Amasu Okufunda
IGugu leNani eliKhulu


IGugu leNani eliKhulu

Umbuso kaNkulunkulu osemhlabeni ufaniswa ne “gugu lenani elikhulu” (Math. 13:45–46).

IGugu leNani eliKhulu ngelinye futhi igama elinikwe enye yezincwadi ezine zemibhalo engcwele ezibizwa ngokuthi “yimisebenzi eyamukelekile” yeBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Ukukhishwa kokuqala kweGugu leNani eliKhulu kwaziswa abantu bonke ngonyaka ka1851 futhi kwakuqukethe ezinye izinto manje esezikwiMfundiso neziVumelwano. Ukukhishwa okuningi okwaziswa abantu bonke kusukela ngonyaka ka1902 kuqukethe (1) okuthathwe ekuhunyushweni kukaGenesise okwenziwa nguJoseph Smith, okubizwa ngokuthi yincwadi kaMose, kanye nokukaMathewu 24, okubizwa ngokuthi nguJoseph Smith—Mathewu; (2) ukuhunyushwa kokusaphepha lokubhalela laseGibithe okwenziwa nguJoseph Smith akuthola ngonyaka ka1835, okubizwa ngokuthi yincwadi ka-Abrahama; (3) okuthathwe emlandweni weBandla kaJoseph Smith awubhala ngonyaka ka1838, okubizwa ngokuthi Joseph Smith—uMlando; kanye (4) nemiBhalo yoKholo, okungamazwi ayishumi nantathu enkolelo kanye nemfundiso.