Amasu Okufunda
INcwadi kumaHeberu


INcwadi kumaHeberu

Yincwadi eTestamenteni eliSha. UPawulu wabhala lencwadi eyiqondise kumaJuda angamalungu eBandla ukuze awabonise ukuthi izinxenye ezibalulekile zomthetho kaMose zase zigcwaliseke kuKristu futhi nokuthi esikhundleni sawo kwasekukhona umthetho ophakeme wevangeli likaKristu. Ngesikhathi uPawulu ebuyela eJerusalema ekupheleni komsebenzi wakhe wokufundisa ivangeli wesithathu (cishe ngonyaka wamashumi ayisithupha emuva kukaKristu), wathola ukuthi amalungu amaningi eBandla amaJuda ayesabambelele emthethweni kaMose (IzE. 21:20). Ngalesi sikhathi kwase kuphele okungenani iminyaka eyishumi emuva kokuba umhlangano weBandla owawuseJerusalema wawunqume ukuthi izimiso ezithile zomthetho kaMose zazingadingekile ukuze kusindiswe abezizwe abangamaKristu. Sengathi, masinyane emuva kwalokho uPawulu wabhalela amaHeberu ukuze abakhombise ngemibhalo yabo engcwele futhi nangezizathu eziqinileyo ukuthi kungani kungafanele ukuba baqhubeke nemikhuba yomthetho kaMose.

Izahluko 1 kanye no 2 zichaza ukuthi uJesu mkhulu kunezingelosi. Izahluko 3–7 ziqhathanisa uJesu noMose ngokunjalo nomthetho kaMose futhi zifakaza ngokuthi mkhulu kunalokho kokubili. Zifundisa futhi nokuthi ubuPhristi bukaMelkisedeki bukhulu bunobuka-Aroni. Izahluko 8–9 zichaza ngokuthi izimiso zikaMose zabalungiselela kanjani abantu ukuba bathole ubufundisi bukaKristu futhi nokuthi kwenzeka kanjani ukuthi uKristu abe ngumlamuleli wesivumelwano esisha (Alima 37:38–45; Mf&V 84:21–24). Isahluko 10 yisiyalo sokuba bazikhandle futhi bathembeke. Isahluko 11 yintshumayelo ngokholo. Isahluko 12 sinika izexwayiso kanye nezibingelelo. Isahluko 13 sikhuluma ngokuhlonipheka komshado futhi nangokubaluleka kokwenza okushiwoyo.