ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 88


Isigaba 88

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 27 nangomhlaka 28 Disemba, 1832, nangomhlaka 3 Januwari, 1833. UmPhrofethi wasibiza njenge “qabunga lomnqumo … elikhiwe eMthini waseParadisi, umlayezo weNkosi wokuthula kithi.” Lesi sambulo sanikwa emva kokuthi abaphristi abakhulu bekhulekile emhlanganweni “ngabanye futhi ngokuzwakalayo ukuba iNkosi yambule intando yayo kithi mayelana nokwakhiwa kweSiyoni.”

1–5, AbaNgcwele abathembekileyo bathola lowoMduduzi, okuyisethembiso sokuphila okuphakade; 6–13, Zonke izinto ziphethwe futhi zilawulwa ngokuKhanya kukaKristu; 14–16, UVuko luza ngokuHlengwa; 17–31, Ukuhlonipha umthetho wesilestiyali, wethirestriyali, noma wethilestiyali kulungiselela abantu leyo mibuso nezinkazimulo; 32–35, Labo abakhetha ukuhlala esonweni bahlala bengcolile njalo; 36–41, Yonke imibuso iphathwa ngomthetho; 42–45, UNkulunkulu unike umthetho kuzo zonke izinto; 46–50, Umuntu uzoqonda ngisho uNkulunkulu; 51–61, Umfanekiso wendoda ethuma izisebenzi zayo ukuyosebenza ensimini futhi izivakashele omunye emva komunye; 62–73, Sondelani eNkosini, nizobubona ubuso Bayo; 74–80, Zingcweliseni futhi nifundisane izimfundiso zombuso; 81–85, Wonke umuntu osexwayisiwe kufanele axwayise umakhelwane wakhe; 86–94, Izimpawu, ukuphazamiseka kwemvelo, futhi nezingelosi zilungisa indlela yokuza kweNkosi; 95–102, Amacilongo ezingelosi avusa abafileyo ngohlelo lwabo lokulandelana; 103–116, Amacilongo ezingelosi amemezela ukubuyiselwa kwevangeli, ukuwa kweBabiloni, futhi nempi kaNkulunkulu omkhulu, 117–126, Funani ukufunda, nimise indlu kaNkulunkulu (ithempeli), futhi nizembathise ngesibopho sesihe; 127–141, Uhlelo lweSikole sabaPhrofethi lubekwa obala, kanye nesimiso sokugezwa kwezinyawo.

1 Ngiqinisile, isho kanje iNkosi kini enibuthene ndawonye ukwamukela intando yakhe ngokuphathelene nani:

2 Bhekani, lokhu kuyajabulisa eNkosini yenu, futhi izingelosi ziyanithokozela; imikhuleko yenu yezenzo zobumnene ikhuphukele ezindlebeni zeNkosi Sebawoti, futhi ibhalwe encwadini yamagama abangcwelisiwe, ngisho labo bezwe lesilestiyali.

3 Ngalokho-ke, manje ngithumela kini omunye uMduduzi, ngisho kini bahlobo bami, ukuze ahlale ezinhliziyweni zenu, ngisho uMoya oNgcwele wesethembiso; lowoMduduzi ofanayo nengawuthembisa kubafundi bami, njengoba kubhaliwe ebufakazini ngokukaJohane.

4 LoMduduzi uyisethembiso engininika sona sokuphila okuphakade, ngisho inkazimulo yombuso wesilestiyali.

5 Leyonkazimulo okungeyebandla le Nkosana, ngisho kaNkulunkulu, ongcwele kakhulu kunabo bonke, ngoJesu Kristu iNdodana yakhe—

6 Lowo owenyukela phezulu, njengoba futhi ehlela phansi kwazo zonke izinto, kangangoba waqonda zonke izinto, ukuze abe kuzo zonke izinto futhi nasezintweni zonke, ukukhanya kweqiniso;

7 Iqiniso elikhanyayo. Lokhu ngukukhanya kukaKristu. Njengoba futhi eselangeni, futhi engukukhanya kwelanga, futhi engamandla alo elenziwa ngawo.

