egameni lami, ukuze beze kimi futhi bathole ukuphila okuphakade.

6 Lalelani, O nina bantu bebandla lami, nani magosa lalelani ndawonye, futhi nizwe izwi lami ngesikhathi kusathiwa namuhla, futhi ningaziqinisi izinhliziyo zenu;

7 Ngokuba ngiqinisile ngithi kini ngingu Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, ukukhanya nokuphila komhlaba—ukukhanya okukhanye ebumnyameni futhi ubumnyama abukuqondanga.

8 Ngeza kwabami, futhi abami abangemukelanga; kodwa kulabo abaningi abangemukeleyo ngibanike amandla okwenza izimangaliso eziningi, futhi nokuba ngamadodana kaNkulunkulu; futhi ngisho nakulabo abakholwe egameni lami ngibanike amandla okufumana ukuphila okuphakade.

9 Futhi kanjalo-ke ngithumele esami isivumelwano saphakade emhlabeni, ukuze sibe wukukhanya komhlaba, futhi ukuze sibe yisibonelo sabantu bami, nesabeZizwe ukuze babheke kuso, nokuba yisithunywa phambi kobuso bami ukulungisa indlela ngaphambi kwami.

10 Ngalokho-ke, wozani kuso, futhi ngizokhuluma nalowo ozayo njengabantu ezinsukwini zakudala, futhi ngizonitshengisa ingqondo yami enamandla.

11 Ngalokho-ke, lalelani ndawonye futhi ningivumele nginitshengise ngisho nokuhlakanipha kwami—ukuhlakanipha kwakhe lowo enithi unguNkulunkulu ka-Enoke, nayakhe nabo,

12 Abahlukaniswa nomhlaba, futhi bemukelwa kimi—idolobha eligodliwe kuze kube usuku lokulunga luyafika—usuku olwafunwa yibo bonke abantu abangcwele, futhi bangaluthola ngenxa yobubi nezinengiso;

13 Futhi bavuma ukuthi babengaziwa futhi beyizihambi emhlabeni;

14 Kodwa bathola isethembiso sokuthi kufanele baluthole futhi balubone enyameni yabo.

15 Ngalokho-ke, lalelani futhi ngizophendulana nani, futhi ngizokhuluma kini futhi ngiphrofethe, njengakubantu ezinsukwini zakudala.

16 Futhi ngizokwazisa kucace njengoba ngakwazisa kubafundi bami ngenkathi ngime phambi kwabo enyameni, futhi ngikhuluma nabo, ngithi: Njengoba ningibuzile mayelana nezimpawu zokuza kwami, osukwini lapho ngiyoza ngisenkazimulweni yami emafwini ezulu, ukugcwalisa izethembiso engizenzile koyihlo,

17 Ngokuba njengoba nibuke ukungabi bikho okude kwemimoya yenu emizimbeni yenu kuwukuthumbeka, ngizonitshengisa ukuthi usuku lokukhululwa kuyofika kanjani, nokubuyiselwa kabusha kuka-Israyeli ohlakazekile.

18 Manje niyalibona lelithempeli eliseJerusalema, enilibiza ngendlu kaNkulunkulu, futhi izitha zenu zithi lendlu ngeke ibhidlike.

19 Kodwa, ngiqinisile ngithi kini, incithakalo iyofika kulesi sizukulwana njengesela ebusuku, futhi nalaba bantu bayobhujiswa futhi bahlakazeke ezizweni zonke.

20 Futhi lelithempeli enilibonayo manje liyolahlwa phansi kangangoba akuyikusala itshe phezu kwelinye.

21 Futhi kuyokwenzeka, ukuthi lesi sizukulwane samaJuda ngeke sidlule kuze kube yonke incithakalo enginitshele ngayo ngokuphathelene nabo iyokwenzeka.

22 Nithi niyazi ukuthi ukuphela komhlaba kuyeza; nithi futhi niyazi ukuthi amazulu nomhlaba kuyodlula;

23 Futhi kulokhu nisho okuyikho, ngokuba kunjalo; kodwa lezi zinto enginitshele ngazo ngeke zenzeke kuze kube konke kuyagcwaliseka.

24 Futhi lokhu nginitshelile ngokuphathelene neJerusalema; futhi uma lolosuku lufika, insali iyohlakazwa ezizweni zonke;

25 Kodwa bayoqoqwa futhi; kodwa bayohlala kulesosimo kuze kube izikhathi zabeZizwe ziyagcwaliseka.

26 Futhi kulolosuku kuyozwakala izimpi namahemuhemu ezimpi, futhi umhlaba wonke uyoba yisiyaluyalu, futhi abantu bayophela amandla, futhi bayothi uKristu ulibazisa ukubuya kwakhe kuze kube wukuphela komhlaba.

