Amasu Okufunda
Lehi, uyise kaNefi


Lehi, uyise kaNefi

ENcwadini kaMormoni, ngumphrofethi ongumHeberu owahola umndeni wakhe kanye nabalandeli bakhe esuka eJerusalema eya ezweni lesethembiso entshonalanga cishe ngonyaka wama 600 ngaphambi kukaKristu. ULehi kwakungumphrofethi wokuqala phakathi kwabantu bakhe eNcwadini kaMormoni.

ULehi wabaleka eJerusalema kanye nomndeni wakhe ngomyalelo weNkosi (1 Nefi 2:1–4). Wayengowozalo lukaJosefa, owathengiswa eGibithe (1 Nefi 5:14). INkosi yamnika umbono wesihlahla sokuphila (1 Nefi 8:2–35). ULehi kanye namadodana akhe bakha umkhumbi futhi bahamba ngawo baya entshonalanga (1 Nefi 17–18). Yena kanye namadodana akhe bakha ezweni elisha (1 Nefi 18:23–25). Ngaphambi kokuba afe, uLehi wawabusisa amadodana akhe futhi wawafundisa ngoKristu kanye nokuvela kweNcwadi kaMormoni ezinsukwini zokugcina (2 Nefi 1:1–4:12).

Incwadi kaLehi

UJoseph Smith waqala ngencwadi kaLehi ngesikhathi ehumusha iNcwadi kaMormoni. Kwakungumbhalo uMormoni ayewufingqile ezingcwepheni zikaLehi. Emuva kokuba esenamakhasi ayikhulu neshumi nesithupha ombhalo olotshwe ngesandla ayesewuhumushe kulencwadi, uJoseph wawunika uMartin Harris, owayesebenze njengombhali kaJoseph ekuhunyushweni kweNcwadi kaMormoni. Lamakhasi abe eselahleka. UJoseph akazange ayihumushe futhi incwadi kaLehi ukuze abuyisele umbhalo olotshwe ngesandla kodwa esikhundleni salokho wahumusha ezinye izindaba ezihlangene nayo ezingcwepheni zegolide (bheka izingeniso kuMf&V 3; 10). Lezi ezinye izindaba manje sesiyizincwadi zokuqala eziyisithupha zeNcwadi kaMormoni.