Amasu Okufunda
8. IKhaya likaJohn Johnson


8. IKhaya likaJohn Johnson

Isithombe
isithombe 8

Ikhaya likaJohn kanye no-Alice Johnson lalitholakala eHiram, e-Ohio. Leligumbi lisesitezi sesibili.

Izehlakalo Ezibalulekile: UMphrofethi uJoseph Smith kanye nomkakhe, u-Emma, babehlala kulendlu. UJoseph kanye noSidney Rigdon bathola umbono omangalisayo wamazinga amathathu enkazimulo kukhona nabanye abambalwa ngomhlaka 16 Februwari ngo 1832 (Mf&V 76). UMphrofethi uJoseph futhi wasebenza ukuHunyushwa kweBhayibheli okwenziwa nguJoseph Smith (HJS) kulelikhaya. Ngobusuku bangomhlaka 24 Mashi ngo 1832, ngesikhathi uJoseph kanye no-Emma behlala lapha, uquqaba lwabachwensi olwalungabahlubuki kanye nababengahambisani namaMormoni bamshaya kakhulu uJoseph kanye noSidney futhi babapenda ngetiyela futhi babamboza ngezimpaphe.