8 Njengoba futhi esenyangeni, futhi engukukhanya kwenyanga, futhi engamandla ayo eyenziwa ngawo;

9 Njengoba futhi engukukhanya kwezinkanyezi, futhi engamandla azo ezenziwa ngawo;

10 Futhi nomhlaba nawo, namandla awo, ngisho umhlaba enime kuwo.

11 Futhi ukukhanya okukhanyayo, okuninika ukukhanya, kungaye okhanyisa amehlo enu, okungukukhanya okufanayo nalokho okukhulisa ukuqonda kwenu;

12 Ukukhanya okusuka lapho kukhona khona uNkulunkulu kugcwalise ububanzi bomkhathi—

13 Ukukhanya okukuzo zonke izinto, okunika impilo ezintweni zonke, oku ngumthetho okuphathwa ngawo zonke izinto, ngisho amandla kaNkulunkulu ohlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, osesifubeni sengunaphakade, ophakathi kwezinto zonke.

14 Manje, ngiqinisile ngithi kini, ngokuhlengwa okwenzelwe nina kufezwa ukuvuka kwabafileyo.

15 Futhi umoya nomzimba ku ngumuntu.

16 Futhi ukuvuka kwabafileyo kungukuhlengwa komuntu.

17 Futhi ukuhlengwa komuntu kungaye ophilisa zonke izinto, esifubeni sakhe okumisiwe ukuthi abampofu naba thobekileyo bomhlaba bayoba yizindlalifa zawo.

18 Ngakho-ke, kuzofanele ungcweliswe kukho konke ukungalungi, ukuze ulungiselwe inkazimulo yesilestiyali;

19 Ngokuba emva kokuba usufeze inhloso yokudalwa kwawo, uyoqheliswa ngenkazimulo, ngisho lapho kukhona khona uNkulunkulu uBaba;

20 Ukuze imizimba okungeyase mbusweni wesilestiyali ube ngeyawo phakade naphakade; ngokuba, kungalesi sizathu weziwa futhi wadalwa, futhi kungalesi sizathu bengcweliswa.

21 Futhi labo abangangcwelisiwe ngomthetho engini nike wona, ngisho umthetho kaKristu, kufanele babe yizindlalifa zomunye umbuso, ngisho lowo okungumbuso wethirestriyali, noma lowo okungumbuso wethilestiyali.

22 Ngokuba lowo ongakwazi ukuhlonipha umthetho wombuso wesilestiyali ngeke akwazi ukubekezelela inkazimulo yesilestiyali.

23 Futhi lowo ongakwazi ukuhlonipha umthetho wombuso wethirestriyali ngeke akwazi ukubekezelela inkazimulo yethirestriyali.

24 Futhi lowo ongakwazi ukuhlonipha umthetho wombuso wethilestiyali ngeke akwazi ukubekezelela inkazimulo yethilestiyali; ngakho-ke akawufanele umbuso wenkazimulo. Ngakho-ke kufanele abekezelele umbuso okungewona umbuso wenkazimulo.

25 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, umhlaba uyawuhlonipha umthetho wombuso wesilestiyali, ngokuba ufeza inhloso yokudalwa kwawo, futhi awuphuli mthetho—

26 Ngalokho-ke, uyongcweliswa; yebo, nakuba uzofa, uyophiliswa futhi, futhi uyokwazi ukubekezelela amandla ophiliswa ngawo, futhi abalungileyo bayowufumana njengefa.

27 Ngokuba nakuba befa, nabo bayo vuka futhi, umzimba womoya.

28 Labo abangumoya wesilestiyali bayofumana lowomzimba ofanayo owawungo wemvelo; ngisho nani niyoyifumana imizimba yenu, futhi nenkazimulo yenu kuyoba yileyo nkazimulo imizimba yenu eyophiliswa ngayo.

29 Nina eniphiliswe ngengxenye yenkazimulo yesilestiyali niyobe senifumana efanayo, ngisho ukuphelela kwayo.

30 Futhi labo abaphiliswe ngengxenye yenkazimulo yethirestriyali bayobe sebefumana efanayo, ngisho ukuphelela kwayo.

31 Futhi nalabo abaphiliswe ngengxenye yenkazimulo yethilestiyali bayobe sebefumana efanayo, ngisho ukuphelela kwayo.

32 Futhi labo abaseleyo bayophiliswa nabo; nokho, bayobuyela futhi endaweni yabo, ukuyothokozela lokho abathanda ukuku fumana, ngokuba babengathandi ukuthokozela lokho ababengaku fumana.

33 Ngokuba kuyomsiza ngani umuntu uma isipho sinikwa yena, futhi esenqaba leso sipho na? Bheka, akathokozi ngalokho akunikiwe, futhi akathokozi ngalowo onika isipho.

