Amasu Okufunda
2. IGquma iKumora kanye neNdawo yasePalmyra neManchester


2. IGquma iKumora kanye neNdawo yasePalmyra neManchester

Isithombe
isithombe 2

Uma ubheke ngasentshonalanga, lesi sithombe sikhombisa iGquma iKumora eliseManchester, eNew York. Leligquma livela ekhoneni lesithombe elimaphansi elingakwesokudla futhi lihamba licishe lifike maphakathi phezulu nesithombe. Itshe lesikhumbuzo elimhlophe elibonakala ekugcineni ngasenyakatho negquma lihlonipha ingelosi uMoroni kanye nokuvela kweNcwadi kaMormoni. IGquma iKumora litholakala cishe amakhilomitha amahlanu eningizimu esempumalanga nesiXhobo esiNgcwele. Maduze naphezulu kwesithombe kukhona isiGodi sase Palmyra, esiqhele ngamakhilomitha ayisithupha nengxenye. Ipulazi lakwaSmith kanye nesiXhobo esiNgcwele kuhleli ohlangothini olungakwesokunxele olumaphezulu nesithombe.

Izehlakalo Ezibalulekile: Umndeni wakwaMprofethi uJoseph Smith wawuhlala kulendawo ngesikhathi somBono wokuQala (JS—uMl. 1:3). Ngonyaka wama 421 ngemuva kukaKristu, uMoroni wagqiba iqoqo lezingcwephe zegolide eGqumeni iKumora eziqukethe umlando ongcwele wabantu bakubo (Am. kaM. 1:1–11; Morm. 6:6; Moro. 10:1–2). Yena loMoroni watshela uJoseph Smith ukuthi wayezozithola kuphi lezi zingcwephe egqumeni. UMoroni waziletha kuye ngonyaka ka 1827 (Mf&V 27:5; 128:20; JS—uMl. 1:33–35, 51–54, 59).