Amasu Okufunda
INcwadi kuThithu


INcwadi kuThithu

Ngesikhathi uPawulu esakhululekile okwesikhashana ekuvalelweni etilogweni kwaseRoma, wabhala incwadi kuThithu, owayeseKrethe. Lencwadi ikakhulu ibhekene nemibuzo ephathelene nokulungiswa kwangaphakathi kanye nokuhlelwa kweBandla.

Isahluko 1 siqukethe isibingelelo sikaPawulu ngokunjalo neziyalo kanye nokufanela kwababhishobhi. Izahluko 2–3 ziqukethe izimfundiso ezijwayelekile kanye nemiyalezo yomuntu uqobo ebhekiswe kuThithu ngokuphathwa kwabantu abanhlobonhlobo eBandleni laseKrethe. UPawulu wabakhuthaza abaNgcwele ukuba banqobe inkani, babe nesizotha futhi bathembeke, futhi babambelele emisebenzini emihle.