Amasu Okufunda
Joshuwa


Joshuwa

Ngumphrofethi waseTestamenteni eliDala futhi nomholi, futhi nguye owalandela uMose. Wazalelwa eGibithe ngaphambi kokuba abantwana bakwa-Israyeli babaleke (Num. 14:26–31). Yena kanye noKalebi babephakathi kwezinhloli ezilishumi nambili ezazithunyelwe eKhanani. Yibo kuphela abanikeza umbiko omuhle wezwe (Num. 13:8, 16–33; 14:1–10). Wafa eseneminyaka yobudala eyikhulu neshumi (Josh. 24:29). UJoshuwa wayeyisibonelo esihle kakhulu somphrofethi okhuthazele ukukhonza uNkulunkulu kanye neqhawe.

Incwadi kaJoshuwa

Lencwadi ibizwa ngoJoshuwa ngoba wayengumuntu omkhulu kuyo hhayi ngoba wayengumbhali wayo. Izahluko 1–12 zichaza ngokunqotshwa kweKhanani; izahluko 13–24 zikhuluma ngezizwana zakwa-Israyeli zihlukanisa izwe kanye nangezeluleko zokugcina zikaJoshuwa.

Amavesi amabili encwadini kaJoshuwa aziwayo angomyalelo weNkosi kuye ukuba azindle ngemibhalo engcwele (Josh. 1:8) kanye nokubiza abantu kukaJoshuwa ukuba bathembeke eNkosini (Josh. 24:15).