Amasu Okufunda
Gadi, indodana kaJakobe


Gadi, indodana kaJakobe

ETestamenteni eliDala, yindodana kaJakobe kanye noZilipa (Gen. 30:10–11). Abozalo lwakhe baba yisizwana sakwa-Israyeli.

Isizwana sakwaGadi

Ukuze ufunde ngesibusiso sikaJakobe endodaneni yakhe uGadi, bheka kuGenesise 49:19. Ukuze ufunde ngesibusiso sikaMose esizwaneni sikaGadi, bheka kuDuteronomi 33:20–21. Ngokwalezi zibusiso, abendlu kaGadi babezoba yisizwe esithanda impi. Imihlaba ababelwa yona ezweni laseKhanani yayisempumalanga noMfula iJordani futhi yayinezwe elihle ledlelo elinamanzi amaningi.