Amasu Okufunda
Etere


Etere

Ngumphrofethi wamaJarede wokugcina eNcwadini kaMormoni (Etere 12:1–2).

Incwadi ka-Etere

Yincwadi eNcwadini kaMormoni equkethe izinxenye zombhalo wamaJarede. AmaJarede kwakuyiviyo labantu elalihlala ngasentshonalanga emakhulwini amaningi eminyaka ngaphambi kwabantu baLehi. Incwadi kaEtere yathathelwa ezingcwepheni ezingamashumi amabili nane ezazitholwe ngabantu baLimihi (Mosiya 8:8–9).

Izahluko 1–2 zikhuluma ngokuthi amaJarede alishiya kanjani ikhaya lawo ngesikhathi somBhoshongo waseBabele futhi aqala uhambo lwawo olwaluya kuleyondawo eseyaziwa manje ngokuthi yizwekazi laseMelika. Izahluko 3–6 ziyachaza ukuthi umfowabo kaJarede wabona umSindisi ngaphambi kokuba eze emhlabeni futhi nokuthi amaJarede ayehamba ngezikebhe eziyisishiyagalombili. Izahluko 7–11 ziyaqhubeka nokulandisa ngomlando wobubi obabubusa kakhulu emlandweni wamaJarede. UMoroni, owahlela umbhalo ka-Etere, wabhala ezahlukweni 12–13 ngezimangaliso ezenziwa ngokholo futhi nangoKristu futhi nangeJerusalema eNtsha ezayo. Izahluko 14–15 zikhuluma ngokuthi amaJarede kwenzeka kanjani ukuba abe yisizwe esikhulu kodwa abhujiswa wukulwa wodwa ngenxa yobubi.