Amasu Okufunda
Alima, indodana ka-Alima


Alima, indodana ka-Alima

ENcwadini kaMormoni, ungumahluleli wokuqala omkhulu futhi nongumphrofethi esizweni samaNefi. Eminyakeni yakhe yobusha wayefuna ukubhubhisa iBandla (Mosiya 27:8–10). Kodwa, ingelosi yavela kuye futhi waguqulelwa evangelini (Mosiya 27:8–24; Alima 36:6–27). Kamuva wasishiya isikhundla sakhe sokuba ngumahluleli omkhulu ukuze afundise abantu (Alima 4:11–20).

Incwadi ka-Alima

Yincwadi eyahlukene nezinye eNcwadini kaMormoni, equkethe imibhalo efingqiwe yabaphrofethi u-Alima, indodana ka-Alima, kanye nendodana yakhe uHelamani. Izigigaba ezichazwayo encwadini zenzeka kusuka cishe ngonyaka wama 91 kuya kowama 52 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu. Incwadi iqukethe izahluko ezingamashumi ayisithupha nantathu. Izahluko 1–4 zichaza ngothuthuva lwabalandeli baNehori no-Amiliki bevukela amaNefi. Izimpi ezalandela lokho kwakungezibhubhisa kakhulu kuze kufike kuleso sikhathi emlandweni wamaNefi. Izahluko 5–16 ziqukethe indaba yokuhamba kokuqala kuka-Alima njengomfundisi, kukhona nentshumayelo yakhe ngoMalusi oMuhle (Alima 5) nokushumayela kwakhe ndawonye no-Amuleki emzini wase-Amoniha. Izahluko 17–27 ziqukethe umbhalo ngamadodana kaMosiya nobufundisi babo phakathi kwamaLamani. Izahluko 28–44 ziqukethe ezinye zezintshumayelo zika-Alima ezibalulekile. Esahlukweni 32 u-Alima uqhathanisa izwi nembewu; esahlukweni 36 ulandisa indodana yakhe uHelamani ngendaba yakhe yokuguquka. Izahluko 39–42 zibhale ngeseluleko sika-Alima endodaneni yakhe uKoriyantoni, owenza isiphambeko esiphathelene nokuphula imithetho yokulunga; lentshumayelo ebalulekile ichaza ngokulunga, umusa, uVuko, kanye neNhlawulo. Izahluko 45–63 zichaza ngezimpi zamaNefi zangaleso sikhathi futhi nokuya kwelinye izwe ngaphansi kukaHagoti. Abaholi abakhulu abanjengeNduna uMoroni, uTeyankumi, noLehi basiza ekulondolozeni amaNefi ngezenzo zabo ezikhombisa isibindi nezenziwa ngesikhathi esifanele.