27 Nothando lwabantu luyophola lubande, nobubi buyokwanda.

28 Futhi uma isikhathi sabeZizwe sesifika, kuyovela ukukhanya ngokungazelele kulabo abahleli ebumnyameni, futhi kuyoba wukuphelela kwevangeli lami;

29 Kodwa abalamukeli; ngokuba abakuqondi ukukhanya, futhi bayazisusa izinhliziyo zabo kimi ngenxa yezimfundiso zabantu.

30 Futhi kuleso sizukulwane izikhathi zabeZizwe ziyogcwaliseka.

31 Futhi kuyoba khona abantu abayoma kuleso sizukulwane abangeyukudlula baze babone isijeziso esisakazekile; ngokuba isifo esichithayo siyogcwala izwe.

32 Kodwa abafundi bami bayoma ezindaweni ezingcwele, futhi ngeke banyakaziswe; kodwa phakathi kwababi, abantu bayophakamisa amazwi abo baqalekise uNkulunkulu bafe.

33 Futhi kuyoba khona ukuzamazama komhlaba ezindaweni ezahlukahlukene, nezincithakalo eziningi; kodwa abantu bayoziqinisa izinhliziyo zabo ngokumelene nami, futhi bayothathelana inkemba, futhi bayobulalana.

34 Manje, ngesikhathi mina iNkosi sengikhulumile lawa mazwi kubafundi bami, bakhathazeka.

35 Futhi ngathi kubo: Ningakhathazeki, ngokuba, uma zonke lezi zinto sezenzeka, anokwazi ukuthi izethembiso ezenziwe kini ziyogcwaliseka.

36 Futhi uma ukukhanya sekuqala ukuvela, kuyokuba ngokuphathelene nabo njengomfanekiso engizonitshengisa wona—

37 Niyabuka futhi nibheke izihlahla zomkhiwane, futhi niyazibona ngamehlo enu, futhi nithi uma seziqala ukuhluma, futhi amaqabunga azo esentekenteke, ukuthi ihlobo seliseduze;

38 Kanjalo-ke kuyoba njalo kulolo suku ngesikhathi beyobona zonke lezi zinto, bayobe sebazi ukuthi ihora selisondele.

39 Futhi kuyokwenzeka ukuthi lowo ongisabayo uyobe ebheke phambili elindele usuku olukhulu lokubuya kweNkosi, ngisho elindele izimpawu zokuza kwe Ndodana yoMuntu.

40 Futhi bayobona izibonakaliso nezimangaliso, ngokuba ziyotshengiswa emazulwini phezulu, nasemhlabeni ngaphansi.

41 Futhi bayobona igazi, nomlilo, nokushunqa komusi.

42 Futhi ngaphambi kokufika kosuku lweNkosi, ilanga liyofiphazwa, futhi nenyanga iguqulwe ibe yigazi, futhi nezinkanyezi ziyowa zisuka ezulwini.

43 Futhi insali iyoqoqelwa kulendawo;

44 Futhi ngaleso sikhathi bayobe bengilindele, futhi, bheka, ngiyoza; futhi bayongibona emafwini asezulwini, ngimbathiswe amandla futhi nenkulu inkazimulo; nazo zonke izingelosi ezingcwele; futhi lowo ongangilindele uyosuswa.

45 Kodwa ngaphambi kokuba ingalo yeNkosi yehle, ingelosi iyoshaya icilongo layo, futhi nabangcwele asebalala bayovuka ukuyongihlangabeza efwini.

46 Ngalokho-ke, uma nife nino moya wokuthula nibusisiwe; ngokuba njengoba ningibona futhi nazi ukuthi nginguye, kanjalo-ke niyokuza kimi nemimoya yenu iyophila, futhi nokuhlengwa kwenu kuyopheleliswa; futhi abangcwele bayoza bevela emagunjini amane omhlaba.

47 Emva kwalokho ingalo yeNkosi iyokwehlela phezu kwezizwe.

48 Futhi emva kwalokho iNkosi iyobeka unyawo lwayo phezu kwalentaba, futhi iyoqhekezeka kabili, futhi nomhlaba uyozamazama, futhi untengezele nokuntengezela, futhi amazulu nawo ayozamazama.

49 Futhi iNkosi iyokhuluma izwi layo, futhi imikhawulo yonke yomhlaba iyolizwa, futhi izizwe zomhlaba ziyolila, futhi nalabo abahlekile bayobubona ubuwula babo.

50 Futhi usizi luyomsibekela lowo ohleka usulu, futhi nesideleli siyoshatshalaliswa; futhi labo abahlalela ububi bayosuswa futhi baphoswe emlilweni.

51 Futhi emva kwalokho amaJuda ayongibuka futhi athi: Awani lamanxeba asezandleni zakho nasezinyaweni zakho na?

52 Emva kwalokho bayokwazi ukuthi ngiyiNkosi; ngokuba ngiyothi kubo: Lamanxeba amanxeba engalinyazwa ngawo endlini yabahlobo bami. Nginguye owaphakanyiselwa phezulu. NginguJesu owanqanyulezwa. NgiyiNdodana kaNkulunkulu.