34 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, lokho okuphethwe ngomthetho futhi kugcinwa ngomthetho futhi kupheleliswa futhi ku ngcweliswa ngawo.

35 Lokho okuphula umthetho, futhi okungaphili ngomthetho, kodwa okufuna ukuba ngumthetho ngokwako, futhi okuthanda ukuhlala esonweni, futhi okuhlala esonweni impela, ngeke kwangcweliswa ngomthetho, noma ngo bubele, ukulunga, noma ukwahlulelwa. Ngakho-ke, kufanele bahlale bengcolile njalo.

36 Yonke imibuso inomthetho onikiwe;

37 Futhi miningi imibuso; ngokuba awukho umkhathi okungekho kuwo umbuso; futhi akukho mbuso okungekho kuwo umkhathi, kungaba ngomkhulu noma omncane umbuso.

38 Futhi kunoma yimuphi umbuso kunikwe umthetho; futhi kuwo wonke umthetho ngamunye kukhona imingcele nezimiselo ezithile.

39 Bonke abantu abangahloniphi lezo zimiselo abatholwa bengenacala.

40 Ngokuba ukuqonda kunamathela kokunye ukuqonda; ukuhlakanipha kwamukela ukuhlakanipha; iqiniso lisingatha iqiniso; ubuqotho buthanda obunye ubuqotho; ukukhanya kunamathela kokunye ukukhanya; ububele bunesihawu kobunye ububele futhi bufuna okungokwako; ukulunga kuhamba indlela yako futhi kufuna abangabakho; ukwahlulela kuhamba phambi kobuso balowo osesihlalweni sobukhosi nophatha futhi enze zonke izinto.

41 Uziqonda zonke izinto, futhi zonke izinto ziphambi kwakhe, futhi zonke izinto zinxazonke kuye; futhi uphezu kwezinto zonke, futhi ukuzo zonke izinto, futhi uphakathi kwazo zonke izinto, futhi usezintweni zonke nxazonke; futhi zonke izinto zenziwe nguye, futhi zisuka kuye, ngisho uNkulunkulu, phakade naphakade.

42 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, unike umthetho kuzo zonke izinto, ezinyakaza ngawo ngezikhathi nezinkathi zazo;

43 Futhi imikhondo yazo imisiwe, ngisho imikhondo yamazulu nomhlaba, okuhlanganisa umhlaba nawo wonke amaplanethi.

44 Futhi zinika ukukhanya enye kwenye ngezikhathi zazo futhi nangezinkathi zazo zonyaka, ngemizuzu yazo, ngamahora azo, ngezinsuku zazo, ngamasonto azo, ngezinyanga zazo, ngeminyaka yazo—konke lokhu kungunyaka owodwa kuNkulunkulu, kodwa hhayi kumuntu.

45 Umhlaba uzungeza ngamaphiko awo, futhi nelanga linika ukukhanya kwakhe emini, nenyanga inika ukukhanya kwakhe ebusuku, nezinkanyezi nazo zinika okwazo ukukhanya, ngesikhathi zizungeza ngamaphiko azo enkazimulweni yazo, phakathi kwa mandla kaNkulunkulu.

46 Ngingayifanisa nani lemibuso, ukuze niqonde na?

47 Bhekani, zonke lezi ziyimibuso, futhi umuntu oseke wabona noma yiziphi zalezi noma ezincane zalezi usembonile uNkulunkulu ehamba ngobukhosi nangamandla akhe.

48 Ngithi kini, usembonile; nokho, lowo owenza kwabakhe akemukelwanga.

49 Ukukhanya kukhanya ebumnyameni, futhi ubumnyama abukuqondi; nokho, usuku luyofika lapho niyoqonda ngisho uNkulunkulu, seniphilisiwe kuye futhi nawuye.

50 Emva kwalokho niyokwazi ukuthi ningibonile, ukuthi nginguye, futhi nokuthi nginguku khanya kweqiniso okukini, futhi nokuthi nikimi; kungenjalo naningeke niphumelele.

51 Bhekani, ngizoyifanisa lemibuso nendoda enensimu, futhi yathumela izisebenzi zayo ensimini ukuba ziyolima ensimini.

52 Futhi yathi kwesokuqala: Hamba usebenze ensimini, futhi ngehora lokuqala ngizoza kuwe, futhi uzokubona ukujabula bobuso bami.

