Amasu Okufunda
Davide


Davide

Yinkosi yakwa-Israyeli wasemandulo eTestamenteni eliDala.

UDavide wayeyindodana kaJese wesizwana sikaJuda. Wayengumfana owayenesibindi owabulala ingonyama, ibhele, futhi nomdondoshiya wamaFilisti (Ⅰ Sam. 17). UDavide wakhethwa futhi wagcotshwa ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli. NjengoSawule, ebudaleni bakhe waba namacala ezono ezinzima, kodwa, ngokungafani noSawule, wayekwazi ukuzisola ngeqiniso. Ngakho-ke wakwazi ukuthola ukuthethelelwa, ngaphandle kwasekubulaweni kuka-Uriya (Mf&V 132:39). Impilo yakhe ingahlukaniswa izingxenye ezine: (1) eBetlehema, lapho ayengumelusi khona (Ⅰ Sam. 16–17); (2) egcekeni leNkosi uSawule (Ⅰ Sam. 18:1–19:18); (3) njengombaleki (Ⅰ Sam. 19:18–31:13; Ⅱ Sam. 1); (4) njengenkosi phezu kukaJuda eHebroni (Ⅱ Sam. 2–4), futhi emva kwesikhathi njengenkosi phezu kuka-Israyeli wonke (Ⅱ Sam. 5–24; Ⅰ AmaKh. 1:1–2:11).

Isono sikaDavide sokuphinga noBati-Sheba salandelwa wukulandelana kwamashwa onakalisa impilo yakhe yeminyaka yokugcina engamashumi amabili. Isizwe sonke saphumelela ngesikhathi sokubusa kwakhe, kodwa uDavide yena wezwa ubuhlungu bemiphumela yezono zakhe. Kwakuhlala njalo kunemibango emndenini, okwagcina ngokuvukela okusobala kuka-Abisalomu kanye no-Adoniya. Lezi zehlakalo zaba wukugcwaliseka kokwashiwo nguNathani umphrofethi phezu kukaDavide ngenxa yesono sakhe (Ⅱ Sam. 12:7–13).

Noma kwakukhona lezi zidumo, ukubusa kukaDavide kwaba ngokuhle kakhulu emlandweni wakwa-Israyeli, ngoba (1) wahlanganisa izizwana zaba yisizwe esisodwa, (2) wathola ubunini bezwe obungenakuphikiswa, (3) wamisa umkhandlu ophetheyo enkolweni yeqiniso ukuze intando kaNkulunkulu kube wumthetho wakwa-Israyeli. Ngenxa yalezi zizathu, ukubusa kukaDavide kamuva kwathathwa njengesikhathi sesizwe esihle kakhulu futhi nohlobo lwesikhathi esihle ngokwedlulele ngesikhathi kwase kuzofika uMesiya (Isaya 16:5; Jer. 23:5; Hez. 37:24–28).

Impilo kaDavide ibonisa isidingo sokuba bonke abantu babekezele ekulungeni kuze kube sekugcineni. Esengumfana, kwakuthiwa wayeyindoda eyayisenhliziyweni yeNkosi (Ⅰ Sam. 13:14); eseyindoda wayekhuluma ngoMoya futhi waba nezambulo eziningi. Kodwa wezwa ubuhlungu kakhulu ngenxa yokungahloniphi kwakhe imiyalelo kaNkulunkulu (Mf&V 132:39).