Amasu Okufunda
12. ITilongo laseLiberty


12. ITilongo laseLiberty

Isithombe
isithombe 12

Yitilongo elalitholakala eLiberty, eMissouri cishe ngonyaka ka 1878. UJoseph Smith kanye nabanye abazalwane abahlanu babegcinwe njengeziboshwa bengenacala ngaphakathi kwezindonga zalo ezingamamitha angu 1.2 ububanzi kusuka ngomhlaka 1 Disemba ngo 1838 kwaze kwaba ngumhlaka 6 Epreli ngo 1839. (USidney Rigdon wakhululwa ekupheleni kukaFebruwari.) Beminyene esitezi sesakhiwo esiphansi noma kwingxenye yesakhiwo ewumgodi wetilongo leziboshwa, babelala edwaleni elibandayo, endaweni yaphansi egcwele ilala bethola ukukhanya okuncane futhi nokuvikeleka okuncane ekubandeni kwasebusika.

Isehlakalo Esibalulekile: UMprofethi uJoseph, enxusela abaNgcwele beziNsuku zokuGcina abayizinkulungwane ababesuswa eMissouri, wathola impendulo emkhulekweni wakhe, ayibhala encwadini eyayiya kwabaNgcwele ababedingisiwe (Mf&V 121–123).