Amasu Okufunda
10. Adamu-ondi-Ahman


10. Adamu-ondi-Ahman

Isithombe
isithombe 10

Ukubheka eningizimu nesigodi sase-Adamu-ondi-Ahman, isigodi esihle, esinokuthula esitholakala eMissouri esenyakatho engasentshonalanga maduze nomphakathi waseGallatin

Izehlakalo Ezibalulekile: Sekusele iminyaka emithathu ngaphambi kokuba afe, u-Adamu wabizela kulesi sigodi abesizukulwane sakhe esilungileyo futhi wabanika isibusiso sakhe sokugcina (Mf&V 107:53–56). Ngo 1838 i-Adam-ondi-Ahman yilapho okwakutholakala khona umphakathi wabaNgcwele beziNsuku zokuGcina ababephakathi kwakhulu amahlanu kanye nenkulungwane. AbaNgcwele bayishiya lendawo ababakhe kuyo ngesikhathi bexoshwa eMissouri. Ngaphambi kokuZa kwesiBili kukaKristu ngenkazimulo, u-Adamu kanye nabesizukulwane sakhe esilungileyo, okuhlanganisa nabaNgcwele bazo zonke izikhathi, bazophinde babuthane futhi kulesi sigodi ukuze bahlangane nomSindisi (Dan. 7:9–10, 13–14; Mf&V 27; 107:53–57; 116).