Amasu Okufunda
UMfula iJordani


UMfula iJordani

UMfula iJordani uhamba kusuka olwandle lwaseGalile kuya oLwandle olungenaMpilo. Umfula ungamakhilomitha ayikhulu namashumi ayisithupha ubude futhi wenziwa wukuhlangana kwemithombo eminingana esuka eNtabeni iHermoni. Ngumfula obaluleke kakhulu kwa-Israyeli.

Izehlakalo ezimbili ezibalulekile ezihlangene nalomfula wukuhlukaniswa komfula yiNkosi ukuze kuwele abantwana bakwa-Israyeli (Josh. 3:14–17) kanye nokubhabhadiswa kukaJesu Kristu (Math. 3:13–17; 1 Nefi 10:9).