53 Futhi yathi kwesesibili: Hamba nawe uye ensimini, futhi ngehora lesibili ngizokuvakashela nenjabulo yobuso bami.

54 Futhi nakwesesi thathu, ithi: Ngizokuvakashela;

55 Futhi nakwese sine, njalonjalo kuya kwese shuminambili.

56 Futhi inkosi yensimu yahamba yaya kwesokuqala ngehora lokuqala, futhi yahlala naso ihora lonke, futhi sajabuliswa wukukhanya ebusweni benkosi yaso.

57 Futhi emva kwalokho yasuka kwesokuqala ukuze ivakashele esesibili, futhi nesesithathu, futhi nesesine, njalonjalo kuya kwese shuminambili.

58 Futhi ngalokho zonke zathola ukukhanya kobuso benkosi yazo, indoda ngayinye ngehora layo, futhi nangesikhathi sayo, futhi ngenkathi yayo—

59 Iqale ngesokuqala, njalonjalo kuya kweso kugcina, futhi kusuka kweso kugcina kuya kweso kuqala, futhi kusuka kweso kuqala kuya kweso kugcina;

60 Indoda ngayinye ngokohlelo lwayo, lize liphele ihora layo, ngisho njengokuyalwa kwayo yinkosi yayo, ukuze inkosi yayo ikhazimuliswe kuyo, futhi nayo enkosini yayo, ukuze bonke bakhazimuliswe.

61 Ngakho-ke, lemibuso ngizoyifanisa nalomfanekiso, futhi nabahlala khona—umbuso ngamunye ngehora lawo, futhi ngesikhathi sawo, futhi ngenkathi yawo, ngisho ngokwesi memezelo uNkulunkulu asenzile.

62 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, bahlobo bami, ngikushiya nani lokhu engikushoyo ukuba nizindle ngakho ezinhliziyweni zenu, nalomyalelo engini nika wona, ukuthi ningibize ngise seduze—

63 Sondelani eduze kwami futhi nami ngizo sondela eduze kwenu; ngifuneni ngokukhuthala futhi nizongi fumana; celani futhi nizophiwa, ngqongqothani, futhi nizovulelwa.

64 Noma yini eniyicela kuBaba egameni lami nizokunikwa yona, lokho okunifanele;

65 Futhi uma nicela noma yini enganifanele, kuyophenduka ukulahlwa kwenu ngecala.

66 Bhekani, lokho enikuzwayo kunje ngezwi lokhala ehlane—ehlane, ngokuba anikwazi ukumbona—izwi lami, ngokuba izwi lami lingu Moya; uMoya wami uliqiniso; iqiniso lihlala isikhathi futhi alinasiphelo; futhi uma likini liyovama.

67 Futhi uma amehlo enu enamathele kudumo lwami, imizimba yonke yenu iyogcwaliswa ngokukhanya, futhi ngeke kubekhona ubumnyama kini; futhi lowo mzimba ogcwaliswe ngokukhanya uqonda zonke izinto.

68 Ngakho-ke, zingcweliseni ukuze izingqondo zenu zinamathele kuNkulunkulu, futhi izinsuku zizoza lapho niyombona; ngokuba uyonambulela ubuso bakhe, futhi kuyokuba ngesikhathi sakhe, futhi ngendlela yakhe, futhi ngokwentando yakhe.

69 Khumbulani isethembiso esikhulu nesokugcina engisenze kini; lahlani imicabango yenu yobuvila nohleko oluningi kude kunani.

70 Hlalani, hlalani kulendawo, futhi nibize umhlangano onesizotha, ngisho walabo abanga basebenzi bokuqala kulombuso wokugcina.

71 Futhi labo asebeba xwayisile ekuhambeni kwabo mababize iNkosi, futhi bazindle ngezinhliziyo zabo isexwayiso asebesitholile okwesikhashana.

72 Bhekani, futhi bheka, ngizoyinakekela imihlambi yenu, futhi ngizovusa amagosa futhi ngiwathumele kubo.

73 Bhekani, ngizowusheshisa umsebenzi wami ngesikhathi sawo.

74 Futhi nginika nina, eninga basebenzi bokuqala kulombuso wokugcina, umyalelo wokuthi nibuthane ndawonye, futhi nizihlele, futhi nizilungiselele, futhi nizingcwelise; yebo, cwebisani izinhliziyo zenu, futhi nihlanze izandla zenu nezinyawo zenu phambi kwami, ukuze nginenze nihlanzeke;

75 Ukuze ngifakaze ku Yihlo, noNkulunkulu wenu, noNkulunkulu wami, ukuthi nihlanzekile egazini lalesi sizukulwane esibi; ukuze ngigcwalise lesi sethembiso, lesi sethembiso esikhulu nesokugcina engisenze kini, uma sengithanda.

