Amasu Okufunda
Luka


Luka

Ngumbhali weVangeli likaLuka kanye nencwadi yeZenzo eTestamenteni eliSha futhi ngumfundisi okanye noPawulu. Wazalwa ngabazali bamaGriki futhi wayelapha (Kol. 4:14). ULuka wayefundile kakhulu. Wazibiza njengalowo okanye nomPhostoli uPawulu ngesikhathi ezihlanganisa noPawulu eTrowa (IzE. 16:10–11). ULuka wayekanye noPawulu futhi eFiliphi ohambeni lokugcina lukaPawulu oluya eJerusalema (IzE. 20:6), futhi bobabili babendawonye baze bafika eRoma. ULuka wayekanye noPawulu futhi ngesikhathi sokuvalelwa kwakhe kwesibili etilongweni laseRoma (Ⅱ Thim. 4:11). Ngokwendaba ethathwe kokhokho kuthiwa wafa njengomfelukholo.

IVangeli likaLuka

Yindaba eyabhalwa nguLuka kaJesu Kristu kanye nobufundisi Bakhe basemhlabeni. Incwadi yeZenzo zabaPhostoli wukuqhubela phambili kweVangeli likaLuka. ULuka washiya indaba ebhalwe kahle yobufundisi bukaJesu, ebonakalisa uJesu njengomSindisi wabaJuda kanye nowabeZizwe. Wabhala okuningi ngezimfundiso zika Jesu nangezenzo Zakhe. KuLuka yikhona kuphela lapho sithola khona izindaba zokuhambela kukaGabriyeli kuZakariya kanye nakuMariya (Luka 1); ukuhambela kwabelusi enganeni uJesu (Luka 2:8–18); uJesu esethempelini eneminyaka yobudala elishumi nambili (Luka 2:41–52); abangamashumi ayisikhombisa abayalwa futhi bathunyelwa (Luka 10:1–24); uJesu ejuluka igazi (Luka 22:44); ingxoxo kaJesu kanye nesela esiphambanweni (Luka 23:39–43); kanye nokudla kukaJesu inhlanzi kanye noju emuva koVuko Lwakhe (Luka 24:42–43).

Ukuze uthole uhla lwezehlakalo empilweni yomSindisi njengoba zichaziwe eVangelini lika Luka, bheka isihloko esithi ukuVumelana kweziNdaba zeVangeli esithasiselweni.