Amasu Okufunda
18. IThempeli laseSalt Lake


18. IThempeli laseSalt Lake

Isithombe
isithombe 18

IThempeli laseSalt Lake, uma ulibuka ngase Nyakatho engase Mpumalanga. Ezinsukwini ezimbalwa emuva kokungena kwesixuku sokuqala sabacabi ababe ngabaNgcwele beziNsuku zokuGcina esiGodini saseSalt Lake, uMongameli uBrigham Young washaya phansi ngentonga yakhe futhi wathi: “Lapha sizolakha ithempeli likaNkulunkulu wethu.” Kwalungiswa isiza sokwakha ngomhlaka 14 Februwari ngo 1853. Ngomhlaka 6 Epreli 1853, amatshe ayisi sekelo abekwa. Leli thempeli laqedwa futhi lanikelwa emuva kweminyaka engamashumi amane ngomhlaka 6 Epreli 1893. UbuMongameli bokuQala kanye nomKhandlu wabaPhostoli abaliShumi namBili bahlangana lapha njalo ngesonto ukuze bazindle futhi bafune ukuboniswa yiNkosi ekuphatheni kanye nasekwakheni umbuso kaNkulunkulu.

Izehlakalo Ezibalulekile: INkosi isinike oMongameli beBandla kanye nabanye abaneGunya eliKhulu eBandleni Lonke ukuthululwa komoya wesambulo lapha, kuhlanganisa neZwi eliGunyaziwe 2. Ikakhulu esikhathini esisand’ ukudlula, ubuMongameli bokuQala kanye nomKhandlu wabaPhostoli abayiShumi namBili bavumelana ngazwi-linye futhi bakhipha “UmNdeni: ISaziso emHlabeni Wonke.” Izimiso zethempeli ezenzelwa abaphilayo kanye nabafileyo sezibusise izimpilo zezigidi.