76 Futhi, ngininika umyalelo wokuthi niyoqhubeka nokukhuleka nokuzila ukudla kusuka kulesi sikhathi kuya phambili.

77 Futhi ngini nika umyalelo wokuthi nifundisane imfundiso yombuso.

78 Fundisani ngokukhuthala futhi umusa wami uzoba nani, ukuze nifundiseke ngokuphelele kokubonwa ngokucabanga kwengqondo, ngemigomo, ngemfundiso, ngomthetho wevangeli, kuzo zonke izinto eziphathelene nombuso kaNkulunkulu, nezifanele nina ukuthi niziqonde;

79 Ngokuphathelene nezinto ezise zulwini nezise mhlabeni, nezingaphansi komhlaba; izinto esezike zaba khona, izinto ezikhona, izinto okufanele zenzeke maduzane; izinto ezisekhaya, izinto eziphesheya; izimpi nokudideka kwezizwe, futhi nokwahlulela okuningi okusezweni; nolwazi lwamazwe nolwemibuso—

80 Ukuze nilunge ezintweni zonke uma sengiyonithumela futhi nokuthi niyokhulisa ubizo enginibizele kulo, futhi nomsebenzi wokufundisa ivangeli enginigunyaze ngawo.

81 Bhekani, nginithumela ukuyofakaza futhi nixwayise abantu, futhi kufanele ukuba wonke umuntu osexwayisiwe axwayise umakhelwane wakhe.

82 Ngakho-ke, basele bengena zaba, futhi izono zabo ziphezu kwamakhanda abo.

83 Lowo ongifuna masinya uyongithola, futhi ngeke iNkosi imshiye.

84 Ngakho-ke, hlalani, futhi nisebenze ngokukhuthala, ukuze nipheleliswe emsebenzini wenu ukuze nihambe phakathi kwa beZizwe okokugcina, ngangobuningi balabo umlomo weNkosi ozobasho, ukuba baqinisekise umthetho futhi banamathelise ubufakazi, ukulungiselela abangcwele ihora lokwahlulela elizofika;

85 Ukuze bakwazi ukuzisindisa olakeni lukaNkulunkulu, ukuchithakala kwesinengiso esibalindele ababi, kulomhlaba nasemhlabeni ozayo. Ngiqinisile, ngithi kini, labo abangesiwo amagosa okuqala mabaqhubeke esivinini uze umlomo weNkosi ubabize, ngokuba isikhathi sabo asikaka fiki okwamanje; izingubo zabo azihlanzekile egazini lalesi sizukulwane.

86 Hlalani kuyo ikululeko enikhululwe ngayo; ningahibeki esonweni, kodwa izandla zenu mazihlanzeke, ize ifike iNkosi.

87 Ngokuba kungakadluli izinsuku eziningi umhlaba uzozamazama futhi untengezele njengomuntu ophuzile; futhi ilanga lizobufihla ubuso balo, futhi lenqabe ukunika ukukhanya; nenyanga iyoba njenge gazi; nezinkanyezi ziyothukuthela kakhulu, futhi ziyozilahla phansi njengomkhiwane owe emthini.

88 Futhi ngemuva kobufakazi benu kuza ulaka nentukuthelo phezu kwabantu.

89 Ngokuba ngemuva kobufakazi benu kuza ubufakazi bokuzamazama komhlaba, okuzoletha ukububula phakathi kwakhe, futhi abantu bayowa phansi ngeke bakwazi ukuma.

90 Futhi kuza ubufakazi bezwi lokuduma okuningi, nezwi lemibani, nezwi leziphepho, nezwi lamagagasi olwande ezifukula ngaphezulu kwemikhawulo yawo.

91 Futhi zonke izinto ziyoba yisiyaluyalu; futhi nakanjani, abantu bayophela amandla; ngokuba ukwesaba kuyoba kubantu bonke.

