Amasu Okufunda
11. ISiza seThempeli eliseFar West


11. ISiza seThempeli eliseFar West

Isithombe
isithombe 11

Indawo yokwakha yaseFar West, eMissouri, yaba yikhaya labaNgcwele ababeyizinkulungwane ezintathu kuya kwezinhlanu ababefuna indawo yokuphephela ekuhlushweni okwakuseziFundeni zaseJackson kanye naseClay. Ngonyaka ka 1838 iNkosi yayala abaNgcwele ukuba bakhe ithempeli lapha (bheka iMf&V 115:7–8). Ukuhlushwa wuquqaba kwabavimbela ukuba benze lokho. Ngomhlaka 31 Oktoba ngo1838 uMphrofethi uJoseph Smith kanye nabanye abaholi beBandla baboshwa, kwathi emva kokuthethwa kwecala eRichmond elalibafaka etilongweni, bavalelwa eTilongweni laseLiberty. Ngesikhathi sobusika bango 1838–1839, abaNgcwele beziNsuku zokuGcina basuswa eFar West kanye nakwezinye iziza eMissouri futhi bayokwakha e-Illinois.

Izehlakalo Ezibalulekile: Isiza sethempeli sanikelwa futhi namatshe ayisisekelo abekwa. Izambulo eziyisikhombisa ezakhishwa kwiMfundiso neziVumelwano zatholakala (izigaba 113–115; 117–120). UJoseph F. Smith, uMongameli wesithupha weBandla, wazalwa ngomhlaka 13 Novemba ngo 1838, eFar West. IFar West yasebenza isikhashana njengekomkhulu leBandla ngaphansi kukaMprofethi uJoseph Smith.