Amasu Okufunda
Genesise


Genesise

Incwadi kaGenesise yincwadi yokuqala eTestamenteni eliDala futhi yabhalwa ngumphrofethi uMose. Inika indaba ngeziqalo eziningi, njengokudalwa komhlaba, ukubekwa kwezilwane futhi nomuntu emhlabeni, ukuWa kuka-Adamu kanye no-Eva, ukwembulwa kwevangeli ku-Adamu, ukuqala kwezizwana kanye nezizwe, umsuka wezilimi ezahlukene eBabele, kanye nokuqala komndeni ka-Abrahama okwaholela ekumisweni kwendlu yakwa-Israyeli. Indima kaJosefa njengomgcini ka-Israyeli iyagcizelelwa kuGenesise.

Isambulo sezinsuku zokugcina siyawuqinisa futhi siyawucacisa umbhalo kaGenesise (1 Nefi 5; Etere 1; Mose 1–8; Abr. 1–5).

Encwadini kaGenesise, izahluko 1–4 zilandisa ngokudalwa komhlaba futhi nokukhula komndeni ka-Adamu. Izahluko 5–10 zibhale ngomlando kaNowa. Izahluko 11–20 zikhuluma ngo-Abrahama kanye nomndeni wakhe kuze kufike esikhathini sika-Isaka. Izahluko 21–35 zilandela umndeni ka-Isaka. Isahluko 36 sikhuluma ngo-Esawu kanye nomndeni wakhe. Izahluko 37–50 zikhuluma ngomndeni kaJakobe futhi zinika indaba kaJosefa ethengiselwa eGibithe futhi nendima yakhe ekusindiseni indlu ka-Israyeli.