Amasu Okufunda
Isandulelo


IsiHloko zemiBhalo eNgcwele

IziHloko zemiBhalo eNgcwele zichaza izimfundiso, imigomo, abantu, kanye nezindawo ezikhethiweyo ezitholakala eBhayibhelini eliNgcwele, eNcwadini kaMormoni, kwiMfundiso neziVumelwano, kanye nakwiGugu leNani eliKhulu. Zinika futhi izinkomba zemibhalo engcwele eziyizincazelo ukuze ukwazi ukufunda isihloko ngasinye. Lezi ziHloko zingakusiza ekufundeni imibhalo engcwele wena kanye nomndeni wakho. Zingakusiza ukuba uphendule imibuzo ngevangeli, ukuba ufunde izihloko emibhalweni engcwele, ukuba ulungisele ukukhuluma kanye nezifundo, kanye nokuba wandise ulwazi kanye nobufakazi bakho bevangeli.

Lokhu okungezansi kuyincazelo yesibonelo salokho okuphakathi kulencwadi yeziHloko zemiBhalo eNgcwele:

Isithombe
Isibonelo

Umhlaba

Njengoba lisetshenziswa emibhalweni engcwele, igama elithi umhlaba linezincazelo ezimbili: (1) Yiplanethi esihlala kuyo, eyadalwa nguNkulunkulu ngoJesu Kristu ukuze isetshenziswe ngumuntu ngesikhathi sakhe sokuvivinywa sasemhlabeni. Lokho emiselwe kona wukuba ikhazimuliswe futhi iphakanyiswe (Mf&V 77:1–2; 130:8–9). Umhlaba uzoba yifa laphakade lalabo abaphile ngokufanele ukuba bathole inkazimulo yesilestiyali (Mf&V 88:14–26). Bazothokozela ukuba lapho kukhona khona uBaba neNdodana (Mf&V 76:62). (2) Ngokulinganisa, yilabo bantu abangayithobeli imiyalelo kaNkulunkulu.

Udalelwe umuntu

UmKhandlu wabayiShumi namBili

Ukuphela komhlaba

Izihloko zibhalwe ngamaletha agqamile.

Esihlokweni ngasinye kukhona incazelo emfishane.

Ezinye izihloko zinemibhalo yesibili. Lena ibhalwe ngohlobo lwamagama atshekileyo.

Izinkomba zemibhalo engcwele ezihlangene nezihloko zinikwa kubakaki.

Kwesinye isikhathi ulwazi ngodaba oluthile alukho ngaphansi kwesihloko osifunayo. Igama elitshekileyo elithi Bheka isihloko esithi likukhombisa leso sihloko lapho lolo lwazi lutholakala khona.

Kwesinye isikhathi ezinye izihloko kulezi ziHloko ziqukethe ulwazi oluhlangene nesihloko ofunda ngaso. Amagama atshekileyo athi bheka futhi isihloko esithi akukhombisa kulezo zihloko.

Izinkomba ezikusiza ukuba uyiqonde incazelo zikubakaki.

Inkomba ngayinye yandulelwa ngamazwi amafushane acashunywe embhalweni ongcwele noma ekuhlaziyweni kwalowo mbhalo ngcwele.

Igama elitshekileyo elithi Bheka isihloko esithi (noma Bheka futhi isihloko esithi) elilandelwa yilodwi likutshela ukuthi ulwazi lolo lutholakala esihlokweni sesibili (“Ukuphela komhlaba”) sesihloko esikhulu (“Umhlaba”).