92 Futhi izingelosi ziyondiza emkhathini wezulu, zisho ngezwi elikhulu, zikhalisa icilongo likaNkulunkulu, zithi: Lungisani, lungisani, O nina bantu basemhlabeni; ngokuba ukwahlulela kweNkosi yethu sekufikile. Bhekani, futhi bheka, uMyeni uyeza; phumani niyomhlangabeza.

93 Futhi masinyane kuyobonakala ezulwini isibonakaliso esikhulu, futhi bonke abantu bayosibona ndawonye.

94 Futhi enye ingelosi iyoshaya icilongo layo, ithi: Lelo bandla elikhulu, unina wezinengiso, owenze zonke izizwe ziphuze iwayini lolaka lokuhlobonga kwakhe, ohlupha abangcwele baNkulunkulu, ochitha igazi labo—ohlezi phezu kwamanzi amaningi, naphezu kweziqhingi zolwandle—bhekani, ungu khula lomhlaba; useboshwe izinyanda; amaketango akhe asenziwe aqina, akukho muntu ongawaqaqa; ngakho-ke, uselungele ukushiswa. Futhi iyoshaya icilongo layo isikhathi eside futhi kakhulu, futhi zonke izizwe ziyolizwa.

95 Futhi kuyoba khona ukuthula du ezulwini isikhathi sengxenye yehora; futhi masishane emuva kwalokho ikhethini lezulu liyovulwa, njengo mqulu uvulwa emva kokuba ubugoqiwe, futhi ubuso beNkosi buyokwambulwa.

96 Futhi abangcwele abasemhlabeni, abaphilayo, bayophiliswa futhi bayohlwithwa ukuyomhlangabeza.

97 Futhi labo abalale emathuneni abo bayophuma, ngokuba amathuna abo ayovulwa; futhi nabo bayohlwithwa ukuyomhlangabeza phakathi kwensika yezulu—

98 BangabaKristu, izithelo zokuqala, labo abayokwehla naye kuqala, futhi labo abasemhlabeni futhi nasemathuneni abo, abangabokuqala ukuhlwithwa ukumhlangabeza; futhi konke lokhu ngezwi lokukhala kwecilongo lengelosi kaNkulunkulu.

99 Futhi emva kwalokhu enye ingelosi iyokhalisa, okuyicilongo lesibili; futhi bese kuza ukukhululwa kwalabo abangabaKristu ekuzeni kwakhe, abafumane ingxenye yabo kulelo tilongo elilungiselwe bona, ukuze bemukele ivangeli, futhi bahlulelwe njengabantu enyameni.

100 Futhi phezu kwalokho, elinye icilongo liyokhala, okungelesi thathu icilongo; futhi emva kwalokho kuza imimoya yabantu abazokwa hlulelwa, futhi abatholwe benecala;

101 Futhi yibo bonke laba abafileyo; futhi abaphili kuze kube inkulungwane yeminyaka iyaphela, ngeke futhi, kuze kube sekupheleni komhlaba.

102 Futhi elinye icilongo liyokhala, okungelesine icilongo, lithi: Kukhona abaphakathi kwalabo okufanele basale kuze kube yilolo suku olukhulu nolokugcina, ngisho ukuphela, abayohlala belokhu bengcolile.

103 Futhi elinye icilongo liyokhala, okungele sihlanu icilongo, okungeye sihlanu ingelosi ezisa ivangeli laphakade—indiza emkhathini wezulu, kuzo zonke izizwe, izihlobo, izilimi, nabantu;

104 Futhi lokhu kuyoba ukukhala kwecilongo lakhe, lithi kubo bonke abantu, ezulwini nasemhlabeni, futhi nakulabo abangaphansi komhlaba—ngokuba zonke izindlebe ziyolizwa, futhi wonke amadolo ayoguqa, futhi zonke izilimi ziyovuma, ngesikhathi bezwa ukukhala kwecilongo, lithi: Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo ohlezi esihlalweni sobukhosi, phakade naphakade; ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile.

105 Futhi phezu kwalokho, enye ingelosi iyokhalisa elayo icilongo, okungeye sithupha ingelosi, ithi: Usewile ophuzise izizwe zonke iwayini lolaka lokuhlobonga kwakhe; usewile, usewile!

106 Futhi phezu kwalokho, enye ingelosi iyokhalisa elayo icilongo, okungeye sikhombisa ingelosi, ithi: Kufeziwe; kufeziwe! IMvana kaNkulunkulu inqobile futhi yanyathela isikhamo sewayini iyodwa, ngisho isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla Onke.

