Amasu Okufunda
14. INdawo yokuQongelela iMpahla ka Joseph Smith omNcane yeziTini eziBomvu


14. INdawo yokuQongelela iMpahla ka Joseph Smith omNcane yeziTini eziBomvu

Isithombe
isithombe 14

Lendawo yokubeka impahla kanye nehovisi likaJoseph Smith omNcane eyakhiwe kabusha itholakala eNauvoo, e-Illinois. Kwakungesinye sezakhiwo ezibalulekile eBandleni ngesikhathi saseNauvoo. Yayingasebenzi kuphela njengendawo yokuqongelela impahla, yaba futhi yindawo yosizo lomphakathi, lwezomnotho, lwezokuphathwa kwezwe, kanye nolwezenkolo. UJoseph Smith walondoloza ihovisi esitezini sesibili.

Izehlakalo Ezibalulekile: Ngaphambi kokuba kuqedelwe ithempeli, igumbi eliphezulu lalendawo yokubeka impahla lalisetshenziswa njengegumbi lezimiso, lapho izipho zomoya zonke zokuqala ezanikwa khona. Ngomhlaka 17 Mashi ngo 1842, uMprofethi uJoseph wahlela abesifazane beBandla ukuba babe yiNhlangano yokuSiza.