Amasu Okufunda
Manase


Manase

ETestamenteni eliDala, yindodana endala kunawo wonke ka-Asenati kanye noJosefa owathengiswa eGibithe (Gen. 41:50–51). Yena kanye nomfowabo u-Efrayimi babengabazukulu baJakobe (u-Israyeli) kodwa bemukelwa futhi babusiswa nguye sengathi babengamadodana akhe (Gen. 48:1–20).

Isizwana sikaManase

Uzalo lukaManase lwabalwa kanye nezizwana zakwa-Israyeli (Num. 1:34–35; Josh. 13:29–31). Isibusiso sikaMose sesizwana sikaJosefa, esanikwa futhi naku-Efrayimi kanye noManase, sibhaliwe kuDuteronomi 33:13–17. Izwe ababenikwe lona inxenye yalo yayisentshonalanga neJordani futhi liseduze nelika-Efrayimi. Babenamanye amazwe ababakhe kuwo empumalanga neJordani emhlabeni wedlelo onothileyo waseBashani kanye nowaseGileyadi. Ezinsukwini zokugcina, isizwana sikaManase sizokwelekelela isizwana sika-Efrayimi ekuqoqeni u-Israyeli (Dut. 33:13–17). Umphrofethi waseNcwadini kaMormoni uLehi wayewuzalo lukaManase (Alima 10:3).