107 Futhi emva kwalokho izingelosi ziyoqheliswa ngenkazimulo yamandla akhe, futhi abangcwele bayogcwaliswa ngenkazimulo yakhe, futhi bafumane ifa labo futhi benziwe balingane naye.

108 Futhi emva kwalokho ingelosi yokuqala iyophinde iyokhalise icilongo layo emadlebeni abo bonke abaphilayo, futhi yambule izenzo eziyimfihlo zabantu, futhi nemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu ngeminyaka eyinkulungwane yokuqala.

109 Futhi emva kwalokho ingelosi yesibili iyokhalisa elayo icilongo, futhi yambule izenzo eziyimfihlo zabantu, nemicabango nemizindlo yezinhliziyo zabo, futhi nemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu ngeminyaka eyinkulungwane yesibili—

110 Njalo njalo, kuze kube yingelosi yesikhombisa ikhalisa icilongo layo; futhi iyoma ngokugqamileyo emhlabathini naphezu kolwandle, futhi ifunge egameni lalowo ohlezi esihlalweni sobukhosi, ukuthi akuseyikuba khona sikhathi; futhi uSathane uyoboshwa, leyonyoka endala, ebizwa ngodeveli, futhi ngeke adedelwe isikhathi esiyiminyaka eyinkulungwane.

111 Futhi emva kwalokho uyodedelwa isikhathi esincane, ukuze aqoqe ndawonye amabutho akhe.

112 Futhi uMikayeli, ingelosi yesikhombisa, ngisho ingelosi enkulu, iyoqoqa ndawonye amabutho ayo, ngisho izixuku zasezulwini.

113 Futhi udeveli uyoqoqa ndawonye amabutho akhe; ngisho izixuku zesihogo, futhi uyoza phezulu ukuzolwa noMikayeli namabutho akhe.

114 Futhi emva kwalokho kuza impi kaNkulunkulu omkhulu; futhi udeveli namabutho akhe bayophonswa endaweni yabo, ukuze bangaphinde babe namandla phezu kwabangcwele.

115 Ngokuba uMikayeli uzobalwela izimpi zabo, futhi uzomnqoba lowo ofuna isihlalo sobukhosi salowo ohlezi esihlalweni sobukhosi, ngisho iMvana.

116 Lena yinkazimulo kaNkulunkulu, neyaba ngcwelisiwe; futhi abasoze baphinde bakubona ukufa.

117 Ngakho-ke, ngiqinisile ngithi kini, bahlobo bami, bizani umhlanagano wenu onesizotha, njengoba nginiyalile.

118 Futhi njengoba bonke bengenalo ukholo, funani ngokukhuthala futhi nifundisane amazwi okuhlakanipha; yebo, funani ezincwadini ezinhle kakhulu amazwi okuhlakanipha; funani ukuthola ulwazi, ngisho ngokufunda futhi nangokukholwa.

119 Zihleleni; lungisani konke okudingekayo; futhi nimise indlu, ngisho indlu yokukhuleka, indlu yokuzila ukudla, indlu yokukholwa, indlu yokuthola ulwazi, indlu yenkazimulo, indlu ehlelekile, indlu kaNkulunkulu;

120 Ukuze ukungena kwenu kube segameni leNkosi; ukuze ukuphuma kwenu kube segameni leNkosi; ukuze konke ukubingelelana kwenu kube segameni leNkosi, ngezandla eziphakanyiselwe koPhakeme kaKhulu.

121 Ngakho-ke, phezani kuzo zonke izinkulumo zenu eziyize, kulo lonke uhleko, kuzo zonke izinkanuko zenu, kukho konke ukuzikhukhumeza kwenu nokukhonza kwenu ukudlala, futhi nakuzo zonke izenzo zenu ezimbi.

122 Bekani phakathi kwenu ozofundisa, futhi bonke mabangabi ngabakhulumeli babantu ngesikhathi esisodwa; kodwa makukhulume oyedwa ngesikhathi futhi bonke mabalalele akushoyo, ukuze uma bonke sebekhulumile nakhane nonke, futhi ukuze wonke umuntu abe nelungelo elilinganayo.

123 Bonani ukuthi niyathandana; phezani ukufisa izinto zabanye abantu; fundani ukuphana njengokuba ivangeli lisho.

124 Phezani ukuvilapha; phezani ukungahlanzeki; phezani ukutholana amaphutha; phezani ukulala kade kunokudingekile; lalani masinya, ukuze ningakhathali; vukani masinya, ukuze imizimba yenu nezingqondo zenu zivuseleleke.

