Amasu Okufunda
IziNdaba zeVangeli


IziNdaba zeVangeli

Yimibhalo emine noma wubufakazi bempilo kaJesu yasemhlabeni futhi nezehlakalo eziphathelene nobufundisi Bakhe konke okuqukethwe yizincwadi ezine zokuqala zeTestamente eliSha. Wubufakazi obubhaliweyo bempilo kaKristu obubhalwe nguMathewu, nguMarku, nguLuka, kanye noJohane. Incwadi ka 3 Nefi eNcwadini kaMormoni iyafana ngezindlela eziningi nalezi ziNdaba zeVangeli zeTestamente eliSha.

Lezi zincwadi zeTestamente eliSha ekuqaleni zazibhalwe ngesiGriki. Igama lesiGriki levangeli lisho “izindaba ezinhle.” Izindaba ezinhle wukuthi uJesu Kristu usenze inhlawulo ezokhulula bonke abantu ekufeni futhi izuzise umuntu ngamunye ngokwemisebenzi yakhe (Joh. 3:16; Roma 5:10–11; 2 Nefi 9:26; Alima 34:9; Mf&V 76:69).

Bheka futhi isihloko esithi UkuVumelana kweziNdaba zeVangeli esithasiselweni.