Amasu Okufunda
Nebukadinesari


Nebukadinesari

ETestamenteni eliDala, yinkosi yaseBabiloni (ngonyaka ka 604–561 ngaphambi kukaKristu) owanqoba abakwaJuda (Ⅱ AmaKh. 24:1–4) futhi wavimbezela iJerusalema (Ⅱ AmaKh. 24:10–11). Umphrofethi uLehi wayalwa ukuba abaleke eJerusalema cishe ngonyaka ka 600 ngaphambi kukaKristu ukuze agweme ukuthunjwa eBabiloni (1 Nefi 1:4–13) ngesikhathi uNebukadinesari eyisa kude iNkosi uSedekiya kanye nabantu (Ⅱ AmaKh. 25:1, 8–16, 20–22). UDaniyeli wahumusha iphupho likaNebukadinesari (Dan. 2; 4).