53 Futhi emva kwalokho bayokhala ngenxa yobubi babo; emva kwalokho bayolila ngokuba bahlupha inkosi yabo.

54 Futhi emva kwalokho izizwe ezingabahedeni ziyokhululwa, nalabo ababengazi mthetho bayoba nesabelo ovukweni lokuqala; futhi bayoba nokubekezelelwa.

55 Futhi uSathane uyoboshwa, kangangoba akayikuba nandawo ezinhliziyweni zabantwana babantu.

56 Futhi ngalolo suku, ngesikhathi ngiyokuza ngisenkazimulweni yami, umfanekiso uyogcwaliseka engakhuluma ngawo mayelana nezintombi ezilishumi.

57 Ngokuba labo abahlakaniphile futhi abemukele iqiniso, futhi abemukele uMoya oNgcwele waba ngumqondisi wabo, futhi abangakhohlisekanga—ngiqinisile ngithi kini, ngeke bacekelwe phansi baphoswe emlilweni, kodwa bayomelana nalolo suku.

58 Futhi umhlaba uyonikwa bona ube yifa; futhi bayokwanda futhi bakhule ngamandla, nabantwana babo bayokhula bengenasono kuze kube sensindisweni.

59 Ngokuba iNkosi iyoba phakathi kwabo, futhi nenkazimulo yayo iyoba phezu kwabo, futhi iyoba yinkosi yabo nomnikimthetho wabo.

60 Manje, bheka, ngithi kuwe, ngeke kusanikwa kuwe ukwazi noma yikuphi okunye mayelana nalesi sahluko, lize lihunyushwe iTestamente eliSha, futhi kulo zonke lezi zinto ziyokwaziswa;

61 Ngalokho-ke ngikuvumela ukuthi usungalihumusha, ukuze ulungiselelwe izinto ezizayo.

62 Ngokuba ngiqinisile ngithi kini, zinkulu izinto ezinilindele;

63 Nizwa ngezimpi zakwamanye amazwe; kodwa, bhekani, ngithi kini, ziseduze, ngisho eminyango yenu, futhi kungakabi minyaka emingaki kusuka manje nizokuzwa ngezimpi emazweni enu.

64 Ngalokho-ke mina, iNkosi, ngithe, qoqanani nisuke emazweni asempumalanga, buthanani ndawonye nina magosa ebandla lami; hambani niye emazweni asentshonalanga, ninxuse abahlali ukuba baphenduke, futhi kangangoba bephenduka, ngakheleni amabandla.

65 Futhi ngenhliziyo yinye nangengqondo yinye, qoqani ingcebo yenu ukuze nithenge ifa enizonikezwa lona emva kwalokhu.

66 Futhi liyokubizwa ngokuthi yiJerusalema eNtsha, izwe lomoya wokuthula, umuzi wokuphephela, indawo yokuphepha yabangcwele baNkulunkulu oPhakeme kaKhulu;

67 Futhi inkazimulo yeNkosi iyoba lapho, nokwesabeka kweNkosi nakho kuyoba lapho, kangangoba ababi abayukuza kulo, futhi liyobizwa ngokuthi iSiyoni.

68 Futhi kuyokwenzeka phakathi kwababi, ukuthi wonke umuntu ongezukuthatha inkemba abhekane nomakhelwane wakhe kuzofanele abalekele eSiyoni ukuze aphephe.

69 Futhi lapho kuyobuthana kulo izizwe zonke phansi kwezulu; futhi kuyoba yibo kuphela abantu abangayikuba sempini omunye komunye.

70 Futhi kuyothiwa phakathi kwababi: Asingayini ukuyolwa neSiyoni, ngokuba abahlali baseSiyoni bayesabeka; ngalokho-ke ngeke sime.

71 Futhi kuyokwenzeka ukuthi abalungileyo bayoqoqwa phakathi kwazo zonke izizwe, futhi bayokuza eSiyoni, becula amaculo enjabulo yaphakade.

72 Manje ngithi kini, gcinani lezi zinto zingayi ngaphandle emhlabeni ngize ngikubone kufanele, ukuze nifeze lomsebenzi emehlweni abantu, nasemehlweni ezitha zenu, ukuze bangayazi imisebenzi yenu kuze kube senikufezile lokho enginiyale ngakho;

73 Ukuze ngesikhathi abayokwazi ngaso, bacabange ngalezi zinto.

74 Ngokuba ngesikhathi iNkosi eyovela ngaso iyokwesabeka kubo, kangangoba ukwesaba kuyoba phezu kwabo, futhi bayokuma kude futhi baqhaqhazele.

75 Futhi zonke izizwe ziyokwesaba ngenxa yokwesabeka kweNkosi, namandla akhe amakhulu. Ngisho kanjalo. Amen.