125 Futhi phezu kwazo zonke izinto, zembathiseni ngesibopho sesihe, njengengubo, okuyisibopho sokuphelela du nokuthula.

126 Khulekani njalo, ukuze ningadangali, ngize ngifike. Bhekani, futhi bheka, ngiza masinyane, futhi nginamukele kimi. Amen.

127 Futhi phezu kwalokho, uhlelo lwendlu elungiselelwa ubumongameli besikole sabaphrofethi, emiselwe ukubafundisa ezintweni zonke ezibafanele, ngisho yabo bonke abasezikhundleni bebandla, noma ngamanye amazwi, labo ababizelwe emisebenzini ebandleni, kusuka kubaphristi abakhulu, ngisho kuya phansi kumadikoni—

128 Futhi lolu kuyoba wuhlelo lwendlu yobumongameli besikole: Lowo obekwe ukuba ngumongameli, noma ngofundisayo, uyotholwa eme endaweni yakhe, endlini eyolungiselwa yena.

129 Ngakho-ke, uyoba ngowokuqala endlini kaNkulunkulu, endaweni lapho ibandla endlini lingawezwa kahle amazwi akhe nangokucacile, futhi ngaphandle koku khulumela phezulu.

130 Futhi uma efika endlini kaNkulunkulu, ngokuba kufanele abe ngowokuqala kuleyondlu—bhekani, lokhu kuhle, ukuze abe yisibonelo—

131 Maka zinikele ngomkhuleko eguqe ngamadolo phambi kukaNkulunkulu, ukubonakalisa noma ukukhumbula isivumelwano saphakade.

132 Futhi uma kukhona oyokuza emva kwakhe, umfundisi makasukume, futhi, nezandla eziphakanyiselwe ezulwini, yebo, ngisho ziqondile, abingelele umfowabo noma umzalwane ngalamazwi:

133 Awusiye wena umfowethu noma nina abazalwane na? Ngiyakubingelela egameni leNkosi uJesu Kristu, ngesifaniso noma ngokukhumbula isivumelwano saphakade, okuyisivumelwano engikwamukela ngaso ukuba uhlanganyele, ngokuzimisela okumileyo, okunganyakaziseki, futhi okungaguqukiyo, ukuba ngumhlobo nomfowenu ngomusa kaNkulunkulu ngezibopho zothando, ukuhamba kuyo yonke imiyalelo kaNkulunkulu ngokungasoleki, ngokubonga, phakade naphakade. Amen.

134 Futhi lowo otholwe engafanelwe yilesi sibingelelo ngeke abe nendawo phakathi kwenu; ngokuba aniyuku vumela ukuba indlu yami ingcoliswe uye.

135 Futhi lowo ongenayo futhi ethembekile phambi kwami, futhi engumfowenu, noma bengabazalwane, bayobingelela umongameli noma umfundis ngezandla eziphakamiselwe ezulwini, ngomkhuleko nesivumelwano esifanayo, noma ngokuthi Amen, ngesifaniso esifanayo.

136 Bhekani, ngiqinisile, ngithi kini, lokhu kuyisibonelo kini sokubingelelana endlini kaNkulunkulu, esikoleni sabaphrofethi.

137 Futhi nibizwe ukwenza lokhu ngomkhuleko nangokubonga, njengokunikwa wuMoya eniyokusho kukho konke enikwenzayo endlini yeNkosi, esikoleni sabaphrofethi, ukuze ibe yindawo engcwele, itabernakeli likaMoya oNgcwele ukuze nakhiwe.

138 Futhi aniyukwamukela muntu phakathi kwenu kulesi sikole ngaphandle uma ehlanzekile egazini lalesi sizukulwane;

139 Futhi uyokwamukelwa ngesimiso soku gezwa kwezinyawo, ngokuba samiselwa lokhu isimiso sokugezwa kwezinyawo.

140 Futhi phezu kwalokho, isimiso sokugezwa kwezinyawo kufanele senziwe ngumongameli, noma igosa elengamele ibandla.

141 Kufanele siqaliswe ngomkhuleko; futhi emva kokudla isinkwa newayini, kufanele akhwice njenge sibonelo esinikiwe esahlukweni seshumi nantathu sobufakazi bukaJohane ngokuphathelene nami. Amen.