Amasu Okufunda
16. ITilongo laseCarthage


16. ITilongo laseCarthage

Isithombe
isithombe 16

Yindlu eyitilongo edolobheni laseCarthage, e-Illinois.

Izehlakalo Ezibalulekile: UJoseph Smith kanye nomfowabo uHyrum bahamba baya eCarthage ngomhlaka 24 Juni ngo 1844. Baphonswa kuleli tilongo ngomhlaka 25 Juni ngokubekwa icala lamanga lobumbuka. Ngomhlaka 27 Juni uquqaba lwabachwensi ababeziphende ubuso ngokumnyama balihlasela itilongo. UJoseph kanye noHyrum bobabili badutshulwa bafa, kwathi uJohn Taylor walinyazwa kaningana. Ngokungakholakali, uWillard Richards akazange alimale.