Amasu Okufunda
Umbhabhadiso wabantwana abasebancane


Umbhabhadiso wabantwana abasebancane

Ngumkhuba ongadingekile wokubhabhadisa abantwana abancane kanye nezingane ezingakafiki ebudaleni bokukwazi ukuziphendulela, okuyiminyaka eyisishiyagalombili ubudala. INkosi ayiwuthandi umbhabhadiso wabantwana abasebancane (Moro. 8:10–21). Izingane zizalwa zimsulwa futhi zingenasono. USathane akanawo amandla okulinga izingane ezincane zize ziqale ukukwazi ukuziphendulela (Mf&V 29:46–47) ngakho-ke azinaso isidingo sokuphenduka noma sokubhabhadiswa. Izingane kufanele zibhabhadiswe uma sezineminyaka eyisishiyagalombili (Mf&V 68:25–27).